Key										Zulu

Ukukhiqiza ngokuphumelela kuyisikhiye esivula umnyango wokuqhubekela phambili



Instructions: 

Folio strap: Ukuphatha

Byline: Iminingwane itholwe kuAgribusiness Management manual 



Izinto ezibalulekile yilokhu: ukusebenza ngendlela ezoletha inzuzo – lokhu kuhambelana nalokhu okulandelayo:

Ukusebenza ngobukhali – yenza lokhu okufanelekile 

Ikhono lokwenza okufanelekile – yenza lokhu ngendlela eafanelekile. 

 

Ukukhiqhiza ngokuphumelela akulingani nomkhiqizo othalakala ekugcineni, kodwa kukhombisa ikhono lomlimi lokulinganisa okungenayo (izindleko) nalokhu okutholakayo (futhi ukushintsha okungenayo kube nenzuzo ekugcineni). Kufanele kulinganiswe nokwanda kwalokhu okutholakayo (umvuno); kodwa kufanele kubalwe kudonswe futhi konke okunye okungehlisa umkhiqizo: indlela yokusebenza ngokukhuthaza, ukuphatha umsebenzi ngendlela efanelekile, ukuthola ulwazi mayelana nokulima, isimo sezulu, nasekugcineni: inhlanhla! 



Lapho ubona ukuthi okungenayo (izindleko) njengedizili, umanyolo nemishini, sekwanda kakhulu, kufanele usebenze ngobukhali ukuze uthole inzuzo. 



Ukwanda kokukhiqiza ngokuphumelela kukhombisa ukuthi netheknoloji nayo iyakhulu futhi ukusebenza ngobukhali kuyaqhubeka – lokhu kwenza ukuthi kutholakale inzuzo enhle kodwa akungeniswa okuningi kakhulu. Kusho futhi ukuthi kufanele usebenze ngibukhali, hhayi usebenze sonke isikhathi. Ukulinganisa konke lokhu kuyinkinga ngoba kufanele ubale konke okungenayo nalokhu okuphumayo (umkhiqizo) bese uyakulinganisa ubheke ukuthi isimo sakho mayelana nalokhu sikuphi. 



Kubalulekile ukuthi ubheke ukuthi kungene imisebenzi engakanani ukukhiqiza ngonyaka odlule ngaphambi kokucabanga ngemisebenzi efanele yenzeke ngonyaka ozayo. 
 

