Help (Maize) 									 IsiZulu

Ngicela usizo – ngifuna ukulima!

 Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa inani 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

Kukhona abaningi abantu abasishayela ucingo ngalesi sicelo – “Ngicela usizo, ngifuna ukulima”. Ingxenye yalaba Bantu abanalutho, abanye banawo umhlaba nemishini. Ukulima kuyibhizinisi futhi ukuphumelela ebhizinisini kuyinto enzima – kufanele ubenemishini, ubenokukhuthaza, ubenolwazi. 

Labo bantu abafisa ukuba abakhiqizi kokudla kodwa abangenomhlaba nemishini, banenkinga enkulu. Kodwa ubokhumbula ukuthi akudingeki njalo ukuba umnini womhlaba ngaphambi kokuba umkhiqizi. Ngokuqiniseka, wonke umhlaba ubolekiwe nje – thina singabaphathi balo mhlaba kuphela, lapho sishona umhlaba usazobakhona. Uma unesifiso esikhulu sokulima, zama ukuthola umhlaba noma kanjani, noma kuyindawana encane nje uqale ukulima. Ungaqasha umhlaba (khumbula ukuthi ungaqasha amapulazi kubanye abanini, futhi amaningi amaminisipali anomhlaba wezwe wabantu bonke azowuqhashisa). Kufanele uqale phansi ufunde njalo – awungeke uthole ulwazi emabhukwini kuphela, kufanele ufunde ngokusebenza ngezandla wena, akusiyo into elula. 



Manje-ke sekufanele uthole ulwazi – ukulima kungumsebenzi ohlukahlukile. Maqondana nohlobo lokulima olufuna ukulwenza kufanele uthole ulwazi oluhambelana naleyo nto ofuna ukuyilima, uma ufuna ukutshala izitshalo kuzodingeka ulwazi lokutshala (ukudla okuyizinhlamvu, izimbewu zikawoyela, amaveji, ifolishi, njll), ulwazi lokufuya izimpahla (izimfuyo ezinkulu, ezincane, izinkukhu, izinyamazane nezingulube), ulwazi lwemesihini (ogandaganda, amapulantela, izifafazo, amageja namaskofela), futhi okubalulekile kudingeka ulwazi lokuphatha zonke ezinye ezihambelana nokulima (izinto zezomali, abasebenzi, imishini nazo zonke izinto ozosebenza ngazo). 



Uma unemvumo yokusebenzisa indawana encane, mhlawumbe ihektheli elilodwa nje, qala ukusebenza! Lapho uqalile uzongena endleleni ekhomba phambili, eya kubalimi bezomnotho. Usufundile ukuthi kufanele usebenze kanjani – yenza lokho ngendlela efanelekile. Ngokwaleka sithola ukuthi abantu bafundisiwe ukusebenza ngendlela efanelekile kodwa bese bayabuyela baphinde balandele izindlela zakudala. UOprah Winfrey uthi, “If people know better, they do better”. Lapho usufundile ukuthatha amasampula omhlabathi ukuthola inani lokudla okukhona – wathathe lawo masampula! Lapho usuthole umlayezo mayelana nohlobo lukamanyolo olufanelekile – sebenzisa lowo manyolo (nokho ulima ihektheli elilodwa nje). Thenga izimbewu zokutshala ezifanelekile, qinisa ukuthi utshala isibalo esifanelekile emseleni othile. Phatha ukhula – ukhula luyisitha esikhulu lapho utshala ukudla, luntshontsha ukudla kwakho! Luntshontsha amanzi, ukudla, ilanga nomoya – akekho umuntu ozothanda ukuthi izinto zakhe zintshontshwe ngabanye, kanjalo-ke nezitshalo zakho azikuthandi lokho. 



Lapho usuqonde kahle ukuthi ziyini izidingo zokulima, sekuzofika izikhathi sokwandisa indawo lapho ulima khona. Kaningi sizwa ukuthi abantu bayakhala ngoba bathi indawo abayilimayo incane kakhulu – kodwa uyisebenzisa ngokufanelekile leyo ndawana oyiphethe? Usebenzisa wonke umlayezo okhona? Khumbula ukuthi njalo kukhona abanye abantu abanolwazi olungaphezu nolwakho, futhi uzothola ukuthi bavama ukuthanda ukusiza abanye abalimi – funda kubo. 

