 Maintenance (Maize)									Zulu

Ukulondoloza nokubheka isifafazo



 Instructions:

Folio strap: Ukulondoloza 

Byline: Kuthathwe kuGrain SA Technical Skills Development Course okubhalwe nguJane McPherson 

Photos: 

 

Izindlela zokulondoloza nokubheka zisiza ukuzilungisela ukuze umsebenzi wonyaka ozayo ubelula, futhi zenza ukuthi isifafazo sakho sisebenze kahle ngokwamanje nakusasa. 



Lapho amakhemikheli angena futhi aphuma esifafazweni sakho njalonjalo ngesikhathi eside, kungenza ukuthi izakhi zesifafazo zidleke, zithombe futhi adle upende namakhonekshini kagesi. Izinto ezisalayo (amakhemkheli) zingadala ingozi ebantwini abasebenza ngaleyo mishini noma eduze nayo. Futhi amakhemikheli asalayo angadala ingozi lapho usebenzisa leso sifafazo ngonyaka omusha. 



Ukulondeka kusho ukuthi ufanele uzibheke wena, nomndeni nabasebenzi nezitshalo zakho, ngakho-ke kubalulekile ukuthi uhlanze umshini wokufafaza njalo ngesikhathi usebenza ngawo nangesikhathi uwubeka. Khumbula ukuthi amakhemikheli amaningi asetshenziswa ekulimeni akwazi ukudala ingozi ezitshalweni nezimpahlweni – qaphela ukuthi uwasebenzisa kanjani uvimbe ingozi engavela noma nini. 



Ukuhlanza izakhi zesifafazo

Indlela egcwele yokuphatha nokubeka isifafazo inezinyathelo ezinhlanu. 



Step 1: Funda 

Ngaphambi kokuqala ukuhlanza isifafazo qinisa ukuthi ufunde ilebula lalo muthi owufafazile: 

Lizokutshela ukuthi ungalahla kanjani umuthi osasele ngendlela efanelekile; 

Lizonikeza umlayezo wokuhlanza odingekayo; 

Lizonikeza inhlobo yezinto ongazisebenzisa ukuhlanza; futhi 

Lizochaza izinhlobo zezingubo ezizokuvikela engozini (Outline the Personal Protective Equipment (PPE)). 



Step 2: Yakaza 

Ukuyakaza kuqonde ukususa wonke umuthi omningi ongaba khona ngaphakathi noma ngaphezulu kwesifafazo. Lokhu kusho ukuthi ubohambisa amanzi ahlanzekile kuzo zonke izakhi zomshini, futhi ilebula lizokutshela ukuthi ufanele uwachithe kuphi lawo manzi ukuze angadali ingozi. 



Ukuqinisa ukuthi nethangi lizogezeka, thela amanzi akhanyayo aze afike kuhhafu, hambisa ugandaganda emgwaqeni endaweni emfusha – lokhu kuzonyakazisa amanzi ethangeni ligezeke zonke izindawo. Ukuyakaza kaningi ngamanzi amancane (i-10% lethangi) kungcono nokugcwalisa ithangi kanye bese uyakaza kanye. Kufanele uphinde ukuyakaza kathathu noma ngaphezu kwalokho. 



Khetha indawo efanelekile ukucihitha noma ukufafaza lawo manzi oyakaze ngawo, indawo engasondelene nalapho kusetshenziswa khona amanzi ahlanzekile, nalapho kukhona ezinye izitshalo, nalapho amanzi azokuma isikhathi adale ingozi ebantwini, ezimpahleni nasemhlabeni. Ungawachitha eceleni kwensimu noma emgwaqweni. 



Qinisa ukuthi ukhipha amanzi ethangeni ngendlela ehambelana nomlayezo elebuleni lomuthi. Ungawavuli nje amavalfu amanzi achithekele phansi. Faka amanozili amakhulu ukukhipha amanzi masinya. Ingaphandle lesifafazo lifanele ligezwe kahle futhi. Siyaphinda futhi: lapho uyakaza umshini, qaphela ukuthi amanzi angabutheki kusale isichibi lapho abantwana, izilwanyane zasekhaya, izimfuyo nezinye izilwane zizongena khona. 



Step 3: Chitha (omisa) 

Chitha amanzi oyakaze ngawo maqondana nomlayezo elebuleni, fafaza lawo manzi endaweni lapho ubefafaza umuthi khona (emaceleni kwamasimu lapho ubefafaza khona kuyindawo elungile). Phinda futhi uchithe amanzi emva kokuyakaza. Qinisa ukuthi onke amanzi aphumile emathangeni ngaphambi kokubeka umshini ngoba amanzi asalayo azodala ingozi uma kubanda ashintshe abeyisithwathwa. 



