Planter 2 (Maize) 									Zulu

Ipulantela – kufanele wazi izakhi zalo

 

Imilayezo: 

Folio strap: Okwezemishini 

Byline: Imininingwane itholwe kwesifundo seAgricultural Contracting 

Photos: 

Itshesi

Amasondo

Isondo elihambisa amandla 

Amapuleti omoya epulantela

Okuhambisa umanyolo (Auger)

Okuvulela umsele wezimbewu 

Okuvulela umsele

Ummese oyidiski osikayo

Amadiski avikelayo (avalayo)

Amasondo acindizelayo 



Ulwazi lwakho mayelana nezakhi ezingxenye zepulantela lungakanani?

Funda lokhu okubhaliwe lapha ukuze uphinde uphakamise ulwazi lwakho mayelana nezakhi zepulantela. Zonke izakhi ziyakhonjiswa futhi umsebenzi wazo uyachazwa.



Itshesi (chassis) 

Lokhu kunguluphahla lapho isakhi sepulantela siboshelwe khona, futhi kuphambana nalapho ipulantela lizoboshelwa kugandaganda. 



Amahophela (hoppers) 

Lokhu yizinto eziphatha izimbewu nomanyolo. Zakhiwe ngepulastiki eliqinile noma zakhiwe ngensimbi. 



Amasondo 

Lokhu kungamasondo ipulantela lihamba ngawo. 



Isondo elihambisa amandla 

Leli sondo lihanjiswa lapho lithintana nomhlabathi ngesikhathi ipulantela lidonswa. Leli sondo ligijima ngokufana kogandaganda. Umsebenzi waleli sondo ngukusebenzisa zonke ezinye izakhi zepulantela – izinto ezinjengalezi ezabela inani lezimbewu nelikamanyolo. 



Okudlulisela amandla (gears) 

Ukuze uzokwazi ukulinganisa ispidi sezakhi ezithela izimbewu nomanyolo, kukhona uhlelo lwamageri namasphrokethe olusebenzayo. Konke lokhu kungahlanganiswa ngendlela ezonikeza inani lezimbewu nelikamanyolo elifanelekile. 



Izakhi ezilinganisa inani lokutshala izimbewu 

Kukhona amapuleti ahlukahlukene ahambelana nezinhlobo zezimbewu nobukhulu bazo (asikhulumi lapha ngamapulantela asebenzisa umoya ukutshala izimbewu). 

Izakhi ezilinganisa inani likamanyolo 



Izakhi ezivula umsele wezimbewu



Izakhi ezivula umsele kamanyolo 



Izakhi ezingamadiski ezivulayo 

Lezi zivama ukuba engaphambilini lepulantela futhi zikhona njalo kulawo mapulantela asetshenziswa lapho kungalinywi khona (no-till) ngoba kukhona izinhlanga eziningi ngaphezu komhlabathi. 
 

Amadiski avalayo 

Lawa embesa izimbewu nomanyolo ngomhlabathi. 



Amasondo acindezelayo 

Lokhu kungamasondo amancane angemuva epulanteleni ahamba emseleni asiza ukuqinisa umhlabathi emseleni ukuze kubekhona ukuthintana okuhle komhlabathi nezimbewu. 



Izakhi ezilinganisa ukucindezela komoya emapulanteleni asebenza ngomoya 

Lapha ukucindezela kungaba ngaphansi kakhulu noma ngaphezulu kakhulu. 

