Maintenance										Zulu



Kwenzekeni ngokuphatha nokuhlalisa imishini?



Instructions:

Folio strap: Ukuphatha imishini

Byline: Jane McPherson, umphathi weprogramu lokuThuthukisa leGrain SA

Lezi zithombe zesikhukhukazi esifukama emabhinini epulantela namaqanda angaphakathi kwetoolbox zisibhekisane futhi nenkinga yokuphatha nokuhlalisa imishini. Lokhu ukuhlehlela emuva akwenzeki masinya – kwenzeka esikhathini eside sokunganaki izimpahla zakho. 



Ukusebenzisa imishini kuyinto ebalulekile ekulimeni okuletha umnotho – ngaphandle kwemishini kuzokwenzeka umsebenzi olingana nomsebenzi owenziwa ngumuntu oyedwa nje. Ukuphatha imishini ngendlela efanelekile kufanele kube into eyenziwa njalo ngosuku nangosuku – ukubheka nokuhlola njalo ngosuku kuzovimba izingozi ezingavela. 



Imishini ivama ukuphuka ngesikhathi lowo mshini usebenza – yiso sikhathi siwudinga kakhulu lowo mshini. Uma ulandela indlela yokuphatha imishini ezovimba ukuphuka kwayo kuzokusiza ukungakhokhi izindleko eziningi futhi ungacithi isikhathi esiningi. Isikhathi esichithekayo lapho kuphuka umshini ngesikhathi sokwenza umsebenzi obalulekile singadalela umlimi ingozi enkulu. 



Le ncwajana kaDisemba ibhalwa ngesikhathi lapho kukhona imisebenzi eminingi emapulazini futhi abalimi banomsebenzi omningi – ukutshala ukudal okuzinhlamvu, ukuhlakula, ukufafaza umuthi wezifo nokuvuna ukolo. 



Nangu umlayezo ongakusiza phambili: 

Ukuhlolisisa ugandaganda wakho njalo ngosuku kubalulekile, kodwa lowo msebenzi awuvami ukwenzeka. Isibonelo, uma wehluleka ukuhlola nokuphatha ugandaganda njalo ngosuku, kungenzeka okulandelayo: 

Umhlanzi womoya ungangcola bese uzovaleka. Lokhu kuzokwenza ukuthi ugandaganda uphuze kakhulu idizili futhi uzolahlekelwa amandla.

Umhlanzi womoya ungabhoboka bese udodi uzongena phakathi kwenjini udale ingozi enkulu masinya.

Inani likawoyela lingehla bese injini ingalimala kakhulu ngoba akukho okugcobisayo okwanele.

Uwoyela ungangcola kakhulu bese izinsimbi eziphakathi kwenjini zizodleka masinya.

Uhlelo olupholisa injini lungalahlekelwa amanzxi apholisayo bese injini izoshisa kakhulu kulimale amabheringi, amapistoni namavelfi.

Indishana eyonga udodi okusedizilini ingagcwala bese ukuthomba kungenza ukuthi injini ingagijimi kahle futhi ingascisha ime.

Amapart aqegayo noma angaboshwanga kahle angaphuka, angakhumuka alahleke angalimala bese ugandaganda ungakulethela ingozi kulimale wena.



Vimba lezi zindleko ezibiza imali eningi ezilimaza imishini yakho ngokuthatha isikhashana esincane njalo ngosuku ngaphambi kokuqala ukusebenza. Yenza okulandelayo:

Hlola uhlanze umhlanzi womoya (air cleaner).

Hlola inani likawoyela.

Hlola amanzi apholisayo ugcwalise.

Faka igrisi kuzo zonke izindawo.

Hlola indishi eyonga udodi edizilini.

Lokhu kungabukeka ngokuthi kuyinto enomsebenzi omningi ethatha isikhathi eside, kodwa uma ulandela lezi zinyathelo njalo ngosuku, ugandaganda uzoqhubeka ukusebenza isikhathi eside futhi wena uzokwazi ukuvuna ekugcineni konyaka. 



Ekugcineni kwesikhathi sasehlobo, imishini eminingi iyabekwa ukuze kufike isikhathi sokutshala ngonyaka ozayo. Ngaphambi kokubeka imishini, cabanga ngalokhu okulandelayo: 

Susa wonke udodi, umhlabathi onamathele negrisi engcolile.

Phinda upende izindawo ezidlekile lapho kusuke upende.

Gcoba izinsimbi ezithintana nomhlabathi ngopende noma ngegrisi eningi ukuze zingathombeki.

Gcoba wonke umshini maqondana nomlayezo otholakala kumenyuwali.

Beka imishini phakathi kwendla uma unayo ukuze ingadleki yizulu.

Phakamisa umshini ufaka izingodo ngaphansi ukuze kusuke ukusinda emasondweni. Uma ubeka umshini ngaphandle, vala amathayela ngesaka ukuvimba ingozi yelanga.

Uma umshini usebenza ngamahayidroliki, faka ukhiye ukhiphe futhi ukucindezela okusekhona phakathi kwamasilinda, yehlisa umshini uhlale phansi. Yehlisa amasilinda ukuze kungangeni ukuthomba ezinsimbini eziphakathi.



Ngalesi sikhathi amapulantela aseqedile ukubeka izimbewu nokuthela umanyolo emhlabathini – manje nawo kufanele abhekwe anakwe: 

Chitha umanyolo, umuthi wokubulala ukhula nezifo bese uhlanza amabhokisi awo nezinsimbi ezingenisa izimbewu emhlabathini ukuvimba ukuthomba nokudleka. 

Hlola ukuthi kukhona izinto eziphukile noma ezidlekile bese ufaka ezintsha ngaphambi kokufika kwesikhathi sokuphinda ukutshala.

Gcoba izinsimbi ezivula imisele, ummese nezinto ezivala amadiski ngowoyela noma ngegrisi ukuvimba ukuthomba.

Gcoba onke ama bheringi. 

Phakamisa bese ukhiyela izinsimbi ezikhombisa ububanzi bemisele ubeke ipulantela endlini.







