Legal (Maize) 										 IsiZulu 

Isimo sebhizinisi lakho ngokwezomthetho 

 Imilayezo: 

Folio strap: Ukwandisa ingcebo 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi Abasakhulayo 

 

Cabanga ngalokhu okulandelayo lapho ufuna ndlela engcono yokwakha ibhizinisi lakho lokulima: kufanele ube umnini oyedwa – ungahlangani nabanye abantu ebhizinisini lakho. Thina bantu sonke siyehluka, asifani – abanye bayakwazi ukusebenza ngokukhuthazela, abanye abakwazi; abanye bathanda ukusebenza ngezimfuyo abanye bathanda ukutshala; abanye bayasesaba isikwenetu, abanye abasesabi; abanye bafuna ukulima kube impilo yabo sonke isikhathi, abanye bafuna ukulima nje kancane eceleni.

Lapho uzilimela wena ngokwakho, nguwe ongumshayeli – kodwa lokhu akusho ukuthi ungalaleli ukuthi bathini abanye abanolwazi. Kudingeka kakhulu ukuthola umlayezo kulabo abanolwazi, bese uzokwazi ukuthatha izinyathelo ezithile ngesikhathi esifanelekile. Kaningi kwenzeka ukuthi ibhizinisi lishona phansi lapho abaphathi bahlangene – abanye abanolwazi, abanye abalinaki kakhulu ibhizinisi, abanye abathandi ukusebenzisana, abanye abezi emhlanganweni, ngakho-ke lowo mhlangano awukwazi ukuthola isinqumo esiqondile. Bese kunzima ukuqhubeka ngokulima ngoba ubhekene nezinkinga zabanye abantu – ibhizinisi lakho vele lizoshona phansi. 

Isimo ngokwezomthetho 

Umhlangano Wezimpahla Zomuzi Wonke (Communal Property Association (CPA))
 
 
 

 
Ikhophoresheni
 
 
 

 
Itrasti
 
 
 

 
Inkampani
 
 
 

 
Ikhophoresheni elifinyene (CC)
 
 
 

 
Umnikazi oyedwa
 
 
 

 
Isihlanganyelo (Partnership)
 
 
 

 
 

Isimo sebhizinisi lakho ngokwezomthetho sinokuxhabelela okuningi – ukuhlanganisa amasu aqondile, ukuwasebenzisa lawo masu, ukuholela umsebenzi owenziwayo, ukwaba inzuzo nezindaba zentela. Zama ukumisa isimo ngendlela engaphambaphambene. 



Lapho usebenza njengomuntu oyedwa, akukho okuzokuvimba ukuba ilunga lekhophoresheni (co-operative). Asithi kufanele usebenze njengekhophorethi. Zisebenzele wena ongumuntu oyedwa kodwa kuzokusiza ukuba ilunga lapho uthenga futhi uthengisa. Uma uyilunga lekhophoresheni ungahlangana namanye amalunga ukuthenga izinto ngemali ephansi ngoba nithenga izinto eziningi. Futhi amalunga angahlangana ukuthengisa umkhiqizo – lokhu kungasiza abalimi abancane abakhiqizanga inani elikwanele lokuthengiswa lodwa (inkontilaki lokuthengisa ukudla okuzinhlamvu idinga inani elilingana namathani angu-50 noma angu-100). Ngale ndlela ungasebenzisana nabanye nithole usizo nonke, kodwa akekho omunye ozokubambezela noma ozokuphazamisa. 

