Maintenance (OPOT)     								Zulu

Ukubheka nokusevisa ipulantela

 

Instructions:

Folio strap: 

Byline: Imininingwane itholakale esifundweni seAgricultural Contracting 

 

Ukuphatha ipulantela elitshala ngemisele ngendlela efanelekile kungaba into engakulethela umvuno omuhle noma ukuchitheka kwemali eningi. Izinto ezibalulekile lapho ufisa ukutshala yilezi: ukukhetha izinhlobo zezimbewu ezinhle, ukuzifaka emhlabathini ngendlela efanelekile, ukuzivala kahle ngomhlabathi nokuzicindezela ngendlela ezokwenza ukuthi ukuthintana kwezimbewu nomhlabathi kwenzeke kahle. Uma ipulantela lingasebenzi kahle ngenxa yokungaliphathi kahle, awungeke uthole umvuno othanda ukuwuthola. 



Ipulantela elitshala ngemisele yisakhi esakhiwe ukusebenza kahle hle, kanjalo-ke lifanele linakelwe ngokukhuthala njalo. Masibheke ukuthi sifanele senzeni.



Ukusevisa ipulantela ekuqaleni kwesikhathi sokutshala

Hlanza ipulantela kahle kuzo zonke izindawo. 

Bheka ukuthi azikho izinto ezingcolile ezizovimba izakhi zepulantela zokusebenza ngendlela afanelekile. 

Hlola ukuthi isakhi esifana nomunwe esicindezela izimbewu asiphukanga noma sidlekile; lungisa noma faka izakhi ezinsha lapho zilimele. 

Hlola umfufuzo noma ifeni lepulantela elisebenza ngomoya; hlola futhi ukuthi amasili (seals) awavuzi, kakhulukazi lapho kugijima idiski noma idromu. 

Hlola kahle ukuthi ingaphansi lamapuleti lebhakethe lisaphila na.

Faka izakhi ezinsha lapho zidlekile, njengommese osikayo, ovulayo, amaspringi nepuleti elingaphansi kwebhakethe – konke okuphukile nalokho okudlekile. 

Hlola onke amabhawodi ukuthi aqinile; hlola futhi ukuthi lapho amathumbu aboshelwe khona namageskithi awavuzi uma kusetshenziswa umanyolo oyilikwidi. 

Uma izakhi zemishini ezithela umanyolo omile noma umuthi wokubulala ukhula nezilokazane zigojiswe ngegrisi noma uwoyela ngesikhathi ipulantela libekwa, sula lawo mafutha. 



Ukubeka ipulantela ngesikhathi sokutshala

Ngesikhathi sokutshala kufanele ubeke ipulantela endlini noma ulivale ebusuku ukuvimba umswakamo ukungena kumabhakete.



Ukugcobisa

Gcobisa ipulantela elitshala ngemisele njalo ngezikhathi ezikhonjiswa kumenyuweli lokulisebenzisa. 

Sebenzisa amafutha afanelekile. 

Ukuvimba ukuthi kungene insila kumabheringi, wasule njalo ngaphambi kokuwagcobisa. 



Ngaphambi kokubeka ipulantela ekugcineni kokutshala

Chitha konke okusemabhokisini kamanyolo nomuthi wokubulala ukhula nezilokazane bese uyawahlanza. Hlanza futhi amapuleti angaphansi kwamabhakete aphatha izimbewu ukuvimba ukuthomba nokudleka. 

Hlola ukuthi azikho izakhi zemishini eziphukile noma ezidlekile bese faka amasha ngaphambi kokufika kwesikhathi esisha sokutshala.

Gcobisa imimese evula imisele nazo zonke izinto ezibushelelezi ezithintana nomhlabathi ngowoyela noma ngegrisi ukuvimba ukuthomba. 

Gcobisa onke amabheringi. 

Vusa izakhi ezimakayo uzibophele bese ubeka ipulantela endlini. Phakamisa ipulantela ulibeke phezu kwezisekelo ukuze amasondo angemi phansi ahlale ephakeme. 

 

QHAPHELA: Ungabeki ipulantela uma kusekhona ukucindezela ngaphakathi kwesilinda samahayidroliki. Ukwehlisa ukucindezela kwehayidroliki, cisha ugandaganda bese uhambisa amaliva ngaphambili nangemuva. Bese ungakhumula amaphayiphi ehayidroliki futhi ungasusa nesilinda uma uthanda. 



UKUQIKELELA INGOZI

Imenyuweli likagandaganda nelepulantela linemilayezo yokuvikela ingozi. Lapha sizokhuluma ngenxenye yalezo zinto. Okulandelayo yimilayezo ejwayelekile yokusebenzisa ipulantela ngendlela ezovikela ukuvela kwengozi njengokulimala.

Njalonjalo yehlisa ipulantela lime phansi lapho lingasebenzi. Uma kungenzeka, zama ukubeka ipulantela phansi njalo lapho kudingeka ukulinganiswa noma ukulungisa izinto eziphukile. 

Qinisa njalo ukuthi ufake izisekelo lapho kudingeka ukuthi usebenze ngaphansi kwepulantela ukuze lingaweli phezu kwakho. 

Vumela umuntu oyedwa kuphela, umshayeli, phezu kogandaganda lapho ugandaganda nepulantela kusebenza. 

Ukuhlanza, ukugcobisa, ukulinganisa ngesikhathi umshini usagijima kungakudalela ingozi ulimale. Ukuma nokuhamba phezu kwepulantela lapho ligijima nakho kungadala ingozi ngoba uzokuwa. 

Phatha amakhemikheli ezokulima ngoqhaphela futhi gqoka izinto ezokuvikela. Ukusebenzisa izinhlobo zamakhemikheli ezingafanelekile kungadalela abantu, izimpahla, izitshalo nomhlabathi ingozi. Landela umlayezo walabo abenze umuthi. 

