Hunger (Maize) 									 IsiZulu 

Indlala – inkinga enkulu esibhekene nayo eNingizimu Afrika 

Instructions: 

Folio strap: Okujwayelekile 

Byline: UDkt Kobus Laubscher, Umpahthi Omkhulu weGrain SA 

 

Umhlangano omusha obizwa nokuthi, Grain Farmer Development Association (GFADA), Umhlangano Wokuthuthukisa Abalimi Bokudla Okuzinhlamvu, osebenzisana neGrain Value Chain Network (GVCN), ukhathazekile ngesimo sezokulima esingasalethi inzuzo ekwanele ekukhiqizeni okuningi kokudla okuzinhlamvu eNingizimu Afrika, futhi ukhathazekile ngomthelelo lokhu kuzoletha kulabo abaqala ukungena emsebenzini wokulima. 

Ukumiswa kwalaba balimi abasha kuyinto ebalulekile kugavumente, ngakho-ke iGFADA ifisa ukusekela ngawo onke amandla abalimi abasha. Kodwa ukunikeza labo bantu umhlaba ngaphandle kokubasekela ngendlela efanelekileyo kuyisimangaliso ngoba babhekene nezinkinga eziningi. Amalunga eGVCN anolwazi nobungcweti ukuthatha izandla zabo nokubasekela, kodwa kufanele ugavumente unikeze izimali ezidingekayo zokupha abalimi imishini ukuze bakwazi ukuqhubeka ngezizamo zabo zokuphumelele nakusasa. 

Ngeqiniso, kubaluleke kakhulu ukuthi sonke isimo somsebenzi sokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu siphinde sibhekwe. Isikhathi sesiyasishiya, futhi kungaba usuku olubi uma sivuka kusasa sibone ukuthi akusekho ukudla. Sekuyisikhathi sethu sonke ukubona ukuthi ngesimo sakwamanje, lokhu kungenzeka nakusasa. 

Ikuphi inkinga?

Izintengiso zomkhiqizo zihambelana nezindleko zokuqala zasephesheya, iNingizimu Afrika laziwa ukuthi izindleko zalo zingaphezu kwamanye amazwe emhlabeni jikelele. Ukwanda kwezindleko kukhula ngendlela engaphezulu kwentengiso yomkhiqizo – lokhu kucindezela abalimi kakhulu ngoba kukhona ingozi ngaphambili.

Ukuvunda nokuba nekhono lokukhiqiza kungavimba le nkinga. Ukuhlola njalo kubalulekile uma sifisa ukuqhubekisa izindlela zokukhiqiza. Kodwa sinenkinga ngoba ugavumente awunikezi izimali ezanele zokwenza lokhu ukuhlola nokubhekana nale nkinga ngendlela eqinile. 

Inani lezintengiso ezikhuphukayo zidinga ukuthi inani lenzuzo emahektheleni athile alingane nalokhu okukhiqhizwayo, noma lokhu okukhiqhizwayo kufanele kwandiswe. Lokhu kusho ukuthi izindawo lapho kulinywa khona kufanele zandiswe ukuze zilingane nenzuzo edingekayo. Ngokunye, uma abalimi abasha abengena ekulimeni bazokwazi ukuphumelela kufanele basebenzise itheknoloji ensha ngendlela efanelekile. Umgomo ufanele uhambelane nokwezomonotho. Abalimi abasha bathemba labo abakwazi ukunikeza ulwazi nokusekela okuqhubekayo – lokhu kuyisibonakalo seGFADA. Ukulima kungumsebenzi onezinkinga nezingozi, kakhulukazi lapho sibhekene neminyaka emibi emahlombeni ethu. 

Lapho sibheka izimali ezingenayo sibokhumbula ukuthi intengiso ihambelana nezintengiso zangaphesheya nokushintshana kwemali yalapha nalezo zangaphesheya. Lokhu akukho ezandleni zabalimi. Izintengiso ziyahluka futhi malingana nalezo ezivela phesheya nalezo ezivela lapha kithi. 

Intengiso yokudla okuzinhlamvu ihambelana nalokhu okubizwa ngokuthi free market mechanisms, lokhu kukhombisa ukubaluleka kwalokhu okudingekayo nalokhu okunikezwayo. Ukukhiqiza lapha eNingizimu Afrika kweqa lokhu okudingekayo ngakho-ke ukuthengisa phesheya akulethi inzuzo enhle. Ukukhiqiza emhlabeni jikelele nakho kuphezulu kwenza ukuthi intengiso yehle. Futhi imithetho kagavumente ivimba ukuthuthuka kwamamakethe amasha njenge bio fuels. 

Abalimi baseNingizimu Afrika abatholi ukusekela okukhulu okuvela kugavumente, manje bayahluleka ukuncintisana namanje amazwe lapho ugavumente usekela abalimi. Ugavumente weNingizimu Afrika ufanele ucabange ngokushintsha ukubopha kwezintengiso (tariff controls) ukuze unikeze abalimi ukusekela okungcono bese nabathengi bazokwazi ukuphila kangcono. 

