Mechanisation (Maize) 							 IsiZulu 

Ukusebenzisa imishini – into enciphisa amandla abaningi abalimi 

 Instructions: 

Folio strap: Imishini 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

Lapho ufisa ukuba umlimi wezomnotho akungeke kuthathe isikhathi eside sokubona ukubaluleka kokusebenzisa imishini – ogandaganda nayo yonke imishini yasepulazini. Ekuqaleni lapho usalima indawana encane ungaphumelela ukusebenza ngezandla noma ungasebenzisa amadonki noma izinkabi. Kodwa lapho uqala ukulima amahektheli amaningi uzodinga ukusebenzisa imishini ukuze wenze umsebenzi omningi esikhathini esimfushane. 



Sibone kaningi ukuthi abalimi abaningi bayahluleka ukuqhubeka ngoba abanayo imishini noma imishini yabo ayiphilile kahle. Ugandaganda ongakwazi ukusebenza awusizi umlimi nakanjani.

 

Ukuhlola imishini 

Lapho unayo imishini noma ufuna ukuthenga imishini, kufanele uyihlole kahle kuqala: 



Ogandaganda 

Uma uhlola ugandaganda, bheka okulandelayo: 

Hlola inani lamanzi nowoyela. 

Thola irekhodi lokuseviswa kwalowo mshini. 

Bheka ukuthi amathaya anjani. 

Bheka ukuthi azikho izindawo lapho kuvuza uwoyela – azifuneki. 

Dumisa injini ulalele ukuthi iduma kanjani. 

Sebenzisa ikhlashi namageli – kuhamba kahle konke noma qha? 

Faka umshini (njengeskofela) bese uyawuphakamisa ukuhlola ukuthi uhlelo lamahayidroliki lusebenza kahle. 

IPTO lisebenza kahle? 

Onke amageji nezibanyana kusebenza kahle? 

Donsa umshini ukubona ukuthi ugandaganda unamandla. 

 

Ugandaganda
 
IModeli
 
kW
 
Isimo (lo gandaganda usasebenza kahle? Uma qha, yisho kuthi ikhuphi inkinga bese ucabanga ngezindleko zokulungisa) 
 
Inani
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 

Amapulantela 

Bheka ukuthi kuyipulantela elisebenza kanjani – linamapuleti, lisebenza ngevakyumi (umoya) noma lisebenzisa iminwe? 

Ipulantela litshala amalayini amangaki? 

Bophela ipulantela kugandaganda. Faka izimbewu nomanyolo emabhakethini. Hambisa ugandaganda endaweni elingana na-10 meter bese uhlola ukuthi onke amalayini ayasebenza. Lapho izimbewu nomanyolo akuphumi ngokufanele, hlola izakhi ezifanele zihambe ufune ukuthi ikuphi inkinga. 

Bheka ukuthi akhona na amanye amapuleti (lapho lisebenzisa amapuleti). 

Ipulantelar 
 
Uhlobo
 
Isibalo samalayini 
 
Isimo (chaza)
 
Ububanzi ngaphakathi kwemisele
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 

Isifafazo esisebenza ngebhumi

Ngaphambi kokubophela umshini kugandaganda, hlola ileveli likawoyela ephampini. 

Bophela isifafazo kuPTO. Sihambise bese uhlola ukuthi onke amanozili ayasebenza. 

Hlola isicindizelo. 

Uma kukhona inkinga, bheka ukuthi ikuphi – kungaba iphampu, ifiltiri noma amanozili. 

Lapho umshini awusebenzi kahle, uzokwazi ukuwulungisa noma qha? 

Isifafazo
 
UHlobo
 
Ubukhulu/Isibalo samanozili 
 
Isimo (chaza)
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 

Eminye imishini yokulima 

Hlola umzimba – ugobekile noma ufoklozile? (Bheka izindawo lapho ushiselwe khona). 

Hlola onke amabhawoti nezinye izindawo zokubopha. 

Hlola izakhi ezingena emhlabathini – kudingeka ezinsha? 

Hlola amaphayipi namaphampu – kusebenza kahle futhi ziyavuza na? 

Hlola amasondo – bheka isicindezelo somoya. 

Hlola amabheringi – anegrisi futhi ahamba kahle na? 

Umshini
 
Uhlobo
 
Ubukhulu
 
Isimo (chaza)
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 

Qinisa ukuthi ukuhlola kwakho kogandaganda nemishini ukwenze kahle, qinisa futhi imishini izokwazi ukusebenza kalula endaweni yakho – akusizi ukuthola umshini omncane bese wena ufuna ukulima amasimu amaningi. Kungcono ukuthola inzuzo endaweni encane nokulahlekelwa imali endaweni enkulu. Sebenzisa amasimu asemandleni akho kuphela.