Step 4: HloIa 

Emva kokuyakaza ngokugcina, ungahlolisisa umshini ukubona ukuthi azikho izinto eziphukile futhi uwulinganise. Nokho umshini ugeziwe kufanele ugqoke izingubo ezizokuvikela. Kungaba khona umuthi osele kwezinye izindawo. 



Amanozili angalingani nalawo adlekile; 

Amaskrini (amafiltari) amanozili alimele; 

Amaskrini asefayo alimele; 

Izindawo ezivuzayo neziklebukile; 

Isimo samapayipi, alukhuni noma aklebukile; 

Isimo samavelfu, izindawo ezivuzayo nokuxhega lapho avala khona, futhi 

Isimo nokuqina kwebhumu, lungisa lapho liklebukile. 

 

Step 5: Beka (qongelela) 

Lapho umshini usugeziwe futhi womile uyakhanya, ungacabanga ukususa ezinye izakhi ezingalimala lapho umshini ubekwa khona. 

Khipha amahluzo (amafiltari) uwageze ngezandla ngamanzi nensipho (khumbula ukufaka amaglavu azovimba izandla zithintane namakhemikeli), wayakaze uwabeke endaweni ethile noma ungawabuyisela emshinini. 

Hlola kahle ukuthi amanozili namavelfu anjani. Kungaba khona amakhemikeli asele azoqina ebusika bese umshini awungeke usebenze ngonyaka ozayo. 

Khipha amathipu amanozili, amahluzo, namavelfu uwahlole kahle bese uyawabuyisela. 

Geza uwayakaze onke. Wabeke endaweni evalekayo – khumbula ukubhala ukuthi kukhonani phakathi. Beka amavelfu endaweni engazobanda kakhulu ebusika ngoba angalimala. 

Susa onke amageji alinganisa isicindezelo bese uvala izimbobo lapho uzikhiphe khona. Wabeke endaweni lapho engakwazi ukulimala nokuthola ukubanda okukhulu kakhulu. 

Ekugcineni, hambisa i-antifreeze kuzo zonke izakhi zomshini. Hambisa i-antifreeze kumapayipi ebhumu. Lokhu kuzogcoba amapayipi ukuze angomi aklebuke. Vala onke amanozili ukuze i-antifreeze ihlale phakathi, vula mabili kancane ukuze i-antifreeze ikwazi ukuhamba zonke izindawo. Wavale lapho ubona ukuthi umshini ugcwele. 

Umgomo wokwenza konke lokhu ngukukhipha onke amanzi asasele emshinini nokugcoba izakhi nge-antifreeze. Kufanele ushiye i-antifreeze ngaphakathi komshini ukuvimba ukuthomba okwenzeka uma kusekhona umoya onomswakamo ngaphakathi. Abanye abantu basusa iphampu ngaphambili kokubeka umshini, ungafaka futhi amavelfu kule phampu avalayo ukusiza ngalo msebenzi. 

I-Anti-freeze yezimoto zokudlala (recreational vehicles (RV's)) ivama ukusetshenziswa kuzifafazo ezisebenza ekulimeni. Ayifani ne-antifreeze esetshenziswa ngokwejwayelekile ezimotweni ngoba ayinawo ushevu ongalimaza izilwane. Eziningi izinhlobo zeRV zizoqina lapho kumakhaza kodwa izivami kuqina njengesithwathwa. Akunandaba, funda kahle ukuthi ilebula lithini mayelana nalokhu ukuze ukhethe okuzolungela wena. 

Manje-ke umshini wokufafaza ugeziwe, ulungisiwe ukuhlala ebusika, kufanele ubekwe. Uma ukwazi ubeke ngaphakathi lapho ungalinyazwa izulu. Kodwa leyo ndawo ayifanele isondele kakhulu lapho kukhona umanyolo. Uthuli olungabakhona luzothombisa upende nezinsimbi zomshini. 

Uma ungafuni ukusebenzisa i-anti-freeze lapho ubeka umshini, kuzoba kuhle ukususa iphampu ulibeke nganhlanye eshedini kuze kufike unyaka omusha. Kaningi kusala amanzi ephampini, bese ebusika kwenzeka isithwathwa esingaklebula iphampu lingasakwazi ukusebenza. 

