Key performance areas								Zulu

Izindawo ezibalulekile kuyini?

Instructions:

Folio strap: Ukuphatha umsebenzi

Byline: Jane McPherson, umphathi wephrogramu yokuthuthukisa leGrain SA

Ngoba ungumlimi unesizathu sokwenza izinto eziningi. 

Uhlola futhi uhlela ngezinhlobo umhlabathi wakho, kungani?

Ukubona nothola indlela yokusebenzisa umhlabathi ngendlela efanelekile.

Uthatha amasampula omhlabathi bese ayahlaziywa, kungani?

Ukuze uthole ulwazi lokufaka umanyolo olinganisiwe ukuze uthole umvuno omuhle.

Ulima noma uripha amasimu akho, kungani?

Ukuze amanzi emvula akwazi ukungena emhlabathini.

Udesa amasimu ngesikhathi kungamili izitshalo, kungani?

Ukuze ubulale ukhula okusiza ukulondoloza amanzi emhlabathini.

Uhlola izimakethe ezithile ukuthola ukuthi uzotshala ziphi izitshalo, kungani?

Ukuqinisa ukuthi kuhona indawo lapho uzothengisa umvuno.

Uyazibophisa ngenkontilaki yokuthengisa ngentengiso ethile, kungani?

Ukuqinisa ukuthi intengiso yomvuno izokulethela inzuzo.

Ulingisa indawo yokutshala, kungani?

Ukuqinisa ukuthi ngesikhathi sokutshala umhlabathi unesimo esihle esizosiza izimbewu ukungena kahle futhi zithintane kahle nomhlabathi zizokwazi ukumila masinya.

Utshala inani lezitshalo elithile futhi ukhetha inhlobo elungele wena, kungani?

Ukuze uvune umvuno omuhle.

Utshal izitshalo ngomanyolo othile nangenani elithile, kungani?

Ukuze uvune umvuno omuhle. 

Ufafaza insimu ngomuthi wokhula ngaphambi kokuhluma, kungani?

Ukuvimba ukhula ukumila lungalwi nezitshalo ukuthola amanzi, umanyolo, ukukhanya nomoya.

Ufafaza insimu ngomuthi wezilokazane emva kokutshala, kungani?

Ukuze izilokazane zingalimazi izitshalo zakho.

Uhlakula ngaphakathi kwemisele yezitshalo, kungani?

Ukubulala ukhula oluzoncintisana neszitshalo zakho.

Uthela umanyolo wangaphezulu ezitshalweni zakho, kungani?

Ukunikeza izitshalo zakho ukudla okudingekayo ukuze uthola umvuno omuhle.

Uhlola njalo ukuthi azikho yini izifo bese ufafaza umuthi uma kudingeka, kungani?

Ukunikeza izitshalo zakho ithuba lokumila kahle.

Uvuna ngesikhathi esifanelekile, kungani?

Ukuthola igredi elihle lapho uthengisa umvuno.

Izinto ezingaphezulu ungaziphatha zonke ngokwakho – ungathatha izinyathelo ezidingekayo ngokucabanga kwakho. 

Umbuzo olandelayo uthi uzokwazi kanjani ukuthi lezo zinto uzenze ngendlela efanelekile? Kufanele uzilinganise: ufuna ukuthola umphumela onjani? Uwutholile lowo mphumelo noma cha? Bheka imibuzo engaphezulu: eminye ungayiphendula ngokuthi ‘yebo’ noma ‘cha’ – isibonelo: umbuzo wokuthatha amasampula omhlabathi – uwathathile noma cha? Kodwa eminye imibuzo iletha futhi eminye imibuzo ekwazi ukulinganiswa:

Ripha noma lima insimu 

Ngesikhathi esithile nangokujula okuthile.

Desa ngesikhathi kungamili izitshalo

Ulondoloze umswakamo okwanele emhlabathini ukutshala ukuze izitshalo zizokwazi ukumila kuze kufike imvula? 

Ngena kunkontilaki yokumaketha ngentengiso ethile

Ngenani elingakanani lemvuno nangentengiso engakanani?

Lungisela insimu ukutshala

Uyilungise kahle futhi nangesikhathi ukuze ukwazi ukutshala ngesikhathi osikhethile?

Tshala inani lezitshalo elithile ehektheleni 

Uuqonde ukutshala izitshalo ezingakanani futhi ukuqede ngempumelelo?

Tshala ngomanyolo othile nangenani elithile ehektheleni 

Uqonde ukutshala amahektheli angakanani futhi ukuqede ngemphumelelo?

Fafaza amasimu ngamakhemikali athile

Usebenzise ziphi izinhlobo futhi uzithele ngokufanelekeyo?

Hlakula ngaphakathi kwemisele yezitshalo

Uphumele ukubulala ukhula?

Faka umanyolo wangaphezulu

Uqonde ukufaka uhlobo olunjani wagcina wafaka olunjani?

Vuna ngesikhathi esifanelekile

Uthole umvuno ongakanani ehektheleni futhi uthole intengiso engakanani. 

Zonke lezi zinto 

Ungazisongoza

Ungazenza

Ungazilinganisa



Kukhona inshuwalense yezindleko zokuqala ukutshala futhi ingatholakala kuARS (nakwezinye izinkampani) ezokuvikela izingozi ezinjengokoma, ukuna kakhulu, isichotho, umoya nomlilo. Kodwa abekho abazokinikeza inshuwalense yokuvikela ingozi edalwe ngamaphutha akho ngokungaphathi kahle umsebenzi wakho. Kubalulekile kakhulu uhlele kahle, usebenze kahle futhi usebenzise izindlela zokuphatha eziphakeme. 

