Word count: 717

Harvest



Sekuyisikhati sokuvuna!



Instructions:

Byline: UJane McPherson, umphathi weprogramu lokuThuthukisa leGrain SA



Izithombe ozibonayo lapha zikhombisa ukuthi kungakwenzekani uma umlimi ehlulekile ukuthola umshini wokuvuna ngesikhathi esifanelekile.  Lezi zithombe zithathwe ngoFebruwari lo nyaka eEastern Cape – ukolo lowu awuzange uvunwe, ekugcineni amasimu ashisiwe! 



Kuyisidabukiso ukubona umsebenzi oqhubeke wonke umnyaka ongangenisi umvuno kumasayilo – kufanele sivimbe ukuthi lokhu kungaphindi kwenzeke. 



Kuyinkinga kodwa kuliqiniso ukuthi ukolo ungavunwa kuphela ngomshini ukuze kutholakale umkhiqizo omuhle, futhi umshini ovunayo uyazihambela ngakho-ke kuyadula ukuvuna. Igreyidi likakolo libalulekile lapho uthengisa ngoba ukolo ungukudla olahlekelwa igreyidi masinya nakalula lapho ungavunwa ngesikhathi esifanelekile.Lapho ukolo uvuthwa kufanele uvunwe masinya ngoba imvula encane nje enethayo izokwehlisa igreyidi bese akungeke kutholakale inzuzo. 



Abaningi abalimi abasakhulayo abatshala indawo encane bathembeke abakontilaki abanomshini wokuvuna. Lokhu kuhambelana nezinkinga eziningi ezifana nalokhu okulandelayo: 

Umkontilaki wokuvuna 

Uvama ukungena esivumelwanini nomlimi masisha onyakeni lokutshala.

Uqonde ukungena ezivumelwaneni eziningi ukuze akwazi ukuvuna amahektheli amanini ukuthola imali eningi.

Yena akakwazi ukusho ukuthi kuzokuna nini nakuzipho izindawo okuzokwenza ukuthi alahlekelwe isikhathi sokuvuna.

Ukhetha ukuvuna emasimini amakhulu angenawo amakontula ngoba umshini wakhe ungavuna amahektheli amaningi ngosuku olodwa ngoba akudingeki ukuthi umshini ujike kaningi.

Akafuni ukulinda izinqola ezihambisa ukolo ovuniwe. 

Ubhadalwa maqondana namahektheli awavunile hhayi maqondana negreyidi umlimi uzolithola.

Ubhekene nokuphuka komshini wakhe okungezeka – bese kuchitheka isikhathi sakhe sokusebenza – akazi ukuthi umshini uzophuka nini.

Uzohluleka ukuthola amaphathi aphukile ngoba ngesikhathi sokuvuna ngoKhisimusi nangonyaka omusha amaningi amabhizinisi avaliwe



Konke lokhu kudweba isithombe esibi esimnyama kodwa kufanele sazi ukuthi kukhona izinkinga ezizovela manje sifanele sibheke phambili ngezindlela zokwela siphumelele. 

Umlimi ufanele:

Azilungisele ngokungena esivumelwaneni nomkontilaki mashisa lapho isikhathi sisekhona.

Aqinise ukuthi umkontilaki akazange athathe umsebenzi ongaphezulu kwekhono lakhe.

Aqinise ukuthi awekho amatshe amaningi ensimini yakhe azolimaza itafula lomshini ovunayo.

Alungisele izinqola ezokwanele ezithutha umvuno ukuze umsebenzi ungemi isikhathi eside.

Alungise indawo lapho ukolo uzobekwa khona uma ungekwazi ukuya emasayilo ngesikhathi usuka ensimini.

Ahlangane nabaphathi bemasayilo bavumelane ngesikhathi lapho kudingeka ukuthi ukolo ufanele womiswe uma kudingeka.



Kukhona izinto ezimbili ezivusa inhliziyo ngesikhathi sokuvuna – umsebenzi wokukhiqiza walo nyaka uphelile futhi sesicabanga ngonyaka ozayo. Abalimi abakhiqiza ukolo eFreyistata konke okuhambelana nokulondoloza umswakamo emhlabathini kuyinto ebaluleke kakhulu uma ufuna ukukhiqiza ukolo ehlobo. 



Ukubaluleka kokulondoloza umswakamo emhlabathini kuyinto esizokhuluma ngayo njalonjalo. Lo msebenzi ufanele uqale masinya emva kokuvuna. Kukhona izitha ezintathu ezilwa nokulondoloza amanzi emhlabathini:

Eyokuqala ngamanzi ageleza masinya alahleke ngoba umhlabathi ulukhuni kakhulu awakwazi ukungena uma izulu lina kakhulu

Eyesibili ngukukhuphuka kwamanzi phakathi emhlabathini bese uphephuka nomoya – nalokhu kwenzeka lapho umhlabathi uqina ulukhuni. 



Kufanele uphathe ubheke amasimu akho ngokusuka kwesikhathi lapho uqede ukuvuna kuya esikhathini sokuphinda ukutshala izitshalo ezinsha. Umphumla omuhle womvuno ozotholokala usezandleni kuphela! 

