Amaphoyisa afanele akhokhele izingqapheli njengoba kwathenjiswa - Mushwana 

UMvikeli Womphakathi uLawrence Mushwana uncenge uMbutho Wezaphoyisa AseNingizimu Afrika (i-SAPS) ukuba ukhokhele izingqapheli, ezisize amaphoyisa kanye Nesiphathimandla Sikazwelonke Sokushushisa (i-NPA)  ukuba baxazule amacala okuphanga, imvuzo ongama-R75.000. 

Ngemuva kokuphenywa kwalolu daba, uMmeli uMshwana wancenga i-SAPS ukuba igcine ukwenza izethembiso engazifezi kubacebi njengoba lokhu kuphethe ngokungcolisa igama layo.  “Lokhu kuziphatha kwenza ukuba isithombe sayo (i-SAPS) sonakale,” ushilo. 

Umfakisikhalazo weza ku-OPP ngo-2007, ngemuva kweminyaka emithathu icala laphothulwa, esola ngukuthi i-SAPS yaseGauteng ihlulekile ukumkhokhela umklomelo. 

Amaphoyisa ayekhiphe umklomelo kunoma ngubani ongayisiza ne-NPA ekubopheni abasolwa futhi baqinisekise ukugwetshwa ecaleni, elabe limayelana nokudunwa kwemoto ethwala imali, ukubulala nokuzama ukubulala. Umfakisikhalazo waphinda wafakaza enkantolo ukuze kwenzeke lokhu. 

Umklomelo okucatshangwa ukuthi wakhishwa yinkampani yonogada iKhulani Security yawunika i-SAPS, yize abathembisa ukukhokha kwabe kungamaphoyisa ekwenzela inkampani yonogada.

Umfakisikhalazo wabekwa ngaphansi kohlelo lokuphepha kafakazi. Ngesikhathi sop[henyo, i-OPP yathola ukuthi ngempela umfakisikhalazo wanikeza i-SAPS ngolwazi olwaholela ekuboshweni nokugwetshwa kwabasolwa ecaleni lokuduna..

Kwatholakala ukuthi ngempela i-SAPS yehluleka ukukhokhela umfakisikhalzo umklomelo owawushiwo. 

Ummeli uMshwana wafaka akutholile nombiko weziphakamiso kuNgqongqoshe uNathi Mthethwa Wezokuphepha Nezokuvikela (manje asebizwa amaphoyisa) kanye nakuKhomishane Wamaphoyisa EGauteng uPerumal Naidoo.   



