Ukuphatha (Ummbila)									IsiZulu

Ukuphatha ipulazi – ubosebenzela inzuzo uqhubeke ngokuyithola nakusasa



Instructions: 

Folio strap: Ukuphatha

Byline: Imininingwane itholakale kumenyuwali yeFarm Management for Profits ebhalwe nguMarius Greyling

Grabbing quote: Uma ungalinganisi zonke izinto, awungeke ukwazi ukuphatha (ukumenija) ibhizinisi lakho.



Sonke siyazi ukuthi ukulima kuyibhizinisi. Uma ufisa ukuba umlimi wezomnotho kukhona eziningi izinto ofanele uzinake lapho ufuna ukwenza ukuthi ibhizinisi lakho lizokulethela inzuzo.



Khumbula okulandelayo:

Inhloso enkulu yilokhu: ukuthola inzuzo nokuqhubeka ukuyithola nakusasa.

Konke okwenziwa epulazini kunomthelelo enzuzwini ozyithola. Inzuzo - Izindleko = Inzuzo noma okulahlekelwe.

Kukhona umlayezo okhombisa ukuthi kungenzekani futhi/noma okudinga kwenzeke futhi/noma okudingekayo maqondana nokwezomthetho okuhambelana nokuphatha izinto ezihlukile ezihambelana nokuphatha ibhizinisi lasepulazi. Noma lowo mlayezo uzolandelwa umphathi wepulazi noma qha, kusezandleni zalowo mphathi/mkhiqizi.

Imininingwane – yangaphandle nayengaphathi (amarekhodi) ibalulekile kakhulu.

Ibhizinisi lepulazi eNingizimu Afrika kuyinto eyingxenye yamabhizinisi emhlabeni jikelele ovulekile manje (the global village), ngakho-ke lizokuthintana nalokhu okwenzekayo ngaphesheya emhlabeni.

Ipulazi lingabhekeka njengathi linguhlelo oluqcwele olunomthelelo kuzo zonke ezinye izinhlelo zokulima – kuhambelana zazo zonke izinto ezisemhlabeni.



Ububanzi bokuphatha

Kaningi sizwa okulandelayo: “Kungani abanye abalimi endaweni ethile baphumelele badlule abanye abalimi abalima kuleyo ndawo esimeni esifanayo, noma kungani abalimi abathile bayaphumelela esikhathini esinzima kodwa abanye omakhelwane bashona phansi?” Impendulo yilokhu: abakhiqizi abathile baphatha ibhizinisi labo lokulima ngendlela efanelekile. Kodwa kuyini ukuphatha (ukumenija), njengalapha, ukuphatha ipulazi?



Ukuphatha ipulazi kungachazwa kanje: ukuthatha izinqumo ezifanelekile maqondana nezingcebo zabantu nezingcebo zezinto umlimi esebenza ngazo ukuze aqede ngemphumelelo izinhloso zalelo bhizinisi.



Ukuze umkhiqizi aphumelele maqondana nalokhu okuchazwe ngaphezulu, kafanele asebenzise amasu amane okuphatha ibhizinisi: ukwakha amasu ngaphambi kwesikhathi, ukuhlanganisa lawo masu, ukusebenzisa lawo masu nokubamba lowo msebenzi ngendlela efanelekile. Siyakwazi ukwehlukanisa lezo zinhloso, kufanele sikhumbule ukuthi umsebenzi wokuphatha ibhizinisi kuyinto eqhubekayo njalo, umsebenzi awupheli. Ngaphakati kohlelo lokuphatha, umkhiqizi ufanele alinganise ingxenye yezinto ezihambelana nokuphatha ibhizinisi: ukuthatha izinqumo, ukuzwana ngokuxoxana, ukubanga abantu basebenze ngokukhuthaza, ukulinganisa yonke imisebenzi, ukuphatha abantu ngokuqina, ukunikeza eminye imisebenzi kubantu abanekhono nokuhamba phambili.



Ukuphatha ipulazi kungachazwa ngokuthi kuyizinqumo eziqonde ukuthola izinhloso ezibekiwe ekuqaleni. Ukuthatha izinyathelo (izinqumo) ezifanelekile, kufanele umlimi abenamakhono alandelayo:



Ubuqotho nesimo esinesibopho;

Ulwazi oluqondene nomsebenzi wepulazi;

Ulwazi oluqondene netheknoloji;

Ulwazi oluqondene nokuphatha ibhizinisi; futhi

Imininingwane eqondene nepulazi yena aliphathayo.



Izindawo/Izinto ezifanele ziphathwe



Ngaphakathi kwebhizinisi lokuphatha ipulazi, kufanele umnini/umeneja aphathe izinto ezilandelayo:



Ukuphatha umsebenzi wokukhiqiza – ukukhiqiza izitshalo zokudla;

Ukupatha izinto ezifanele zithengwe – ukuthenga izinto zokuqala ukulima nezimpahla;

Ukuphatha okwezomaketa – ukuthengisa umkhiqizo;

Ukuphatha okwezimali – ukuphatha izindaba zezimali njengentelo, ifo, izindleko nalezo zingozi ezingavela ezingaziwa;

Ukuphatha amarekhodi – ukuphatha ihhovisi namarekhodi;

Ukuphatha izindaba zezobantu – iqembu labantu abasebenzayo;

Ukuphatha ukuzwana – ukuphathana nokuxoxana;

Ukuphatha izingcebo – ukuphatha, ukusindisa (maintenance) nokuthengisa;

Ukuphatha izinto ezikhona – ukuba namandla okuphatha, futhi	

Ukuphatha ngokujikelele – umsebenzi wokuphepha impilo, ukuphatha ingozi yomlilo, ukweba nokuphepha ipulazi jikelele.



Ukuthuthukisa ubungcono bokuphatha lezo zinto ezingaphezulu nokwandisa inzuzo nakusasa kuzochazwa kuleli phephandaba (Pula/Imvula) ngezinyanga ezizayo. Imilayezo ezingakusiza ukwandisa inzuzo nakusasa maqondana nohlelo lokuphatha izophakanyiswa. Isikhombiso sezidingo zezomthetho naso sizobekwa phansi. Kodwa kusezandleni zalowo nalowo mlimi ukusebenzisa leyo milayezo. Asikwazi ukucindezela umlimi akwenze konke. Maqondana nezimo zezomthetho nakho kusezandleni zomlimi futhi uma engalandeli lezozimo icala lizobekwa kuye, asingeke sikwazi ukumsiza-ke.







