Prices 											Zulu

Ukubheka ngamanye amehlo ukukhuphuka kwentengo yokudla

Instructions: 

Folio strap: Intengo yokudla

Byline: USakkie van Zyl, isazi sezomnotho: Market research (uCorné Louw uyabongwa ngokunikeza inani lezintengo ledizili neleyuriya njalo ngenyanga) 

 

IGrafu 1: Isinkwa esimhlophe (700 g)

Ukolo waseSafex 

 Iindeksi

 Inyanga

IGrafu 2: Iyuriya (Urea)

 Ukolo waseSafex 

 IDizili

 Iindeksi

 Inyanga

IGraph 3: Isinkwa esimhlophe (700 g)

 Impuphu

 Iyuriya

 Idizili

 Isimo – isinkwa esimhlophe

 Isimo - iyuriya

 Iindeksi

 Inyanga 



Ukukhuphuka kwentengo yokudla, kakhulukazi lowo kudla okuvama ukudliwa kakhulu, bekusemathini abathengi ngezinyanga ezidlule, futhi abathengi bakhathazekile ngenxa ukukhuphuka kwentengo yesinkwa. Kuthiwa ukuthi izizathu zokukhuphuka kwentengo ngukukhuphuka kwentengo yalezo zinto zezolimo emhlabeni jikelele futhi ngukushoda kwalezo zinto ezweni lethu. 



Uma kulinganiswa intengiso yeSafex nentengiso yesinkwa ezinyangeni ezedlule, kuyabonakala ukuthi intengiso kakolo ikhuphuke masinya ukwedlula intengiso yesinkwa (IGrafu 1). Kuyakhanya ukuthi intengo yokudla isazokhuphuka kakhulu ezinyangeni ezizayo. Abathengi bayahlupheka ngokwamanje, kodwa kungathi basazophatheka kabi ezinyangeni ezizayo. 







IGrafu 1: Iindeksi yentengo yesinkwa ngokusuka kwaJanuwari 2000. 

Izisusa: IGrain SA, iSafex neStatistics South Africa (kususwe kwiSagis webpage). 



Ingxenye yentengo yezinto zokudla ezivela kwezolimo yenze ukuthi abantu abaningi abanolwazi bacabanga ukuthi ukukhiqiza ukudla okuzinhlamvu kushibhile futhi kuletha inzuzo enkulu.. Labo abalimi abaphumelele ngeminyaka edlule ngokuqhubeka ngokulima kwabo ezikhathini ezabanzima ngenxa yintengiso ebengaphansi nokoma ebekuletha ingozi, baphefumula kangconywana kwamanje. Kodwa, uma sibheka ukukhuphuka kwezindleko zokuqala ukulima, ukwehla kwenani lentengo lokudla kungaba iphupho-nje. 



IGrafu 2 likhombisa ukuthi ngesikhathi ngaphakathi kwa-2004 na-2007, intengo kakolo ayizange ilingane nokukhuphuka kwentengo yedizili nakamanyolo – lokhu kuyinto engazange ikwazi ukusebenza. Intengo engaphansi eholwe ngabakhiqizi nokukhuphuka kwezindleko zokuqala ukutshala kwenze ukuthi abalimi abaningi sebayekile ukutshala ukudla okuzinhlamvu. Lokhu akusiyo into inhle uma sibheka ikusasa labalimi abasakhulayo – kufanele ukuthi ukukhiqiza ukudla okuzinhlamvu kubenenzuzo enhle ukuze abalimi abasha bakwazi ukuqala nokuqhubeka ukulima. 



Ukukhuphuka kwentengo yokudla okwenzekile ngokwamanje kwenze ukuthi abalimi inkolo encane yokuphumelela, kodwa ukukhuphuka kwezindleko sekuphinde kwabacindezela – abalimi sebathola ukuthi kunzima ukukhiqiza ukudla okuzinhlamvu uma befuna ukuthola inzuzo. 



 

IGrafu 2: Iindeksi lentengo yeyuriya, yedizili nekakolo ngokusuka kwaJanuwari 2000.

Izisusa: IGrain SA, iSafex neStatistics South Africa (kususwe kwiSagis webpage). 



IGrafu 3 lilinganisa iindeksi lentengo yezindleko zokuqala ezinjengedizili neyuriya nentengo yesinkwa nempuphu. Kukhanya kahle ukuthi abalimi bebalwa kakhulu nokukhuphuka kwezindleko zokuqala ukutshala uma kulinganiswa nokukhuphuka kwentengo yokudla ekhathaza abathengi. Inani lokuthengisa ukudla okuzinhlamvu kuzofanele kusebenze kahle ukuze kukhiqizwe ukudla okuningi ngendlela elingana nenani lezindleko lokuqala ukutshala – ngaphandle kwalokhu abathengi bazocindezelwa ukukhokha imali eningi ukuthenga ukudla. 



 

IGrafu 3: Iindeksi lentengo yesinkwa esimhlophe, yempuphu, yeyuriya neyedizili ngokusuka kwaJanuwari 2000.

Izisusa: IGrain SA, iSafex neStatistics South Africa (kususwe kwiSagis webpage). 



Ngokuvalelisa

Ngeqiniso, ukukhuphuka okukhulu kwentengo yokudla okuvama ukudliwa kakhulu kudalwe ngukunganaki kahle kwaHhulumeni ukuphakamisa ipholisi elifanelekile eliqondene nokwezolimo, ngaphezu kwalokho uHulumeni ubhekeka ngokuthi uhlulekile ukusebenzisa lawo mapholisi abekwe etafuleni isikhathi eside. Abakhiqizi (abalimi) abangeke bakwazi ukukhiqiza ukudla ukudlisa abantu emhlabeni wethu ngokwabo bodwa – kufanele bathole usizo ofanelekile kuHulumeni. 

