Heart (Maize) 									Zulu 

IGrain SA – inhliziyo yomsebenzi wokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu 

Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa umnotho 

Byline: UJenny Mathews, umphathisihlalo wePhrogramu Lokuthuthukisa Abalimi leGrain SA 

IGrain SA liphatha iphrogramu Lokuthuthukisa Abalimi elisekelwa ngemali evela kuMaize Trust, iOil and Protein Seeds Development Trust, iSorghum Trust neWinter Cereals Trust, eliqonde ukunikeza abakhiqizi lapha eNingizimu Afrika ulwazi ngokubafundisa nokubasekela nokubasiza ngezindlela ezahlukene eziseduze nabo ezingatholakala kalula. 

Ngoba iGrain SA linethimu lezingcweti (izazi) elihamba phambili ngokunikeza ulwazi olukhuthele kubalimi abasakhulayo lapha eNingizimu Afrika,ngokwamanje bayaziwa ngokuthi bavele bahamba phambili ngokuthuthukisa abakhiqizi. Amalunga eGrain SA akholwa ukuthi lephrogramu lizosiza ukuguqukisa isimo sokulima ukuze abantu abasale emuva ngezikhathi ezidlule bathole ithuba manje lokusebenza ngokulingana nabanye emsebenzini wokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu. Kodwa kubalulekile ukuthi siqonde kahle ukuthi iGrain SA liyini futhi linomsebenzi onjani ezokulimeni lapha eNingizimu Afrika. 



IGrain SA lingubani?

IGrain SA lingumhlangano ohlanganiswe ngentando futhi libhekene nomsebenzi wokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu ezweni lethu nangaphesheya. Liqonde ukuthuthukisa bonke abakhiqizi bokudla okuzinhlamvu lapha eNingizimu Afrika. 



Bonke abakhiqizi abalimayo abasekela imigomo yeGrain SA bayakwazi ukujoyina lo mhlangano uma bakhokha izimali ezidingekayo. 



IGrain SA lenza umsebenzi onjani ekulimeni lapha eNingizimu Afrika?

IGSA lingumhlangano wezomthetho maqondana nezindaba zokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu lapha ngaphesheya futhi likhulumela bonke abakhiqizi lapha eNingizimu Afrika ngendlela ezothuthukisa imisebenzi yabalimi lapha nangaphandle kwezwe lethu. 

IGrain SA lisebenza njengephoyisa kulo msebenzi wezokulima ukubheka izinyathelo nemithetho okungena kulo msebenzi ukuze likwazi ukuvikela amalunga alo. IGrain SA futhi libeka phansi imibuko yamalunga – nezindlela acabanga ngazo bese likuhambisa kugavumente ukuxazulula izinkinga nokuhlanganisa imithetho emisha.

Umgomo omkhulu weGrain SA uqonde ukuthola ukukhiqiza okufanelekile nokumaketha ukudla ngendlela elingene kulabo bonke abalimayo. Lo mhlangano usebenza njalo ukuhlangana nabanye abasebenza ezokulimeni ukuze bazokwazi ukuncintisana nabakhiqizi abakhulu emhlabeni jikelele njengeUSA neBrazil.

Umsebenzi weGrain SA wenziwa ngamaQembu eZingcweti Asebenzayo 

Kula maqembu kusebenza abantu abasebenzela iGrain SA, izingcweti nabakhiqizi abahlezi nabaphathi bomhlangano. Umsebenzi wabo uqonde ukwenza okulandelayo: 

Ukubheka ukuguquka kwemisebenzi yezokulima nokuhlangana namakomiti kagavumente ukuqinisa ukuthi wonke umsebenzi wenzeka ngendlela elingene, ezobasiza bonke abalimi abatshala ukudla okuzinhlamvu lapha emhlabeni wethu; 

Ukuhlola njalo izindleko zokuqala ukulima nezindleko zokutshala konke ukudla okuzinhlamvu; 

Ukubheka (ukuba iphoyisa) njalo ukuthi isimo semisebenzi nesimo sezinto ezinikezwayo kubakhiqizi sifanelekile; 

Ukuxoxela nokumela abakhiqizi kuma-agribhizinisi nabo bonke abanye abasebenza – ngokwezokulima nangokunikeza umhlaba ukudla; 

Ukufunda ukuthi ukumaketha emhlabeni jikelele kunjani futhi ukucindezela ugavumente esekele evikele abakhiqizi bokudla okuzinhlamvu ukuqinisa ukuthi bonke bancintisana ngendlela elingene; 

Ukuqinisa ukuthi ukufunda okuhambelana nokulima kuyaqhubeka lapha eNingizimu Afrika ukuze abalimi lapha banikezwe ulwazi olufanelekile mayelana netheknoloji elizobasiza ukuqhubeka ukuhamba nabo abahamba phambili ekulimeni; 

Ukuhlola isimo sezinto ezihambelana nokungenisa abalimi abasha nokwandisa amathuba abo okungena ekulimeni kokudla okuzinhlamvu nezindaweni lapho ukudla kungamaketha khona. Leli qembu futhi libheka umsebenzi wePgromu Lokuthuthukisa Abalimi. 

Kuyakhanya ukuthi iGrain SA alisekeli amalunga alo ngemali, kodwa linikeza ukusekela okudingekayo okuzosiza onke amalunga ngolwazi lapha ezweni lethu. Umsebenzi walo mhlangano uvulela abakhiqizi umnyango ukubhekisisa leyo nto abakwazi kuyenza kahle – ukutshala nokumaketha ukudla okuzinhlamvu! Kufanele ukuthi bonke abalimi bazi ukuthi iGrain SA linikeza okuningi okunye ngaphandle kokufundisa nokuqeqesha abalimi!



Bonke abalimi lapha eNingizimu Afrika bafanele bafise ukuba amalunga agcwele eGrain SA anamandla ukuvota. IGrain SA lingamehlo, izindlebe nemilomo yabakhiqizi bokudla okuzinhlamvu emsebenzini wezokulima edidene njalonjalo futhi ucindezelwa kakhulu yizinto ezingaphandle njengokuncintisana namamakethe angaphesheya. Nabalimi bezomnotho banenkinga ngokwamanje ukuncintisana nokuzimisa kule makethe lamanje – ngakho-ke kunzima kakhulu kubalimi abasakhulayo ukuzimisa kulo msebenzi wezokulima. Ngaphandle kokusekelwa ngumhlangano oqinile onolwazi njengeGrain SA, ukuvikela nokusekela nokuthuthuka kwabalimi bokudla okuzinhlamvu ezweni lethu kusengozini. 
 



