Ukunisela (Ummbila)								 IsiZulu



Ukunisela – kuyini lokhu? 



 Instructions: 

Folio strap: Ukunisela 

Byline: Imininingwane ithathwe kumenyuweli ebizwa ngokuthi Ukukhiqiza Ummbila Ngokunisela (Maize Production under Irrigation)

Umhlaba jikelele unenkinga ngendaba yamanzi ngoba abantu emhlabeni bayanda njalo kodwa amanzi angatholakala awandi. Imephu elandelayo ikhombisa izindawo lapho kukhona amanzi emhlabeni. 
 















Kukhona abantu abaningi emhlabeni abangakwazi ukuthola ukudla namanzi ahlanzekile njalonjalo. Eziningi izindawo zomile azitholi imvula, ngakho-ke abakhiqizi basebenzisa ukunisela ukwenza okulandelayo:

Ukukhiqiza ukudla/izitshalo ngamanzi alondoloziwe ezindaweni lapho imvula ingani kakhulu noma njalo. 

Ukusebenzisa amanzi alondoloziwe abuya kwenye indawo esekudeni. 

Ukwehlisa ingozi yokufa kwezitshalo ezitshaliwe kanjalo kuqiniswa ukuqhubeka kokukhiqizela izwe ukudla. 

Ukwandisa inani lomkhiqizi ehektheleni.

Ukukhiqiza ukudla ezikhathini ezomile nalezo ezimanzi. 

Ukukhiqiza ukudla kabili ngonyaka. 

Ukusebenzisa imali engena ebhizinisini ngendlela efanelekile. 

Ukunikeza imakethe eikhulayo njalo ukudla okwanele. 

Ukukhiqiza izitshalo nemvuno enhle.

Ukuthuthukisa izindawo ezisemaphandleni. 

Ukukhiqiza izinhlobo zezitshalo ezikhethiweye ezindaweni ezomile (lapho kungafuneki kufike imvula ngesikhathi esingafanelekile engalimaza izitshalo). 

Kukhona izindawo eziningi lapha eNingizimu Afrika ezishisayo ezomile, lapho kukhona ukuhwamuka kwamanzi kakhulu futhi azitholi njalo imvula. Kulezo zindawo kunzima ukukhiqiza ukudla ngendlela efanalekile ngaphandle ukungenisa amanzi asuka kwenye indawo. Ukukhiqiza ukudla ngaphandle kokunisela kubizwa ngokuthi: kutshalwa ngemvula kuphela, noma ukukhiqiza emasimini omile.

Isimo sezulu esinelanga njalo esishisayo sithuthukisa ukumila kwezitshalo ezithile, futhi eziningi zimila kahle uma kukhona amanzi akwanele ukuzinisela. Ngokubona kwethu izindawo eziniselwayo ezingu-40% zisetshenziswa ngabantu abangaphandle kwagavumente (private), ezingu-26% ziphathwa ngugavumente, lapha kukhona abakhiqizi abancane abangu-4%, i-30% isele iphathwa iskimu esibizwa ngokuthi ‘irrigation board schemes’. 

