﻿
Isicelo semvume yomuntu osethathe umhlalaphansi
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yomuntu osethathe umhlalaphansi inikezwa umuntu wangaphandle onenhloso yokuzodlela umhlalaphansi eNingizimu Afrika.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Khipha ubufakazi bokuthi unengeniso okungenani elingu-R25 000 ngenyanga elivela kwisikhwama sempesheni  noma i-retirement annuity engeke yabuyiselwa emuva , noma kwimali onayo  engekho ngaphansi kuka-R15miliyoni.
Uma ufisa ukusebenza, kumele uchaze ukuthi akekho umuntu oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma omhlali okwazi ukwenza umsebenzi waleso sikhundla owenze isicelo saso.
Khipha ikontraki yomsebenzi yenkampani ozoyisebenzela enayo yonke imininingwane efanele ngaleyo nhlangano.
Isitifikedi sogonyo lwesifo se-yellow fever uma uzohamba noma unenhloso yokuhamba udlule endaweni evamise ukuba nesifo se-yellow fever. Isitifikedi ngeke sadingeka lapho uhambe, noma unenhloso yokuhamba udlule ungangeni kuleyo ndawo noma uma isicelo senziwa eNingizimu Afrika.
Khokha idiphozithi. Leyo diphozithi ngeke yabuyiselwa emuva kumkhiphi wayo ngemuva kokuba uhambile noma ngemuva kokuba ukhishelwe imvume. Ukukhokhwa kwediphozithi kungenziwa ngokukhokha ngesheke eligarantwe yibhangi  noma nge-credit card ezindaweni lapha okukhona le fasilithi.
Khipha isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa, kanye nemibiko kadokotela noma yabe-e-ray . Asikho isidingo sokuthi izingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 kanye nabesimame abakhulelwe babe nombiko weze-e-ray .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi esifinyelela ezinsukwini ezingu-30.

Phezulu

Izindleko

R425

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


