Izinhlangano 								 		IsiZulu

Izinhlangano ezakhiweyo ngo-2008/2009 

Instructions: 

Folio strap: Iphrogramu lokuthuthukisa abalimi

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi

 

Siyaphinda futhi ukusho ukuthi ukukhulisa abalimi ukusiyo into elula futhi akwenzeki masinya – kukhona abantu abaningi abahlukene abasebenza kuleli phrogramu, kukhona izinto eziningi ezifundiswayo futhi kuthatha isikhathi eside. Konke lokhu asikwazi ukukwenza sodwa, ngakho-ke sithokoza kakhulu ukusekela nokusiza kwabaningi abanye abantu. Ngalo nyaka sihlangane nalabo abalandelayo:



EEastern Cape

EEastern Cape sakhe izinhlangano ezinhle nabantu/nezinhlangano ezilandelayo: 

IDohne Agricultural Research Station – ukusiza ngokuhlola amasampula omhlabathi; 

IPANNAR Seed – banikeze izimbewu zezizamo zokukhombisa umphumela kwalokhu okutshaliweyo (trial plots); 

Uvimba Financing Bank – ukunikeza izikwenetu kubalimi abasakhulayo eEastern Cape; 

Eastern Cape Development Corporation – ukunikeza izikwenetu kubalimi abasakhulayo;

Monsanto Seed and Chemicals – ukunikeza izizamo zokukhombisa; 

Umnyango Wezokulima – ukutshala izizamo zokukhombisa nezifundo zokuqeqesha; 

UAP – ukunikeza amakhemikheli kulezo zizamo zokukhombisa; 

Sidi Parani – ukunikeza umanyolo wezizamo; 

Umnyango Wokuthuthukisa Okwezanhlalakahle – amaphrojekthi ezokulima eEastern Cape; 

Traction Centre – ukusekela nokunikeza ulwazi kubalimi abasebenzisa izilwane ezidonsayo;

Amathole District Municipality.

EMpumalanga

EMpumalanga, sakhe izinhlangano ezinhle nabantu/nezinhlangano ezilandelayo: 

Umnyango Wezokulima – ukutshala izizamo zokukhombisa nokunikeza izifundo zokuqeqesha; 

MADC – ukubolekisa abalimi abasakhulayo imali; 

UReggie Mchunu, Pannar – ukunikeza izimbewu zezizamo zokukhombisa nokusekela ngeZinsuku Zabalimi; 

Afgri – ukusebenzisana ngezizamo zokukhombisa; 

Omnia – ukusekela ngeZinsuku Zabalimi;

Bayer – ukusekela ngeZinsuku Zabalimi; 

UShadrack Mabuza, Monsanto – ukusekela ngeZinsuku Zabalimi; 

Qwemico – ukusekela ngeZinsuku Zabalimi nokunikeza ulwazi maqondana namakhemikheli; 

UBongani Nkosi – Agro Agricultural Services;

UKenneth Mokoena – Sasol Nitro; 

URaymond Mnguni, uPhillip Khoza, uObet Gininda noSnukie Mdluli – MADC; 

UBongiwe Magagula – Land Bank; 

UPhonnie Du Toit – ARC Grain Crops Institute; 

UKarel Taljaard – South African Lime and Gypsum. 

ENorth West

ENorth West, sakhe izinhlangano ezinhle nabantu/nezinhlangano ezilandelayo: 

Umnyango Wezokulima GP; 

Monsanto – izimbewu zezizamo zokukhombisa nokusekela ngeZinsuku Zabalimi; 

LED Randfontein – ukusekela ngeZinsuku Zabalimi; 

Barlow world – ukusekela ngeZinsuku Zabalimi; 

Tsunami – ukusekela ngezizamo zokukhombisa; 

Senwes – ukunikeza abalimi isikwenetu; 

Nerpo – nokusekela ngeZinsuku Zabalimi; 

Land Bank – ukunikeza abalimi isikwenetu nokusekela ngeZinsuku Zabalimi; 

Agricol – izimbewu zezizamo zokukhombisa; 

Pioneer – izimbewu zezizamo zokukhombisa;

Khula – ukusekela ngeZinsuku Zabalimi. 

EFreyistata

EFreyistata sakhe izinhlangano ezinhle nabantu/nezinhlangano ezilandelayo: 

ULucas Serage, Sasol Fertilisers – umanyolo wezizamo zokukhombisa nokusekela ngeZinsuku Zabalimi; 

UDiv Bosman ,Omnia – ukusiza ngokuhlola amasampula omhlabathi nangomlayezo maqondana nomanyolo, ukusekela abalimi abaphakeme;

UNatis van Niekerk, Wenkem – ukusekela abalimi abaphakeme maqondana namakhemkheli;

UDeon van der Ross, OVK – ukunikeza abalimi abaphakeme izikwenetu;

Umnyango Wezokulima – ukuqeqesha nokusekela abalimi;

Novon Protecta – amakhemikheli nokusekela abalimi abaphakeme; 

UCharles Matlou, Pioneer – ukusekela iziqumbi zokufunda nabalimi abaphakeme; 

UKobus Lindeque, uGert Heyns, uBright Breytenbach noDudu Mashile waseMonsanto – ukusekela abalimi abaphakeme, ukunikeza izimbewu zezizamo zokukhombisa nokusekela Izinsuku Zabalima;

UFerdie Roodt noJan Davel, VKB – ukunikeza abalimi abaphakeme izikwenetu; 

UJan du Preez, Opticrop – umlayezo maqondana nomanyolo nokuhlola amasampula omhlabathi;

UCliffe Deacon, Agricol – izimbewu. 

