Livestock (Maize)												 IsiZulu 

Izimfuyo nokutshala – ukuhlanganiswa okuhle 

 Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa ingcebo 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Farmer Lokuthuthukisa Abalimi Abasakhulayo 

 

Abaningi abalimi abatshalayo abaphumelela phambili banezimfuyo futhi epulazini. Izinkomo nezimvu zivama ukufuywa ngezinhlanga ezisalayo emasimini nangotshani emadlelweni. Kubalulekile ukusebenzisa wonke umhlaba okhona ngendlela ezoletha inzuzo – kunzima ukuthola inzuzo ekulimeni, ngakho-ke konke okuvela eceleni kuzosiza. 

Ezweni lethu kuvameka ukuthi amadlelo adliwa kakhulu yizimfuyo. Lokhu kuyinto embi ngoba abantu bavama ukufuya izinkomo, izimvu nezimbuzi eziningi kakhulu endaweni ethile. Ekugcineni lowo mhlaba awusenamandla ukufuya zonke lezo zimfuyo. Labo ngabantu abangacabangeli isikhathi esizayo, bafanele balandele umlayezo wokufuya izimfuyo ezithile endaweni ethile. Lapho ungazi kahle ukuthi uthini umlayezo maqondana nenani lezimfuyo endaweni ethile, thintana nomnyango Wezokulima oduze nawe ucele usizo, bona bazokutshela ukuthi isimo samadlelo akho sinjani. 

Into efanele inakekelwe ngumhlaba womuzi wonke. Ubunini balo mhlaba akuyinkinga kakhulu – inkinga isendleleni umhlaba uphathwa ngayo. Wonke umhlaba ufanele uphathwe ngendlela efanelekile, labo nalabo baphathi bafanele bathathe izinyathelo ezifanelekile, nokho bazozondwa ngezinye izikhathi. Uma kukhona izimfuyo eziningi kakhulu endaweni ethile kufanele zithengiswe ezinye. Qala ngokuthengisa izimfuyo ezindala ezingasazalisi. 

Izimfuyo

Zonke izimfuyo zifanele zibalwe maqondana nokubizwa ngokuthi AmaLarge Livestock Unit (LSU). Ukuhlanganisa lokhu kukhonjiswa kuthebula 1. 

Lokhu kuqonde ukuthola inani lezimfuyo epulazini elithile. 

 

Thebla 1

Izimfuyo 
 
 
 
Inani
 
Ukuhlanganisa
 
LSU
 
Intengiso/ LSU 

Standard
 
Inani lemali
 

 
Izimfuyo ezinkulu 
 
Ezikhulile
 
 
 
1
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
Amathole 
 
 
 
0,5
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
Inkunzi
 
 
 
1,2
 
 
 
 
 
 
 

 
Izimfuyo ezincane
 
Ezikhulile
 
 
 
0,25
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
Amazinyane 
 
 
 
0,1
 
 
 
 
 
 
 

 
Zonke Izimfuyo(LSU) 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 

 

 
 

Into eyenza ukuthi uphumelele kahle ngokufuya akusilo inani lezimfuyo onazo, kufanele ubheke futhi injani impilo yalezo zimfuyo: ziphilile, zikhuluphele, ziyazala ngokufanele noma qha? Kufanele uthole inkonyane njalo ngonyaka enkomazini eyodwa, bese uzoqhubekela phambili ngebhizinisi lakho. Bese ungabheka ukuthi kufanele uthengise ziphi izimfuyo ukuthola inzuzo. 

