Graanprodusent									Zulu

Hlangabeza nabalimi abaphakanyiselwe – Umlimi ohamba phambili ekukhethweni komMlimi Wezinhlamvu Osakhulayo Walo Nyaka 



Instructions: 

Folio strap: Umlimi Wezinhlamvu Osakhulayo Walo Nyaka 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA lokuThuthukisa Abalimi 



Abalimi abayisithupha baphakanyiselwe emncintiswaneni okhetha umlimi ohamba phambili obizwa ngokuthi: Umlimi Wezinhlamvu Osakhulayo Walo Nyaka (unyaka 2008). Lowo mlimi usukhethiwe. Ngo-17 Okthoba, umlimi ophumelele phambili uzokwaziswa edilini elihle leGrain SA. Yilaba abaphakanyiselwe: 



UDeliwe Ntebele Mutlwane

UDeliwe wazalwa ngo-1961 eKrugersdorp Kagiso, wayengumntwana kaMnz noNkz Ntebele owavela kuqala. Uyise wayengumlimi, unina wayengunesi. UDeliwe ushade noMnz Olebogeng Mutlwane futhi banezingane ezimbili. Udeliwe uthola amandla akhe nokusekelwa kuninazala nakumyeni wakhe. 



UDeliwe uye esikolweni kuAobakwe Primary Itsoseng eNorth West Province naseReeitumetse Secondary lapho waqeda uGrade 12. Waqhubeka ukufunda wafunda ukuba nguthisha eBethel Seminar futhi wafunda isifundo N6 sokwakha (ukwakha ngezitini nokwakha izindlu). Emva kwalokhu wasebenzela iSifunda Sokwakha Amakhaya sikaHulumeni. 



Ngo-1991 uDeliwe wayeka umsebenzi wakhe waqala ukulima kancane waze waqala ukuba umlimi oqobo ngo-2002. Uqasha ipulazi eMarotse (endaweni yaseDelareyville) futhi ulima noninazala. Uyilunga lesifundo sabalimi saseFrischgewaagd endaweni yaseDelareyville; wake waya ezifundweni (namanje usaya) ezimfusha ezifana nalezi: Ukuphatha Nokulondoloza Ogandaganda Nemishini Yasepulazini, Isingeniso Sokukhiqiza Ummbila, Isifundo Esiphakeme Sokukhiqiza Nokumaketa Ummbila, Isifundo Sokuphatha Ibhizinisi Lokulima (Agribusiness Management) Nokuphatha Amaprojekthi; izifundo zisekelwa yiGrain SA, iNWK, iPromise Farmer neBusiness Today. 



UDeliwe usungumlimi ozimeleyo iminyaka emine – ukhiqiza ummbila nobhekilanga futhi ufuya izinkomo, izinkomo, izingulube, izimbuzi nezimvu. 



UIsaac Khuto

UIsaac Khuto wazalwa ngo-1944 eBoksburg lapho uyise wayengumabhalane esitolo. Lapho ekhula eneminyaka emibili, abazali bakhe bamthumela eFicksburg wahlala nomalume no-anti wakhulela epulazini. Nanamhlanje usakhumbula lapho elusa izimvu eneminyaka eyisikhombisa, usakhumbula futhi iphunga elihle elalivela etshaneni ekuseni futhi izulu elalibalele elalikhanya elenze ukuthi akwazi kahle ukubona tizintaba zaseLesotho. Bebavama ukubheka ogandaganda abalimayo emasimini eLesotho wayezibuza ukuthi kuzobanjani ukushayela lowo gandaganda. 

UIsaac waya esikoleni epulazini wase waya kuSecondary School eFicksburg waqeda uGrade 8. Emva kwalokhu wasebenzela oFraser eFicksburg iminyaka eyishumi nambili. Wavelelwa isihe sokuthenga nokuthengisa waqala ukuzisebenzela ngokuthenga nokuthengisa amaveji nezithelo. Ngesikhathi ibhizinisi lakhe lakhula waze waba nekhono lokuthenga ithekisi – waqhubeka wakhulisa lelo bhizinisi ngokusuka kwa-1978 kwaya ku-1998. Ngo-1983 uIsaac wabona ithuba lokungena ebhiziniseni lezivakashi wathenga ihotela/indlu yezivakashi. Usenalo lelo hotela futhi unelayisense sokudayisa utshwala. 



Ngokukhula kwakhe uIsaac futhi wayengumshayi wenqindi oholayo. Waqala wayeyimfundamakhwele (amateur) ngo-1960 wagcina wayengumphrofeshinali. UIsaac uthi, “esibayeni senqindi kukhona wena wedwa nekhono lakho lokulwa,” – ufunde lapho ukuzibhekela. “Lapho ayikho indawo lapho ungabalekela khona ukuyocasha, lapho uyafunda ukubhekana nempilo emehlweni uqhubeke ngokwakho”. UIsaac usaqeqesha (train) ikhlabha lezinqindi eFicksburg futhi wayengumphathisihlalo weFree State Boxing Federation. Uyisihlalo weqembu labalimi lokufunda leGrain SA eFicksburg. 



