Word count: 547

Wheat



Ukuhlanganisa ukolo nePula-Imvula



Instructions:

Insert: Ukudla okuzinhlamvu zasebusika

Insert: Umgomo osphesheli

Byline: Jane McPherson, umphathi weprogramu lokuThuthukisa leGrain SA

Lapho ufunda le ncwadi ebizwa ngokuthi Pula-Imvula, uzothola ukuthi kukhona iProgramu lokuThuthukisa Abalimi leGrain SA. Ngesikhathi esdlulileyo lelo programu belithola imali evela kakhulu kuyiMaize Trust, kanjalo-ke besikwazi ukubhala izindaba eziphathelene nokukhiqiza ummbila kuphela. 



Nibonile futhi ukuthi ngesikhathi esisanda ukudlula siqale ubhala izindaba ezithintana nokukhiqiza izimbewu zikawoyela – lokhu kwenzeke ngoba sesithola imali evela kuOil and Protein Seeds Development Trust. Kwamanje kuyasijabulisa ukunitshela ukuthi siphumelele ukuthola imali kuWinter Cereals Trust. Ngakho-ke, ngokusuka ngale ncwadi yaDisemba sizoqhubeka ukubhala izindaba eziphathelene nokukhiqiza ukolo ezindaweni lapho kutshalwa khona ehlobo. Lezi zindaba zizongena njalo kuPula-Imvula emva kwezinyanga ezintathu. 



Ngokwamanje izindaba zikakolo bezibhalwa kuphela ngesiNgisi nangeSesotho futhi zizohanjiswa nePula-Imvula eFreyi Stata. Esicelweni sethu esiye kuWinter Cereals Trust, sicele usizo ngomsebenzi esifuna ukuwenza ukusekela abalimi bokolo abasakhulayo  abaseMpumalanga Freyistata nasePhakathi Freyistata. Sizotshala izikhombiso zokuhlola ezimbili – esinye eModderpoort, eduze naseLadybrand esizosiza abalimi abasendaweni yasempumalanga, esinye eGlen, eduze naseBloemfontein esizosiza abalimi abasendaweni ephakathi. 



Umgomo wokutshala lezi zikhombiso zokuhlola ngukukhombisa nokufundisa abalimi ukuthi yiziphi izindlela zokulima ezingcono – ukulima ngendlela ezolondoloza umswakamo emhlabathini ezinyangeni zasehlobo, ukukhetha izinhlobo zezitshalo ezifanelekile, inani lezitshalo ehekthelini, inani likamanyolo nokuphatha ukhula nezifo – kuhle ukuzwa ngale zinto, kodwa kungcono kakhulu ukuzibona ukuze uqonde kahle ukuthi kufanele ulime kanjani. 



Kukhona izincwadi eziningi eziphathelene nokukhiqiza ukolo ezindaweni lapho kuna khona ehlobo, kodwa thina sicabange ukuhlanganisa imanyuwele (incwadi yokuchasisa) elizobhekana kakhulukazi nezinkinga zabalimi abasakhulayo kulezi zindawo. Imanyuwele lizochaza kakhulu izindlela zokulondoloza umswakamo emhlabathini – into ebaluleke ukwedlula zonke ezinye ekukhiqizweni kokolo ezindaweni ezithola imvula ehlobo kuphela. Le ncwadi izoba nezahluko ezizoxoxa ngomhlabathi, isimo sesitshalo sikakolo, izidingo zokudla zikakolo, izindlela zokutshala okuzohambelana nokukhetha uhlobo lwesitshalo, inani lezitshalo nezikhathi zokutshala, izindlela zokubulala ukhula lapho izitshalo zisamila, ukuphatha izifo nezilokazane, izindlela zokuvuna, zokuhlolisisa (grading) nokumaketa. 



Emva kokuqeda lesi sifundo, sizonikeza izifundo zokuqeqesha ezintahu (ukukhumbuza abanye) – isifundo esisodwa siqonde ukuqeqesha iziphathi zokuqobelelana nolwazi, ezinye ezimbili ziqonde ukuqeqesha abalimi – ekuseni sizobheka ulwazi okusemabhukweni bese entambama sizofundisa ukwenza umsebenzi ngezandla. 



Ukuze sikwazi ukusekela abalimi ngendlela efanelekile sizozama ukwakha amaqembu amane aqonde emkhiqizweni wokolo. Lawo maqembu okufunda azohlangana njalo ngenyanga, konke okuhambelana nokulima ngaleyo nyanga kuzoxoxwa. 



Sibonga kakhulu ukuthola ithuba lokusekela abalimi bokolo eFreyi Stata. Sibheka phambili ukusebenza kaduze nabilimi, amabhizinisi wezokulima kanye neSmall Grain Centre yaseBethlihemi

