Mechanisation (Maize)									IsiZulu

Okwemishini – kuphathwa ngubani?



Instructions: 

Folio strap: Okwemishini

Byline: UWillie Kotzé, oqobelelana nolwazi: ukuqeqesha nokuthuthukisa Iphrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi



Mhlawumbe wayenenhlanhla yokuthola ogandaganda neminye imishini yokulima kuMnyango Wezokulima noma kumunye umhlangano. Bekungenzeka futhi ukuthi awuzange uthole lezo zinto ngokwakho umuntu oyedwa, kodwa uzithole ukuze uzisebenzise nabanye abalimi. Lokhu kuyinkinga. Kodwa ungathokoza ngoba kukhona abaningi abanye abalimi abazange bathole neze ogandaganda nemishini yokulima. 



Okwemishini kuyinthokozo, kodwa kudinga ukuphathwa ngendlela efanelekile. Kukhona izibopho ezinkulu ezisemahlonjweni zalabo abayisebenzisayo imishini. Izindlela zokuphatha imishini ngendlela efanelekile kufanele kuxoxwe ngazo ngaphakathi kweqembu ngaphambi kokuthatha izinyathelo zokuya phambili – kufanele kuvunyelwane ngaphakathi kweqembu ngendlela yokuphatha konke lokhu ukuze nikwazi ukusebenzisa lezo zinyathelo nakusasa. 



Izizathu ezingadala ukuphambana 

Kukhona izizathu ezahlukene ezingadala ukuphambana maqondana nokuphatha ogandaganda neminye imishini – ezinye ziyalandela:

Kufanele abantu abasebenzisa le mishini bakhokhe imali na? Noma kunjalo, kungani?

Abantu abasebenzisa le mishini bafanele bakhokhele bani? 

Lapho kudingeka ukuthi bakhokhe imali, inani laleyo mali izobalwa kanjani – izobalwa maqondana nehora noma ngehektheli? 

Abaningi abantu bangafisa ukusebenzisa imishini ngosuku oluthile – kanyekanye.

Umlimi oyedwa ungaba namasimu amaningi futhi ufuna ukulima kuwo wonke amasimu – kodwa abanye abalimi banensimu eyodwa encane. Kuzosetshenziswa imishini engakani ehektheleni elilodwa endaweni yomuntu oyedwa? 

Abalimi bazolitholaphi idizili? Kuzodingeka ukuthi umuntu oyedwa aye egalaji athenge ibhakethe, noma kuzoba khona ithangi elikhulu lapho onke amalunga eqembu bazokwazi ukudonsa idzili? 

Uma idizili lithengwa ngobukhulu, ngubani ozophatha ukusebenzisa lelo dizili? 

Idizili lizothengiswa ngenani elilingana nalelo lithengwe ngalo, noma intengiso izophakanyiswa kancane ukuze iqembu lithole inzuzo encane ezosetshenziswa ukukhokhela izindleko zokuphatha ipulazi?

Uma khuphuka into kugandaganda, ngubani ozokulungisa? 

Emva kokusebenza ngogandaganda, kufanele ubuyiselwe ngethangi eligcwele noma qha? 

Abashayeli bogandaganda – kungashayela noma ubani, kufanele kube ngumshayeli okhethiwe, noma umuntu onelayisense lokushayela ugandaganda? 

Le mishini inikezwe kubani? 

“Abanini” bale mishini bayaziwa ngamagama abo (sib. Imishini izosetshenziswa ngabantu abakhethiwe noma ingasetshenziswa ngabo bonke abantu bomphakathi?) 

Abantu baqonde ukwenzani ngale mishini kakhulukazi? (Bafuna ukulima nokutshala noma bafuna ukuyisebenzisa ukuthutha izimpahla (intilansipoti?)). 

Imishini izobekwa kuphi – endaweni lapho bangayithola lapho beyifuna noma emzini wabantu abakhethiwe? 

Ukusevisa ogandaganda kuzokwenziwa kuphi? 

Ngubani ozophatha amarekhordi ukukhombisa ukuthi imishini ifanele iseviswe? 



Okumahlombeni kwabanini

Abanini bayasazi isibopho sabo maqondana nokusebenzisa le mishini? 

Kukhona uhlelo olukhombisa indlela yokusebenzisa le mishini? 

Kukhona imikhombiso noma imilayezo maqondana nalokhu okulandelayo: 

Obani abangasebenzisa imishini futhi nangasiphi isikathi? 

Obani abavunyelwe ukusebenzisa imishini? 

Ngubani ozobuyisela izindleko?

Ngubani ozophatha nokulingisa imishini? 

Kukhona ukuqeqesha kwalabo abazophatha imishini?

Kukhona izinyathelo ezizosiza lapho kuvela ingozi (ukulonda)? 

Ukufakela noma ukubuyisela imishini esengasebenzi? 

Inshuwalense yemishini? 

Ukubheka isimo semishini? 

Inkontilaki nalabo abasebenzayo? (Uyahola lowo muntu oshayelayo noma qha? Njll.) 

Inkontilaki ngomnini womhlaba – kuzokwezekani futhi ngayiphi indlela? 

Isikhathi – bazoqala nini bazoqeda nini?

Izindlela zokulinganisa imishini yokufafaza namapulantela? 

Ukuphatha amabhuku njalo emva kokuqeda umsebenzini othile – isibonelo: emva kokufafaza insimu ngomuthi, kuzoba khona amarekhodi azokhombisa ukuthi kuthelwe maphi amakehemikhali? 

Ukuthola nokukhokhela idizili? 



Abasebenzayo (abashayeli) 

Obani abakwazi ukushayela ugandaganda? (Ngubani ozobizwa ukushayela augandaganda?)

Kukhona ukuqeqesha kwabashayeli ngaphambi kokubanikeza imishini? 

Ngubani ozofundisa (ozoqeqesha) umshayeli maqondana nomlayezo wemanyuweli lomshayeli?

Kusemahlombeni kwabani ukuphatha abashayeli? 

Kukhona umshayeli oyedwa oshayela ugandaganda othile noma kukhona abashayeli abanye abashayela ugandaganda ngezinye izikhathi? 

Uma kukhona abashayeli abaningi, ngubani ophatha ugandaganda ekugcineni? 

Ngubani obheka ugandaganda njalo ekuseni ngaphambi uya emasimini? 

Ngubani ozoqinisa ukuthi isimo sifanelekile, siphilile njalonjalo? 

Kukhona izinto zokulungisa nokuhlanza imishini? 

Izinkinga ezivelayo zizobikwa kubani? 

Kuzothathwa ziphi izinyathelo lapho kufanele kulungiswe izinto eziphukile? 

