Improvements (Maize) 							 IsiZulu 

Kubalulekile ukunonisa nokwenza ipulazi libengcono

 Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa inani 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

Umhlaba ophucukile (ongenalutho) awunenani uma ulinganiswa nomhlaba ogunyisiwe onezimpahla. Ngakho-ke kubalulekile ukubheka izindlu, izintango nemigwaqo epulazini lakho kuhlale kuphilile sonke isikhathi. 



Okwakhiwe epulazini kufanele kuphathwe ngendlela efanelekile ukuze kukwazi ukusetshenziswa njalo nakusasa – ukubeka umvuno, ukusebenza ngomkhiqizo, ukugunda izimvu, njll. Kungcono vele ukubeka ogandaganda neminye imishini ngaphansi kophahla, uma zima ngaphandle zizolimala. 



“Izintango ezinhle eziphilile zidala omakhelwane abazozwana kahle nawe”, kufanele izimfuyo zakho zihlale endaweni yakho. Lapho utshala, kubalulekile ukuthi izimfuyo zingakwazi ukungena kulawo masimu. Uhlelo (isu) lokudlisa izimfuyo ezindaweni ezithile ngesikhathi esithile lenza ukuthi utshani obuthile obuthandekayo buzovikelwa futhi buzothola isikhathi sokuphinda ukumila. 

Amakontula nezindawo lapho amanzi amaningi azokwazi ukugeleza khona kubalulekile ukuvimba ukuguguleka komhlabathi – ukuguguleka komhlabathi kudala ingozi engakwazi ukulungiswa, kusemahlombeni abantu bonke ukunonisa nokuvikela umhlabathi ukuze abantwana bethu bazokwazi ukusebenzisa lowo mhlabathi nakusasa bathole impilo enhle. 



Imigwaqo ibalulekile lapho kulinywa ngendlela yezomnotho – izinto ezifana nomanyolo zifanele zifike kahle epulazini, futhi umvuno wethu ufanele ukwazi ukuhamba kahle uye lapho uzothengeswa khona. Ukuphatha imigwaqo emapulazini kuyinto ebalulekile ekulimeni. 



Izakhiwo
 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 
Uthango
 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 
Amakontula
 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 
Izindlela zamanzi
 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 
Imigwaqo
 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 


