Leaves										Zulu

Kungani amakhasi ommbila angeluhlaza?



Instructions:

Folio strap: Okushodayo

Byline: Imininingwane itholakale encwadini yokuqeqesha yeGrain SA ebizwa ngokuthi: Ukukhiqiza nokumaketha ummbila ngendlela ehambela phambili



Ngalesi sikhathi izitshalo zommbila sezikhule kangaka ukuze sikwazi ukubona ukuthi kukhona yini ukushoda kokudla emhlabathini noma cha. 



Lesi khathi sikunikeza ithuba elihle lokuhamba emasimini akho ubheke ukuthi kungaba khona yini inkinga futhi kokucabanga ukuthi ungazivimba kanjani lezi zinkinga (njengokushoda kwenayithrojeni okungalungiswa ngokuthela iLAN ngaphezulu) nokunye okungalungiswa ngaphambi kokufika konyaka omusha. 



INayithrojeni

Uma sibheka izitshalo, kuzokhanya masinya ukuthi kukhona yini inayithrojeni ekwanele emhlabathini ngoba zizoba namakhasi amahle aluhlaza kakhulu. Ukushoda kwenayithrojeni kubonakala lapho uthola izitshalo ezincane nokuluhlaza okuncane noma okuliphuzi emakhasini. Lokhu okuliphuzi kuvama ekugcineni kwekhasi (lapho lichije khona) bese kwehla ngeliphakathi lekhasi. Lapho lokhu ukushoda kukhulu, lezo zindawo eziliphuzi ziyashintsha zibensundu bese ikhasi liyafa. Amakhasi amadala avama ukukhombisa lokhu ukushoda kuqala.



IZinki

Ukushoda kwalokhu kubonakala ngezindlela ezahlukene, okunye kukhonjiswa yizihlumo ezinsha ezimhlophe. Kukhonjiswa futhi okuliphuzi eceleni kweliphakathi lekhasi. Lokhu kushoda kubonakala futhi lapho amakhasi angaphezulu aphenduka abeliphuzi. Amaceleni, iphakathi nasekugcineni kuhlala kubluhlaza. Ngokwejwayelekile izitshalo azimili kahle.



ISalfari (Sulphur)

Lokhu kuyinto edingekayo phakathi kwama-amino esidi namaphrothiyini. Ngoba kudingeka ekumileni kwesitshalo kuphenduka kube phakathi esakhiweni sesitshalo. Ukushoda kwalokhu kubonakala lapho izihlumo ezintsha zibemhlophe, kaningi onke amakhasi esitshalo avama ukuba nokuluhlaza okumhloshana – akukho umehluko omkhulu ngaphakathi kwamakhasi amasha nalawo amadala. Lokhu kungenza ukuthi ukushoda kwesulphur (S) kucishe kufane nokushoda kwenayithrojeni (N). Kodwa ukushoda kwe-N kubonakala kuqala emakhasini amadala. 



Ukushoda kwa-S kungenzeka lapho kuthelwe isikhathi eside umanyolo ongenayo isulphur njengomanyolo onephosphorus eliningi.



Ukushoda kwePotassium

Ukushoda kwePotassium kubonakala lapho izitshalo zingamili kahle futhi amakhasi anemaceleni angathi ashisile. Ngoba ipotassium iyahamba phakathi kwesitshalo, kubonakala kuqala ukushisa emakhasini amadala. Okunye okukhombisa ukushoda yilokhu: izinhlanga azinamandla zisheshe ziwe, izifo zingena kalula ezitshalweni futhi azinamandla ukulwa nokubanda ebusika. 



Ukuhlolisisa inani lePotassium emhlabathini akuthembeki njalo, kakhulukazi esihlabathini ngoba ivama ukugezeka bese ingena emhlabathini ongaphansi.



IPhosphorus

Okuvamekile okukhombisa ukushoda kweP yilokhu: 

Ukumila okubi. 

Umbala oluhlaza ongakhanyi. 

Umbala obunsomi kwezinye izindawo esitshaleni. 

Ukwehla kwenani lokumila kwezimbali nokukhiqiza izimbewu. 

Ukuthatha isikhathi ukuvuthwa. 





