Nominees (Maize)													IsiZulu 

Hlangana naBalimi Bokudla Okuzinhlamvu Abasakhulayo abaphakanyisiwe ngo-2009

 Instructions: 

Folio strap: Umlimi wokudla okuzinhlamvu wonyaka 

Byline: UJane ane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

Photos: Add photos of each nominee 

Add the ribbon we used last year 

 

Abaphakanyisiwe abazoncintisana ukuba Umlimi Wokudla Okuzinhlamvu Osakhulayo ngo-2009 sebakhethiwe. Lowo ophumelela phambili uzobikwa edilini elikhulu leGrain SA ngo-9 Okthoba 2009. Abaphakanyisiwe bayalandela:



UPhilip Xaba

Ngo-1973 uPhilip Xaba waqala wayengumshayeli epulazini elibizwa ngokuthi Magita. Ngo-1983 iSenwes lamqasha wayesebenza njengomholi wethimu. Ngo-1992 wasuka lapho waya kuVetsak. 

Njalonjalo wayesebenza ezindaweni eziphathelene nezinto zezokulima waze wabona ukuthi ukuthi ukulima kuluthando lwakhe. Ushade noJulia onguthishela eBothaville. 

UPhilip wayeyilunga lephrogramu lokuthuthukisa abalimi abasakhulayo isikhathi eside, kodwa ngo-2006 ujoyine iPhrogramu Labakhiqizi Abahambela Phambili. Futhi wayengumphakanyisiwe ogcinile emncintiswaneni Womlimi Wonyaka ngo-2007. 

UPhilip uthi kungcono ukuzenzela umsebenzi, akabheki abanye abazomenzela. Ucabanga ukuthi umsebenzi wezokulima usazoqhubeka kahle nakusasa ngakhok-ke uqhashe amahektheli amanye angu-300 lapho esebenza kahle khona.

USimon Mazwi

Ngaphambi kokuzalwa kwaSimon Mazwi, abazali bakhe bebahlala eTaung, emva kwalokhu basuka baya eFreyistata (eVierfontein) ngobe bacabange ukuthi kukhona amanye amathuba okuqhubekela phambili kuleyo ndawo. Bebalima ngezinkabi. Emva kwesikhashane babuyela eMakouspan baqala ukulima ngamandla. USimon wazalwa lapho wakhulela lapho. 

USimon wayesiza uyise njalo ngomsebenzi epulazini. Wayevuka ekuseni ukusiza uyise ukubophela izinkabi ngaphambi kokuya esikoleni. Emva kokuphuma kwesikole wayesiza uyise futhi ngomsebenzi epulazini. Lapho eqeda u-grade 4 esikoleni, uSimon wabuyela epulazini ukusebenza noyise ekulimeni. Ngo-1963 waya eLichtenburg wayengumbazi wamapulangwe – usebenze lapho iminyaka engu-17. Ngaleso sikhathi wayelima eMakouspan njalo ngempelasonto. 

Ngaso sonke isikhathi uSimon wayefuya izimpahla, futhi wathola izimfuyo kubazali bakhe. Ngokwamanje unezinkomo ezingu-30 nezimvu ezingu-25 sheep. Ngo-1992 wayephumelela ukuthenga ugandaganda, iFord 6600 ngemali ayiboleke kuAgribank. Waqala walima amahektheli akhe angu-15 waqasha futhi amahektheli amanye angu-60. Ngo-2006 waqala inkontilaki neAbsa, iNWK neMonsanto wayesebenza nabo ngephrojekthi elimsizile ngezimali nokuqasha amahektheli amanye angu-103. Lo nyaka ngumnyaka wesithathu esebenza kule phrojekthi.

ULungile Malo 

Umndeni wakwaMalo uvela eThaba Nchu eduze naseBloemfontein eFreyistata. Basuka lapho baya eVentersdorp ngoba bekukhona umhlaba abangawuthola. Uyise kaLungile wayengumshayeli wamaloli wayekwazi ukunaka ipulazi kuphela ngempelasonto. 

Ngo-1978 baya eDelareyville bathola amakhektheli angu-100 kugavumente. ULungile waya esikoleni eFrisgewagt wayebheka izimvu nezinkomo epulazini lapho ephuma esikoleni nangempelasonto. Ngo-1993 waya eMafikeng wayesebenza ukuthatha izithombe zabantu abashadayo. 

Kusuka ngo-1997 kuya ku-2000 wayelima noyise epulazini labo. Ngo-2000 wayenquma ukulima yedwa emhlabeni awutholile. Uyise wamboleka ugandaganda nemali yokuqala ukulima. Waboleka futhi iR25 000 eLand Bank waqasha futhi amanye amasimu kuyise. Emva kwalowo nyaka wayephumelela ukuthenga iveni iNissan. Ngo-2004 kwakunzima kakhulu ekulimeni kodwa ngokukhuthaza nangokusebenza kakhulu uzamile ukuphumelela. 

