﻿

Isicelo semvume yokuhlala unomphela - kumsebenzi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo isebenza kumuntu wangaphandle ofisa ukwenza isicelo sokuba ngumhlali wanomphela ngenxa yokuthi enikezwe umsebenzi wanomphela eNingizimu Afrika. Isicelo kumele siwele ngaphansi komkhawulo wonyaka obekwayo ngezikhathi nezikhathi.

Izicelo zingenziwa ehhovisi laboMnyango wezaseKhaya  noma kwinxusa laseNingizimu Afrika noma i-mission uma kwenziwa isicelo ngaphandle.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo, i-BI-947 no-BI-29E.
Lowo ofuna ukukuqasha kumele anikeze ubufakazi bokulandelayo kwaboMnyango wezaseKhaya:

ukuthi isikhundla somsebenzi onikezwa wona sikhona
ukuthi isikhundla kanye nencazelo yomsebenzi kwafakelwa ezazisweni zokukhangisa ngendlela ebekiwe.
ukuthi akubanga namuntu ofanele oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika, noma umhlali wanomphela owayesifanele  lesi sikhundla.

AboMnyango wezemiSebenzi  kumele baqinisekise ukuthi izimo nemibandela yomsebenzi azikho ngaphansi kwalezo ezinikezwa, nezikhona kulowo mkhakha womsebenzi abantu abayizakhamizi zaseNingizimu Afrika, nabanelungelo lokuhlala unomphela. Ngokwenza lokho, abe-DoL kumele babonelele izivumelwano zezingxoxo zokubonisana ndawonye phakathi kwabasebenzi nabaqashi  kanye namanye amazinga asebenza kwimikhakha nemikhakha.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002 , as amended 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe sale nkonzo .

Phezulu

Izindleko

R1 520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for permanent residence permit, BI-947 

Power of attorney in respect of an application for a temporary or permanent residence permit, BI-29E.


Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


