﻿

Isicelo sosizo lwemali endaweni ehlala izingane

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Indawo ehlala izingane, yindawo erejistiwe yonakekelo lwezingane. Izindawo ezihlala izingane zingenza isicelo semali yosizo lwesabsidi ngenyanga evela kuhulumeni ukusiza ezindlekweni zokuqhuba umsebenzi kwindawo yezingane. Usizo lwemali yesabsidi luyehlukahluka nakhona luncike kuzindleko zokuqhuba umsebenzi endaweni, kanye nenani lezingane ezihlala lapho.

Ngobani abangenza isicelo sosizo lwemali yesabsidi?

Izindawo ezihlala izingane ezirejistiwe .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisani ifomu ehhovisi lezenhlalakala eliseduzane nani.
Ifomu eligcwalisiwe kumele lisayinwe nguSihlalo weKomidi lezeMenejimente  kanye noDayirektha  weRijini weNdawo ehlala izingane eyenza isicelo.
Fakelani isicelo kanye nesitifikedi serejistreshini  njenge-NPO kanye nezitatimende zebhangi kuMnyango kahulumeni.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Usizo lwemali yesabsidi lutholakala kwisikhungo kwingane nengane ehlala lapho kuleso sikhungo.
Imali yosizo lwesabsidi ikhokhelwa isikhungo hhayi enganeni.
Inqubo yesicelo izothatha isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezintathu.
Uma senifakele isicelo, sizohlolwa ubuqotho baso.
Uma aboMnyango beneliseka ngesicelo, nizonikezwa izimali.
Isinqumo sinobonelelwa ngokulandela ubukhona bezimali kanye nesidingo saleyo nkonzo.
Umnyango kahulumeni unikeza izimali zosizo lwesabsidi ngezinyanga ezintathu, kuye ngokubuyekeza imisebenzi yaleyo ndawo yezingane.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu esicelo atholakala kwihhovisi eliseducane nani lezeNtuthuko yaBantu.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

0800 60 10 11


