Measurement (OPOT) 								Zulu

Izimbewu nomanyolo – khumbula ukulinganisa! 

 

Instructions:

Folio strap: 

Byline: Imininingwane itholakala esifundweni seAgricultural Contracting 

Photos: 

Isihwayo 

Umunwe 

Ipuleti

Ihophela likamanyolo

Ukuhamba kwamanyolo

Ukuhambisa amandla

Okuhambisa umanyolo (Auger)

Indawo umanyolo uphuma khona

Ithumbu eliqondisayo

Ihophela lezimbewu

Isango elihambisa umanyolo (lishushuluza liphakame lehle)

Isakhi esinyakazisayo

Idiski elindiyazayo

Isondo eliyikanyezi (Star wheel)

Isondo eliyisphesheli elihambisa uhlelo lokulinganisa 

Amasondo acindezelayo asetshenziswa ukuhambisa amandla. 



Umsebenzimshini olinganisa izimbewu nomanyolo



Ukulinganisa izimbewu – amapulantela anamapuleti

Kukhona izindlela eziningi zokulinganisa ububanzi bokubekwa bezimbewu. Indlela ejwayelekile kakhulu yileyo esebenzisa ipuleti elinezimbobo (likhonjiswa lapha ngaphansi). 



Idiski elilinganisayo linesiyingelezi sezimbobo, ubukhulu balezi zimbobo bufanele bungenise imbewu eyodwa ngasikhathi sinye. Lapho idiski lindiyaza (lijikajike), lishushuluza (lihamba) phezu kwepuleti elinembobo eyodwa. Ingxenye yediski inesivalo enesihwayo (scraper) esisusa (esihwaya) izimbewu ezilala phezu kwalezo ezisembotshwini lapho idiski lijikajika. Ngaphakathi kwalesi siphalo kukhona futhi umunwe onespringi ogijima phezu kwediski ocindezela imbewu iphume iwele phakathi kwalembobo eyodwa esepuletini ngaphansi kwediski. Ukwakhiwa nobukhulu bezimbobo kubalulekile ukuqinisa ukuthi kuzongena imbewu eyodwa njalonjalo futhi ingabambeki embotshwini ihluleke ukuwela noma ukungena kuleyo mbobo eyodwa epuletini iphumele emhlabathini. 



Ukulinganisa izimbewu – amapulantela asebenzisa umoya 

Kukhona izinhlobo ezimbili zamapulantela asebenzisa umoya – enye inhlobo isebenza ngokucindezela okuphendukile (lokhu kusho ukuthi imunya imbewu ukuze ingene embotswini), bese kukhona inhlobo esebenza ngokucindezela okuya phambili (lokhu kusho ukuthi iphuphutha imbewu ukuze ingene embotshwini). Ubukhulu bezimbewu akubalulekanga kakhulu kumapulantela asebenza ngomoya imbewu imunyeka embotshwini, akunandaba ukuthi ingakanani. Inani lezimbewu ezitshalwayo lihambelana nokugijima (ispidi) kwepulati elijikajikayo. 



Ukulinganisa umanyolo

Ukulinganisa okuhambisa umanyolo (Auger)

Isakhi esijwayelekile esihambisa umanyolo sibizwa ngokuthi I auger esifana nesikulufu. Lesi sikulufu sihlezi ngaphansi ngaphakathi kwehopha (ibhakete eliphatha umayolo). Ngokwejwayelekile lesi sikulufu sihanjiswa ngeketanga elisuka esondweni elihamba emhlabathini elinikeza amandla. Lapho sindiyaza umanyolo ubanjwa emaceleni esikulufu bese uhanjiswa lapho uphumela khona. 



Indlela yokushintsha ukulinganisa yilokhu: shintsha amasphrokethe ahambisa iketanga ngaphakathi kwebhakete nesondo eliletha amandla. 



Ukulinganisa amadiski

Isakhi esiyidiski esilinganisa inani likamanyolo siyathandeka kakhulukazi kumapulantela angakaduli kakhulu. Idiski lokulinganisa alifani nesikulufu esihambisa umanyolo. Kakhulukazi umanyolo uyaziphumela ebhaketeni likamanyolo bese idiski elindiyazayo lisiza ukukhipha umanyolo. Isakhi esinyakazisa umanyolo ngukhalo (ridge) oluphezu kwediski olusiza ukunyakazisa umanyolo ukuze uphume ungene emhlabathini. 



Ukulinganisa kungashintshwa ngokuvula noma ukuvala imbobo noma isango lapho umanyolo uphuma khona. 



Ukulinganisa isondo eliyinkanyezi

Isakhi eliyinkanyezi elilinganisayo nguhlelo lokulinganisa oluqondile. 



Isondo eliyinkanyezi lingaphakathi kwehophela (ibhakete) kodwa lineminwe endiyaza (ejikezela) evela ngaphandle kwebhakete. 



Ngaphakathi kwebhakete umanyolo ubanjwa yiminwe yalelo sondo, lapho isondo lindiyaza umanyolo uyadonswa ukuze uphume ebhaketeni uwele phakathi kwethumbu. 



Ukulinganiswa kwesondo eliyinkanyezi kungenzeka ngezindlela ezintathu:

Shintsha amasphrokethe alijikizayo ukuze lijike masinya noma kancane. 

Shintsha isondo eliyinkanyezi ufake elinye elineminwe emide noma emifushane. 

Ezinye izinhlobo zamasondo ayizinkanyezi zinesango elifana nesakhi esilinganisayo esiyidiski. Uma uvula isango kuzophuma umanyolo omningi. 



Ukuhambisa uhlelo lokulinganisa

Sesifundile ukuthi zinjani izakhi zepulantela futhi zingasetshenziswa kanjani ukulinganisa inani lezimbewu nelikamanyolo – kodwa manje kufanele kuthi sibuze ukuthi lezo zakhi zihanjiswa kanjani? 

Uhlelo olulinganisayo luvama ukuthola amandla ukujika esondweni elisekela ipulantela. Futhi amasondo acindezelayo ngesinye isikhathi asetshenziswa ukuhambisa amandla nokusekela ipulantela. Ngesinye isikhathi kuboshelwa isondo elinye epulanteleni elenza lowo msebenzi. Lelo sondo lingasinda ngokwenele kodwa lingacindezelwa phansi ngespringi ukuze lizobamba kahle lingasheleli. Kukhona futhi okokunyathela (treads) nokunye okungafakwa ukuvimba ukuthi isondo lishelele kakhulu.



Ispidi sokundiyaza kwesondo eliletha amandla sihambelana nespidi sikagandaganda – uma ugandaganda ugijima kakhulu, nalelo sondo lizogijima kakhulu. Uhlelo lwamageri, amasphrokethe namaketanga lusetshenziswa ukulinganisa ispidi sokundiyaza kwezakhi ezilinganisa inani lezimbewe, futhi kokhona olunye uhlelo lwamageri, amasphrokethe namaketanga okulinganisa ukugijima kwezakhi zikamanyolo. 



Qaphela: amapulantela ahlukile anezakhi zokulinganisa ezahlukile- isibonelo, ezinye izinhlobo zinamaliva akwazi ukuvula noma kuvala indawo lapho izimbewu nomanyolo kuphuma khona. 



Ukushintsha ispidi sezakhi kusetshenziswa amareyisho amageri – kufanele uqonde kahle ukuthi lowo mgomo usebenza kanjani.



