Planning (Maize) 									 IsiZulu 

Ukwakha amasu - ukhiye oluzokuvulela indlela yokukhiqiza ngokuphumelela

Instructions: 

Folio strap: Ukuphatha 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

Awukwazi nje ukuvuka ekuseni bese uthi, ‘Namuhla ngifuna ukuqala ukutshala ukudla’. Ukukhiqiza ukudla ngokwezomnotho kudinga ukucabanga okuningi ngaphambi kwesikhathi. Kufanele uthole imiphendulo yemibuzo elandelayo kuqala: 

Uqonde ukutshala sitshalo sini lo nyaka? 

Kukhona izinto ezithile ofanele uzibheke ngaphambi kokupendula lo mbuzo. Kufanelel wazi okulandelayo:

Isikhathi isithwathwa singafika. 

Inani lemvula elingabakhona. 

Ukujula komhlabathi. 

Inani lepH nobumuncu emhlabathini. 

Ukutholakala kwezimali zokuqala ukukhiqiza. 

 

Izimali uzozithola kuphi? 

Ukukhiqiza ukudla sekudula kakhulu, izindleko zokutshala amasimu athole imvula kuphela sekufika kuR 5 000 ehektheleni. Uma umlimi udinga ukuboleka imali yokutshala, kufanele sibuze okulandelayo: 

Uzoya kuphi ukucela isikwenetu? 

Lizobangaki inani lentelo laleyo mali? 

Singakanani isikhathi sokubuyisela isikwenetu? 

Uma uthole isikwenetu, umvuno wakho uzokwenela ukukhokhela leso sikwenetu? 

Unaso isibambiso semali etshelekwayo? Khumbula ukuthi kuyibhizinisi labantu abanikeza isikwenetu, bona bafuna ukuthola inzuzo. Inzuzo bayithola ngentelo laleyo mali. Akekho umuntu ofuna ukuluza imali, kanjalo otshelekile ufuna ukuqinisa ukuthi uzophinda ayithole imali yakhe. 

Uzoyithola nini imali? Lokhu kungathi kuyinto encane, kodwa khumbula ukuthi uma utshala kudingeka amasimu alungiswe isikhathi eside ngaphambi kokutshala. Uma imali ifike emva kwesikhathi, amasimu awakwazi ukulungswa kahle bese umlimi engavelelwa ingozi ekulimeni kwakhe. 

 

Uzomaketha kanjani umvuno? 

Uma uzitshalela wena ukudla kuphela, ukumaketha akusiko inkinga. Kodwa lapho uqala ukutshala ukudla okuzothengiswa kufanele ucabange ngokumaketha. Buza imibuzo elandelayo: 

Ngubani ozothenga lkho kudla? 

Intengiso izobangakanani? 

Ukudla kuzoya kanjani emakethe? 

Ngubani ozothutha ukudla? 

Ngubani ozokhekhala intilansipoti? 

 

Ukulima okungumsuka

Lokhu kubalulekile kakhulu futhi kufanele kwenzeke ngesikhathi esifanelekile. 

Lokhu kulima kuqonde ukwenzani? 

Uzoqala nini ukulima? 

Uzobenzisa muphi umshini? 

Uzolima ngokujula okungakanani? 

Ugandaganga wakho unamandla akwanele? 

Imishini yakho iyaphila futhi izokwazi ukwenza lowo msebenzi? 

 

Ukulima kamuva

Lokhu kulima kuqonde ukwenzani? 

Uzoqala nini ukulima? 

Uzobenzisa muphi umshini? 

Imishini yakho iyaphila futhi izokwazi ukwenza lowo msebenzi? 

 

Izimbewu

Uzozithenga kubani izimbewu zakho? 

Ngubani ozokulayela ngokuthenga izimbewu ezilungile? 

Ucbangile ngesikhathi isitshalo esithile simila size sivuthwe? 

Kutshalwa izitshalo ezingakanani ehektheleni? 

 

Umanyolo

Uwathathile amasampula omhlabathi? 

Usuwutholile umphumela wokuhlolwa komhlabathi? 

Usuwutholile umlayezo maqondana nomanyolo ofanelekile ensimini ethile nasesitshalweni esithile? 

Umlayezo womanyolo uqondene nobukhulu bomvuno ofuna ukuvuna? 

Uzosebenzisa umanyolo onjani? 

Uzothela amakhilogramu amangaki ehektheleni? 

 

Ukulinganisa ipulantela 

Umsebenzi wokutshala uyinto ebaluleke kwedlula zonke ezinye lapho kulinywa. 

Ipulantela liyakwazi ukulinganiswe lisebenze ngendlela efanelekile? (Unawo amapuleti, amagiya namasprhokete afanelekile?) 

Ukhetha ububanzi bemisele obungakanani? 

Kungani ukhethe lobu bubanzi? 

Uma uyokhaltiveta emva kokumila kwezitshalo, uyazi ukuthi ikhaltiveta lakho liyakwazi ukusebenza kulobo bubanzi bemisele? 

Udinga inani lezitshalo elingaki? 

Uqonda ukuthela umanyolo ongakanani? 

Uyakwazi wena ukulinganisa ipulantela noma udinga usizo? 

 

Ukubulala ukhula

Uqonda ukuphatha ukhula kanjani ezitshalweni zakho? 

Uma uyosebenzisa imishini ukuhlakula: 

Unalo ikhaltiveta? 

Ikhaltiveta iyalingana nobubanzi bemisele? 

Amathayini ekhaltiveta alinganiswe kahle? 

Uma uyosebenzisa amakhemikeli: 

Unawo umshini wokufafaza? 

Zonke izakhi zomshini zisasebenza kahle? 

Ngubani ozolinganisa umshini wokufafaza? 

Uzosebenzisa amakhemikeli anjani? 

Uyalazi inani lekhemikeli elithile elizothelwa? 

Ngasiphi isikhathi sokumila kwesitshalo kufanele uthele amakhemikeli? 

 

Ukutshala

Umhlabathi umanzi ngokwanele ukuze izimbewu zikwazi ukuhluma? 

Izimbewu zizobekwa ngobujula obungakanani? 

Ubheka inani lezimbewu elifanelekile njalo ngemitha? 

Uthela umanyolo ngamakhilogramu afanelekile njalo ehektheleni? 

Uwathelile amakhemikeli abulala izilokazane nokhula? 



Ukuhlanza nokubeka

Emva kokuqeda ukutshala, ipulantela lihlanzekile futhi libekwe ngendlela efanelekile? 

Emva kokufafaza umuthi, umshini uhlanzekile futhi ubekwe ngendlela efanelekile? 

 

Umanyolo wangaphezulu

Kuzothelwa umanyolo wamngaphezulu onjani?

Kufanele uthelwe ngasiphi isikhathi? 

Uzothela umanyolo ongakanani? 

 

Uma ufisa ukuba umlimi wezomnotho, kufanele usebenze ngokukhuthaza nangokuhlakanipha! Kufanele wakhe amasu njalonjalo bese uwenze lowo msebenzi oqonde ukuwenza nangesikhathi esifanelekile. 

