Practice										Zulu



Uyazenza izinto esikufundisile?



Instructions

Folio strap: Ukuqeqesha

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu lokuThuthukisa Abalimi leGrain SA



Ungahambisa ihhashi emanzini, kodwa awukwazi ukulitshele ukuthi liphuze uma lingafuni! Ngonyaka odlule abantu abangaphezu kwa-2 000 bangene ezifundweni zokuqeqesha ezifundiswa yiFarmer Development Programme leGrain SA. Mhlawumbe manje kuyisikhathi esihle sokuzibuza – zinjani izimpumelelo zalokhu kuqeqesha uma sibheka izindlela bonke laba bafundi balima ngazo emapulazini abo? 



Uma uyile esifundweni sokuqala esifundisa ukuqala ukukhiqiza ukudla (ummbila, ubhekilanga, noma amabele), sicela ukuthi uzibuze imibuzo elandelayo: 

Umhlabathi lapho ngikhiqiza khona ukudla uluhlobo olunjani?

Ngitshale amahektheli amangaki?

Ukujula komhlabathi wami kungakanani lapho kungamila khona izitshalo?

Sinjani isimo se-pH somhlabathi wami?

Sinjani isimo sokudla kwezitshalo emhlabathini wami (N, P noma K)?

Lingakanani inani lemvula elivama ukuna endaweni lapho ngilima khona?

Ngokuvamile, ngingathemba ukuthola umvuno ongakanani ngonyaka endaweni lapho ngilima khona?

Kukhona umhlabathi oqinile ngaphansi kokujula kokulima emasimini ami?

Ngitshale siphi isitshalo futhi bekuyisitshalo esifanelekile ngaleso sikhathi?

Yisiphi isikhathi esihle sokutshala? Kungani leso sikhathi sibe esihle?

Ngiqonde kanjani ukukhetha umanyolo othile futhi nokuqonda ukuthi ngifanele ngithele umanyolo ongakanani?

Ngitshale inhlobo yesitshalo enjani futhi kungani ngekhethe leyo nhlobo?

Bengifuna ukutshala inani lezitshalo elingakanai?

Ekugcineni kumile izitshalo ezingakanani?

Bengiqonde ukuthela umanyolo ongakanani futhi umphumelo wabanjani?

Ngithathe ziphi izinyathelo zokuphatha izilokazane nezifo emasimini ami?

Ukhula ngiluphathe kanjani?

Ngiyazi ukuthi yiziphi izinhlobo zokhula ezidala ingozi emasimini ami?

Lingakanani inani lemali engyikhokhile ukutshala lokhu kudla?

Lingakanani inani lentengiso ngethani engilitholile? Futhi kulingana kanjani nenani elitholwe ngabanye abalimi?

Umvuno ubize malini ngehektheli?

Umvuno ubize malini ngethani?

Emva kokuvuna lezi zitshalo, ngiqonde ukutshala siphi isitshalo kuleyo nsimu ngonyaka ozayo? 

Ngizoyithola kuphi imali yokutshala ukudla konyaka ozayo?

Ogandaganda bami bazokwazi ukulima izindawo engiqonde ukuzilima?

Ngizoba nekhono ukwenza wonke umsebenzi ngesikhathi esifanelekile?

Nginayo yonke imishini edingekayo ukukhiqiza ukudla okuthile?



Lapho ungakwazi ukuphendula le mibuzo kungakusiza ukubuyela ubheke ufunde imenyuwali lakho noma kuzodingeka ukuthi ubuyele esifundweni sokuqeqesha esisha. Konke lokhu kuyizinto ezibalulekile, izinto ofanele uqale ngazo ekulimeni uma uqonde ukuba umlimi wezomnotho – kufanele ukwazi ukuphendula yonke imibuzo engaphezulu. 



Kukhona imihlangano eminingi esebenzisa amasimu abalimi abasakhulayo: 

Unawo amasimu?

Ngubani olima kulowo masimu?

Uqonde ukwenzani ngalawo masimu ngakusasa?

 

Sicela ukuthi uzibuze le mibuzo ukuze uthole imphendulo ekhanyayo mayelana nokuthuthuka kwakho ukuba umlimi osafuna ukukhula – ngeliqiniso, ufuna ukuba umlimi noma ufuna ukuhlala phansi uhole nje inzuzo ngoba ungumnini wamapulazi ongafiki kulawo mapulazi? 



