Mechanisation 									Zulu

Imishini: uyayithenga, uyayiqasha noma uthola omunye umuntu ozokusebenzela?



Instructions: 

Folio strap: Ukusebenzisa imishini

Byline: Lokhu kuthathwe kwemenyuwali ebhalwe nguJane McPherson ebizwa ngokuthi iAgribusiness Manual



Umlimi wakwamanje uzama ngaso sonke isikhathi sokuthola inzuzo nokwehlisa izindleko maqondana nezindlela zokusebenzisa ogandaganda, umshini wokuvuna neminye imishini. 



Lokhu kuyinto ebalulekile lapho ufuna ukulima. Imishini emisha ingabonakala njalo ezinsukwini zeNAMPO Harvest Day njalo ngonyaka, futhi kuyakhanya ukuthi yonke imishini isenamandla amakhulu (horsepower noma kilowatt). Lokhu kuhambisana nobukhulu namandla emishini eyandayo njalo – ugandaganda, umshini owenza ufolishi, amageja nezikofela ezilima izindawo ezibanzi kakhulu. 



Imali ebizwayo ukuthenga imishini nokuyiphatha njalo iyanda masinya ngeminyaka nangeminyaka. Futhi, uboqaphela ukuthi ungalimi ngesikhathi esingafanelekile ngoba lokhu kuzokwehlisa inani lomvuno.



Lapho ubeka phansi amasu akho ukuthola umkhiqizo othile ekulimeni kwakho ukuthola inzuzo, kubalulekile ukuthi ucabange ngelikhono lemishini onazo. Emva kokuhlola ukuthi kukhona imishini enjani, umlimi uzokwazi ukuthi kufuneka ugandaganda ongakanani onamandla angakanani. 



Ubukhulu bogandaganda namandla ayo ukudonsa kufanele kuhambelana nobukhulu bemishini ekhona ezodonswayo. Lapho uqondile ukuthi leso simo sinjani, uzokwazi ukubona ukuthi isikhathi, amandla ukulima, ukuhlakula, ukutshala nokunye kuyalingana. 



Manje-ke umlimi kufanele acabange ngokuthi unayo imishini ekwanele yokwenza umsebenzi odingekayo. Mhlawumbe ungacabanga ukuthenga eminye imishini noma ungaqasha omunye umuntu ozokwenza umsebenzi othile. Isibonelo: ungaqasha umkhontilaki ukwenza umsebenzi omkhulu njengokulima, nokuripha, nokunye. Emva kwalokhu umlimi engaqhubeka ukwenza umsebenzi osele ngemishini enayo (sicela ukuthi ubheke imenyuweli ebizwa ngokuthi i“Contractors Course” uma ufuna imininingwane eminye). 



Umlimi ufanele aqonde ukuthi uzokwazi ukusebenzisa imishini yakhe ukuze eqede umsebenzi wakhe ngesikhathi esithile, noma kuzobangcono ukuqasha eminye imishini noma ukuthola umkhontilaki ozomsebenzela. Kufanele futhi ukuthi umlimi eqonde kahle ukuthi lingakanani inani lezindleko ezibophekile lokuthenga leyo mishini, inani lokwehla kwentengo ngesikhathi, inani lezintelo, inani lokuyiphatha, lokuyilondoloza, inshuwalense njalonjalo. Kufanele ecabange ngazo zonke lezi zinto. Izindleko ezidaleka lapho umlimi ezama ukukhokhela imali ebolekiwe ukuthenga imishini kungamdalela ingozi ekulimeni kwakhe. Kodwa, uma ungenayo imishini efanelekile awungeke ukwazi ukulima nokutshala nokuvuna ngesikhathi esidingekayo.



