Planter 1 (OPOT) 								Zulu

Umsebenzi wepulantela

 

Instructions:

Folio strap: 

Byline: Imininingwane itholakale esifundweni seAgricultural Contracting 

 

Ipulantela lakhiwe ukufaka izimbewu nomanyolo emhlabaithini ngendlela eqondile ukuze izimbewu zihlume kahle futhi zingasondeleni kakhulu futhi zithole umanyolo ofanelekile. Bheka izinto ezilandelayo: 



Ububanzi ngaphakathi kwemisele. 

Ububanzi ngaphakathi kwezimbewu emseleni. 

Ukujula, inani nendawo lapho kufakwa khona umanyolo. 

Ukujula nendawo lapho kubekwa khona izimbewu. 

Ukuthintana kwezimbewu nomhlabathi omanzana. 



Ipulantela lisikela ngaphakathi komhlabathi, livula umhlabathi, lifaka imbewu ngaphakathi kwaleyo ndawo evulekile, livala imbewu ngomhlabathi futhi licindezela umhlabathi kancane ukuze kubekhona ukuthintana okuhle ngaphakathi kwembewu nomhlabathi onomswakamo. 



Kukhona izinhlobo zamapulantela ezahlukene kodwa ekugcineni ziqonde ukwenza umsebenzi ofanayo – kukhona isakhi esivula umhlabathi, kukhona indlela yokufaka umanyolo bese kukhona indlela yokuthatha imbewu nokuyifaka emhlabathini ngendlela nangenani elifanelekile. 



Izinto ezibalulekile ezifanele uzikhumbule 

Ngokwejwayelekile umanyolo ufakwa emhlabathini ngaphambi kwezimbewu – lokhu kuyaqinisa ukuthi izimbewu nomanyolo akuthintani ngoba lokhu kuzokwenza ukuthi izimbewu zingahlumi kahle. 

Kanjalo-ke, umanyolo ubekwa ngaphansi kwezimbewu. (Isakhi sokuvula umhlabathi lapho kubekwa khona umanyolo side futhi sisika ngokujula. Isakhi esifaka izimbewu simfushane futhi singaseceleni bese imbewu ibekwa ngaphezulwana emhlabathini.) 

Ingxenye yomhlabathi ingawela phezu kwembewu emva kokutshalwa kodwa kungenzeka ukuthi kubekhona izikhala ngaphakathi kwezimbewu nezinhlayiya zomhlabathi. Ukuqinisa ukuthi izimbewu nomhlabathi kuthintana kahle (kubalulekile ngoba izimbewu zifanele zikwazi ukumunya umswakamo ukuqala ukumila), kuzodingeka ukucindezela umhlabathi kancane. Lokhu ukucindezela kwenziwa lawo masondo abizwa ngokuthi amasondo acindezelayo. 

