Ukusongoza isu (268) - PLANNING

Akungeke kube masinya kakhulu ukuqala ukusongoza isu langakusasa 

 

Instructions: 

Folio strap: Ukukhiqiza

Byline: UJane McPherson, umphathi weProgramu lokuThuthukisa leGrain SA 

Photos:

 Sikholwa ukuthi bekumnyaka omuhle nakuwe ngoba ezindaweni eziningi ezweni lethu izulu belihle futhi imvula beyina kamnandi. Manje kungenzeka ukuthi unalo ithuba lokukhokhela izikwenetu zakho futhi uzoba nayo imadlana esele. Kodwa ngokwamanje kufanele ucabange ngezinto ofuna ukuzenza ngonyaka ozayo. 

Khumbula:

Londoloza imali ozoyisebenzisa ukutshala umvuno omusho – uma ungaboleki imali eningi kakhulu nezingozi zingeke zibenkulu;

Cabanga ngogandaganda nemishini ozokudinga uma ufisa ukuthuthukisa ukulima kwakho; 

Uqonde ukutshala ziphi zinhlobo zezitshalo ngomnyaka ozayo?

Mangaki amahektheli ozokwazi ukuwalima ngemali onayo?

Kuzobiza malini konke ukutshala umvuno omusha? 

Uma udinga ukuboleka imali, uzoya kubani noma uzothatha ziphi izinyathelo zokuthola usizo? 

Uwathathile amasampula omhlabathi? 

 Ngesikhathi esidlule sokukhiqiza,intengiso yokudla okuzinhlamvu ikhuphuke kakhulu futhi kwenzekile ukuthi abaningi bathole inzuzo enhle. Kodwa ngokwaleka (ngokubi) intengiso kawoyela ikhuphukile (kunomthelela kuyo yonke imisebenzi yethu yokuqala ukulima) futhi kukhuphuka kwenani lentela kwenze ukuthi inani lezindleko zokuqala ukulima nazo zikhuphuke kakhulu. Kubalulekile ukuthi umlimi ngamunye ngamunye ahlale phansi abale zonke izindleko nezintengiso ezingatholakala futhi esongoze amasu azokhombisa indlela eya phambili – lizobangakanani inani lezindleko ezizongena ekutshalweni kwehektheli elilodwa futhi sithemba ukuthola imali engakanani ehektheleni elilodwa?

