Pro-activity										Zulu																

Isimo (uphawu) somlimi omuhle 



Instructions: 

Folio strap: Ukuphatha 

Byline: UPhonnie du Toit, ARC-GCI 

Exploding quote: Ovuka ekuseni uthola ukudla kuqala. 



Abaningi abalimi bahluleka ukubamba izintambo ngesikhathi esifanelekile sokunciphisa izindleko, noma ukubona nokubamba ithuba elivelayo lokuthola inzuzo enhle, ngoba abazithathi izinyathelo ezifanelekile lapho kufika isikhathi esifanelekile. 



Ngesinye isikhathi bavelelwa ingozi edalwa yizinto zemvelo, njengesichotho noma izulu elina kakhulu eliguguleka nomhlabathi ngoba bayakhohla ukuthi “kungcono ukuvimba isifo nokuzama ukusilapha”.



Ukuthatha izinyathelo zokuvimba kusho ukuthi ufanele ube namasu abheke phambili, futhi uzenze lezo zinto ezizovimba izingozi ezingavela. Lapho ufisa ukuphatha ukulima nokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu ngendlela efanelekile, lokhu kubalulekile. Ikhalenda lomsebenzi wakho epulazini lakho (izikhathi zokwenza imisebenzi ethile) lifanele libe isikhombandlela somsebenzi ofanele wenziwe ebhizinisini lakho lokulima ngesikhathi esifanelekile. Isikhathi esihle sokutshala (lokhu kungumsebenzi omkhulu epulazini lakho) singaba ekuqaleni kwaJuni uma utshala ukolo noma ekuqaleni kwaNovemba uma utshala izitshalo ezimila ehlobo. Zonke izikhombandlela nemisebenzi ezokwenziwa ezinyangeni ezingaphambi kokutshala kuzoqonda kulolo suku lokutshala. Cabangela ngaphambili (lungisa kusenesikhathi) njalonjalo. 



Ilisti sezinto ezifanele zenziwe ngaphambi kokufika isikhathi sokutshala: 

Ukuhlola njalo 

Lokhu kungumsebenzi oqhubeka njalo futhi ubalulekile ngoba kusiza umlimi ukwenza izinto ngaphambi kwesikhathi. Izinto azinake ngalo nyaka kungamsiza ukungaphindi ukwenza amaphutha futhi ukuthatha izinyathelo ezifanelekile ngonyaka ozayo. Isibonelo: izinhlobo zokhula azibone lo nyaka zizomsiza ukukhetha izinhlobo zamakhemikeli ezifanelekile ngonyaka ozayo. Lapho wehlulekile ukunaka nokubona izinkinga ngalo nyaka, zizophinda zivele zikhule ngonyaka ozayo. 



Lungiselela noma shintsha uhlelo lwakho lokukhiqiza (indlela yokusebenza) 

Phinda futhi uhlole amandla omhlabathi ukukhiqiza bese ubale kahle inani lamahektheli oqonde ukuwatshala. Hlola ukuthi imakete ithini bese ukhethe izinhlobo zezitshalo ezizokulethela inzuzo enhle. Hlanganisa noma linganisa isimo sezimali (ibhajete) ubhale phansi isilungiselelo (icebo) sokukhiqiza ephepheni. 



Sebenzisa amathuba amahle avelayo kumakete 

Ezikhathini zamanje kubalulekile ukukhetha ibhizinisi elimaketayo elithembekile lapho usayina inkontilaki. Inkontilaki izokuvikela lapho intengo yokudla ikhuphuka noma iyehla. Bopha inkontilaki yesitshalo esithile uzame ukuthola intengiso enhle njalo.



Thola iloni lokukhiqiza (boleka imali) 

Kuzofuneka ukuthi uthole iloni uma uqonda ukutshala indawo enkulu edlula imali onayo. Ungabothatha isikhathi eside sokuya endaweni lapho kutshelekwa khona imali, yiya masinya emva kokulungisa iplani lakho lokukhiqiza. Umsebenzi wokutsheleka imali nokuthola imvume kuvama ukuthatha isikhathi. 



Lungiselela inkontilaki nomkhontilaki othembekile 

Lapho ungenalo ikhono lokuzilimela nokuzitshalela, sayina inkontilaki kusenesikhathi nomkhontilaki. Qinisa ukuthi ukuthi izinto zokulima (ogandaganda namageja) zizotholakala ngesikhathi uqonda ukulima nokutshala. Ngaphambi kokusayina inkontilaki, zama ukuhlolisisa imishini yomkhontilaki ukubona ukuthi ziphilile noma qha. Khumbula, uma imishini iphuka ngesikhathi sokulima nokutshala kungakudalela ingozi ngoba isikhathi siyahamba. 



Ukulungisa imishini ngaphambi kwesikhathi 

Isikhathi esihle sokubheka nokulungisa imishini yakho yileso sikhathi lapho usuqede ukulima nokutshala. Uma ushiya ukwenza lokhu kusenesikhathi kungenza ukuthi mhlawumbe ukhokhe imali eningi ukuyilungisa ngoba kuzodingeka ukuthi ilungiswe ngokushesha ngoba isikhathi esifanelekile sokutshala sibalulekile. Lapho ulungisa, ubeka imishini ehlanzekile ngendlela ezovimba ukuthomba, akungeke kudingeke isikhathi eside sokuyilungisela ukuqala ukutshala. 



Izindlela zokulondoloza umhlabathi 

Hlola zonke izakhiwo ezivimba amanzi njengamakontula nezindlela ezihambisa amanzi. Thola isikhathi sokulungisa lezi zakhiwo ungaze uvelelwe ingozi, ulahlekelwe umhlabathi omuhle ngesikhathi kuqala ukuna. Uma ufuna ukwakha izakhiwo ezinsha, qala masinya ngomsebenzi. Izindlela zokulondoloza umhlabathi zidinga ucabange kahle futhi zidinga isikhathi isikhathi. 



Ukuthenga izinto zokuqala ukutshala 

Sisebenzise kahle isikhathi sokuyothenga izinto ezidingekayo. Linganisa izintengo ezahlukile bese uzame ukuthola intengo ephansi ukuze izindleko zokutshala ihektheli zingakhuphuki kakhulu. Hlola futhi ngesikhathi izitshalo zisamila ukuthi yiziphi izinto ezisebenza kahle bese ukhethe lezo ezinhle ozozisebenzisa ngonyaka ozayo. Ungesabi ukucindezela labo abathengisayo ukuze uthole konke okudingekayo ngesikhathi enivumelane naso. 



Khumbula, kukhona izazi eziningi nabantu abahlakaniphile abazokusiza ngayo yonke le misebenzi. Kodwa ungagijimeli kubo ngo-99 lapho isikhathi sesiphelile. Zilungisele uthintane nabo NAMUHLA! 

