Journey (Maize) 									 IsiZulu

Uhambo oluqonde ekukhiqizweni kwezomnotho

Instructions: 

Folio strap: Iphrogramu lokuthuthukisa abalimi 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

IPhrogramu Lokuthuthukisa Abalimi liqonde ukukhulisa abalimi abansundu, ukubanikeza ikhono lokukhiqiza ukudla njalo ngendlela yezomnotho. Leli phrogramu nguhambo lokugcina oluya ekukhiqizweni kwezomnotho. 



Onke amaphrojekte ahlukene ale phrogramu lethu aqonde ukufika ekukhiqizweni kwezomnotho – imihlangano yeziqumbi zokufunda, izilinganiso ezikhombisayo, izinsuku zabalimi, ukwakha izivumelwano zokusebenzisana, umncintiswano woMlimi Wonyaka, iPhrogramu Labalimi Eliphakeme, izifundo zokuqeqesha, ukusakaza ngerediyo nale Pula/Imvula. 
 

Izindlela zokukhetha abakhiqizi abaphakeme

Kufanele umlimi abenomhlaba ononile ozokwazi ukukhiqiza ukudla okuzinhlamvu, futhi kufanele kubekhona omunye umhlaba lapho efuna ukwandisa umsebenzi wakhe aze afike lapho akwazi ukukhiqiza amathani angu-250. (Ubunini bomhlaba bufanele buqiniswe, kodwa akunandaba lapho umlimi ungumnini noma eqasha noma esebenzisa umhlaba osetshenziswa ngumuzi wonke). 

Lapho kungenzeka, umlimi sifuna esebenze njengomuntu oyedwa, hhayi njengequmbi. Sesibonile ukuthi lapho kulima abantu abaningi ndawonye, njengequmbi, akulungi ngoba abantu abezwani. Bese abaqhubeki ngomsebenzi wokukhiqiza ngendlela efanelekile. 

Kufanele abenogandaganda nemishini. Kunzima ukuba umlimi wezomnotho uma ungenayo imishini ekwanele. (Ngezinye izikhathi kungalunga ukuthola umkhontilaki ukulima nokuvuna, kodwa kungcono ukuzenzela yonke imisebenzi). 

Kufanele umlimi abe ilunga lequmbi lokufunda futhi kufanele aye ezifundweni zeGrain SA ezintathu nome ezine. Amaqumbi okufunda anikeza umlimi ulwazi maqondana nokulima nokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu. Izifundo zokuqeqesha nazo ziyasiza ukunikeza ulwazi, kanjalo uya funda, bese kufanele asekelwe epulazini ukusebenzisa lolu lwazi. 

Kufanele umlimi abenesifiso sokulima, ukufunda nokwamukela umlayezo. Ukuba umkhiqizi wokudla okuzinhlamvu kudinga ukukhuthaza sonke isikhathi, sibonile ukuthi abaningi abalimi abangalimi sonke isikhathi abaphumeleli. Ukuthuthukisa umlimi aze abe umlimi wezomnotho kuthatha isikhathi eside futhi kubiza imali eningi – akusizi ukuchitha yonke leyo mali ngomlimi ongenakho ukukhuthaza maqondana nokulima. 

Lapho umlimi engenayo imali ekwanele yokulima ngaphandle kwesikwenetu, kufanele abenezimpahla ezizobopha isikwenetu sokuqala ukulima (umthetho omusha wezikwenetu (NCA) wenza ukuthi kubenzima kakhulu ukuthola isikwenetu, bese abalimi abakwazi ukuqhubeka ukulima). 

Kungalunga ukuba namanye amabhizinisi akwazi ukungenisa imali, kodwa thina sifuna ukuthi umlimi abekhona njalo epulazini. Thina asisebenzi ngomnini wepulazi ongekho epulazini. 