USamuel Moloi 

USamuel Moloi wazalwa epulazini elibizwa ngokuthi Magdalena esigodini saseFouriesburg ngo-1969. Uyise wayesebenza kulelo pulazi. Bekukhona izingane ezingu-8, waya esikoleni eMashaeng eduze naseFouriesburg waphasa grade 12. 



Ngempelasonto wayevama ukusebenza epulazini wayeshayela ugandaganda. Wayekuthanda ukusebenza epulazini wayefisa njalo ukuba nepulazi lakhe. Ukusebenzana nomkhiqizi epulazini kumsizile futhi kufundisile umsebenzi wokulima. Ngokwamanje uSamuel ushade noDianne onguthisha eMashaeng futhi banezingane ezintathu. 

USamuel uthi wayevama ukulalela ukuthi uJane McPherson uthini kuLesedi FM maqondana nokulima ukudla okuzinhlamvu uthi lokhu kumsizile ukuqala umsebenzi wokulima. Ngo-1996 waqala ukufuya izinkomo nezimvu emhlabeni womuzi wonke eFouriesburg. 

Ngo-2004 waqasha 30ha kuMnz Exley, umlimi wezomnotho, watshala ummbila. Ngo-2006 waqasha 16ha kuFouriesburg Municipality, ngokwamanje usalima lapho. USamuel usebenza kakhulu kule phrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi futhi uyilunga lesiqumbi sokufunda esibizwa ngokuthi Dishweshwe tsa Dikorong futhi waye kaningi ezifundweni zale phrogramu.

UWilliam Matasane 

UWilliam Matasane wazalwa esigodini saseWinburg waya esikoleni epulazini kuqala wase waya eWinburg High School. Wakhulela epulazini wayefisa njalo ukuba nepulazi lakhe nokuba umkhiqizi wokudla. Njalo wayesiza uyise ngomsebenzi epulazini wayeshayela ogandaganda. 

UWilliam waqala ukusebenza eAllemanskraal (indawo ebizwa futhi Aventura Resort Aldam) wayengumpheki. Ngo-2004 wathenga ipulazi Verblyden usalima lapho ngokwamanje. Ukhiqiza ubhekilanga, ummbila nokolo. Yena nomkakhe uAlina banezingane ezine – umfana namantombazane amathathu. 

UNolundi Msengana

UNolundi Msengana wazalwa ngo-1972 eCala eEastern Cape. Waya esikoleni ngo-1978 eTshengiwe Junior Secondary School wase waya eZimele Secondary School eUmtata. Waqeda ngesikole eNgangelizwe High School ngo-1991. UNolundi waqala ukusebenza eKFC wase waqala ibhizinisi lakhe lokuthengisa izingubo nezichathulo. 

Uthando lokulima lusuke esemncane uNolundi. Wakhulela endaweni lapho abazali nabomalume bebefuya izinkomo nezimvu futhi bebatshala ukudla okuzinhlamvu emhlabeni womuzi wonke. 

UNolundi ubenezinkomo ezingu-20 nezinkukhu ezingu-100, futhi wayetshala amaveji ehektheleni elilodwa. Wayesebenza kanye nabazali bakhe emhlabeni womuzi wonke waze wezwa ukuthi kukhona ithuba lokuthola umhlaba ngohlelo loMnyango Wezomhlaba ukuqasha kuqala bese ungathenga (PLAS). 

Ipulazi lakhe linamahektheli angu-350 – 80ha angamadlelo, okunye okusele kuyalinywa. Uqale ukutshala ubhekilanga ngo-2008 kumahektheli angu-20. Ngo-2009 wayenquma ukutshala wonke amasimu, waphumelela ukutshala ubhekilanga kumahektheli angu-135 nommbila kumahetheli angu-40. 

Lokhu kwenzekile ngesisekelo esivele kuGrain SA ngephrogramu labo lokuqeqesha nokusekela kweSenwes ngezimali nephrogramu labo lokufundiswa ngabantu abanolwazi. 
 

UShimi Makoka 

UShimi Makoka wazalwa eMabieskraal endaweni yaseRustenburg. Wakhulela lapho waya futhi esikoleni. Waqeda uGrade 12 kuRustenburg Secondary School. Emva kokuqeda isikole uShimi wathola idiphloma lePublic Management and Development eUnisa. 

Ngo-1987, uShimi waqashwa yiLand Bank, kwase kwaqala uthando lwakhe lokulima. UShimi wacela ukuthola ipulazi wayenenhlanhla walithola mayelana nohlelo lwePLAS, ulima kulo lelo pulazi ngokwanje. 
 



