Money												Zulu



Ukuphatha izindleko zakho



Instructions: 

Folio strap: Izindaba zezimali

Byline: Imininingwane ithathwe kumeniyuwali yeGrain SA manual ebizwa ngokuthi: Maize production and marketing



Kufanele sikhumbule njalo ukuthi umsebenzi wokulima uqonde ukuthola inzuzo ekugcineni. Kudingeka izimali eziningi ukuqala ukutshala ummbila. Izindleko zokukhiqiza ukudla okuzinhlamvana kuyinto ebalulekile kakhulu lapho uphatha umsebenzi wokulima. 



Kudingeka ukuthi sihlukanise izindleko ngezindlela ezimbili – izindleko eziqondile nezindleko ezingashintsha. 



Izindleko ezigijima ngaphezulu

Lokhu kuhambelanda nezindleko zokuphatha ibhizinisi lokulima epulazini ngokuphelele – kuyizindleko ezingakwazi ukubekwa ekutshaleni kwesithombo esithile. Lokhu kungaba izindleko zokuhlola amabhuku ezimali, izintelo zebhange, amaholo, ugesi, amalayisense, ukuphatha nokulungisa, inzalo yemali ebolikiwe, ukuphatha izimoto, izinto zokubhala, njll. Lezi zindleko zingehluka ngomlimi nangomlimi ngoba ubukhulu bamasimu abufani, inani lesikweletu alifani futhi abalimi abathile abaphathi ukulima ngendlela efanayo. 



Izindleko eziqondile nalezo ezishintshayo

Lezi zindleko zihambelana nenhlobo yesithombo esithile esitshalwayo. Lokhu kuhlanganisa izindleko ezifana nedizili, umanyolo, izimbewu (inhlwanyelo), amakhemkeli, ukuvuna, ukumaketha neholo labasebenzi. Kaningi lezi zindleko ehekhtelini elilodwa azehluki kakhulu, akunandaba ukuthi ulima ngendlela ethile noma utshala isithombo esithile, kucishe kufane. 



Kubalulekile ukuthi ucabange kahle ngezimali ngaphambi uqala ukutshala noma siphi isitshalo. Kungcono kakhulu ukuzilungisela ukutshala indawo engenkulu ngendlela efanelekile uqinise ukuthola umvuno omuhle. Kukhona njalo izindleko ezivelayo lapho utshala – okulandelayo yizindlela zokulima ezingadingeka:



Okungadingeka: 

Ukuthela umcako

Ukudesa kwamasimu

Ukuripha amasimu

Igeja elishizolo

Ukulima

Ukulungisela umhlabathi ukutshala

Ukutshala

Ukufafaza umuthi wokhula nowezilokazane

Ukuthela umanyolo wangaphezulu

Ukuhlakula

Ukuphinda ukufafaza umuthi

Ukuvuna

Ukuthutha umvuno. 



