Amaphutha (329) - MISTAKES

Ufundeni ngonyaka odlule? 

Instructions: 

Folio strap: Ukukhiqiza

Byline: UJane McPherson, umphathi weProgramu lokuThuthukisa leGrain SA

Photos:

Uma uzokwenza amaphutha ngonyaka ozayo noma uzophosisa, sicela ukuthi wenze amaphutha amasha, ungawaphindi amadala! Cabanga ngalokhu okulandelayo lapho usongoza umsebenzi wokuqala umnyaka omusha ozayo: 

Ukuchaza ngendlela elula, uma imvula ingani (njengokwenzekile ezindaweni eziningi ngomnyaka odlule) , akungeke kubekhona umvuno. Kodwa, uma imvula ina unethemba ukuthi ukuthi uzothola umvuno.

Uma ukujula komhlabathi wakho kukhulu, izingozi zokutshala zibancinci. 

Abalimi abalungisa amasimu abo ebusika ngendlela efanelekile nangaphambi kokutshala banethuba eligcono ukuthola umvuno omuhle. 

Uma uthatha amasampula omhlabathi futhi ufaka umanyolo ngendlela efanelekile, uzothola umvuno ongcono. 

Ukhula lusiqalekiso sabalimi – ukhula luthatha umswakamo, ukudla, ukukhanya nomoya odingeka ukumilisa izitshalo zakho – phatha ukhula ngendlela efanelekile uma ufisa ukuba umlimi ophumela phezulu. 

Izinsuku zokuhwaya nje umhlabathi bese uhlwanyela izimbewu zezihambile kudala – izindleko zokuqala ukutshala zikhuphuke kakhulu, ngakho-ke akekho umlimi ozokwazi ukuphila kahle uma engasebenzisi izindlela ezifanelekile ekulimeni. 

Ukumaketha umvuno wakho kubalulekile – lapho uthola iseluleko noma umyalo omuhle uzothola futhi intengiso enhle. Awukwazi ukuba umuntu onolwazi ngazo zonke izinto – thola iseluleko ukumaketha kanjani. 

Khumbula – ukuze ukwazi ukuthola inzuzo kudingeka ukuthi usebenzise amasimu akho, thenga okudingekayo ukuqala ukutshala, tshala izitshalo faka umanyolo wangaphezulu (ngokwejwayelekile), phatha ukhula nezilokazane, khokha umshuwalense womvuno bese uyavuna. Kublulekile ukuthi uzibale kahle izimali ngaphambi kokuqala umsebenzi – akusizi lutho ukutshala indawo enkulu kakhulu bese uthola ukuthi uyahluleka ukuyiphatha ngokufanelekile. Kungcono kakhulu ukutshala indawo encane ezokupha ithuba lokuyiphatha kahle. 

Ukuboleka imali kuyasiza, kodwa khumbula ukuthi ubophekile ukuyibuyisela. Kungcono ukulima indawo encane ngemali oyiphethe nangokulima amasimu amaningi ngemali ebolekwe kumunye umunto – inzuzo (intela) yemali ebolekiwe iyabulala! 