Ngo-1998, uIsaac wathenga ipulazi Diyatalana elinamahektheli angu-230 waqala ukulima. Wayefisa ukuthenga lonke ipulazi elinamhektheli angu-460 kodwa wayesaba ukwenza isikhwenetu esikhulu kakhulu – lapho-ke basika ipulazi ngaphathi yena wathenga uhhafu. Ngo-2006 wayekwazi ukuqasha amasimu angu-65 ha amahle eduze naye. 



Ngo-2007/2008, uIsaac wavuna iavereji elingu-3,5 tons/ha likakolo emahektheleni angu-79 nokho uvelelwe ingozi yesichotho emmbileni wakhe, umvuno osemasimini usemuhle. 



UIsaac ushade noLerato futhi banendodana eyodwa namantombazane amabili. 



UMaphale Samuel Moloi

UMaphale wazalwa epulazini Magdelena, lapho bekusebenza khona uyise, esifundeni saseFouriesburg ngo-1969. Bekukhona izingane eziyisishiyagalombili – abafana ababili namantombazane ayisithupha. UMaphale waya esikoleni eMashaeng Township ngaphandle kwaseFouriesburg, waqeda uGrade 12. Ngezimpelasonto wayevama ukuya epulazini eliduze likaMnz Linde du Plessis, lapho wayeshayela ugandaganda futhi wayesiza ngomsebenzi wasepulazini. UMaphale wayibona kahle indlela uMnz du Plessis elima ngayo umhlabathi – wayefisa njalo ukuba nepulazi lakhe. “UMnz du Plessis ungisize kakhulu ukukhulisa uthando lwami lokulima futhi ngilalele njalo kuLesedi FM ukuthi uNkz Jane McPherson uthini maqondana nokukhiqiza ukudla okuzinhlamvu epulazini wangisiza ukusebenzela isifiso sami sokuba umlimi,” usho njalo uMaphale. 



UMaphale wayesebenzela Umnyango Wezomphakathi eFouriesburg Border Post ngo-1993 - 2007. Ngo-1996 wayeqala ukufuya izinkomo nezimvu emhlabeni osetshenziswa ngumuzi wonke eFouriesburg. Ngo-2004 waqasha 30 ha lomhlaba kumlimi wezomnotho uMnz Osborne, watshala ummbila. Ngo-2006 waqasha umhlaba ongu-4 179 ha kuFouriesburg Municipality – usalima lapho ngokwamanje. UMaphale uthi, “Mhlawumbe ngizokwazi ukuqasha amasimu amahle anokuthela angu-400 ha lo nyaka, kodwa ngifuna abaseGrain SA beze kuqala ukuhlolisisa umhlabathi.” 



UMaphale ushade noDianne futhi bahlala eMashaeng nezingane zabo ezintathu. 



UBoy Mokoena

UBoy wazalwa epulazini esifundeni saseMiddelburg ngo-1948 lapho uyise wayesebenza khona. Waya esikoleni esisemapulazini kuleyo ndawo waqeda uGrade 5. Ngaleso sikhathi uyise wayelima kancane emhlabeni osetshenziswa ngumuzi wonke endaweni yaseVlaklaagte. UBoy uthi usakhumbula kahle ukuthi wayelima noyise basebenzisa izinkabi ukulima.



Ngo-1981 uBoy waqala ukulima amasimu awaqashe kuhhulumeni angu-10 ha. Emva kwalokhu wayenikezwa indawo engu-50 ha endaweni yaseVaalspruit (eduze naseBronkhorstspruit). Ngokwamanje uBoy ulima ipulazi elingu-545 ha, uliqasha kuhhulumeni futhi uqasha amasimu avundile angu-300 ha kubanye abalimi. Utshale ummbila kuwo wonke amasimu lo nyaka. UBoy ufuya futhi izinkomo ezingu-300 edlelweni elisetshenziswa ngumuzi wonke ngesikhathi sasehlobo – ebusika zidla emasimini lapho bekutshalwe khona ummbila. 



UBoy ushade uLinah owayeyisithando sakhe ukusuka ngesikhathi basasekoleni. Banezingane ezine. Uyilunga elikhuthele leqembu labalimi elifundayo leGrain SA futhi wake waya esifundweni sokukhiqiza ummbila nesifundweni sokulondoloza ogandaganda nemishini yasepulazini. Ngezinyanga ezizayo uzoya futhi esifundweni esiphakeme sokukhiqiza nokumaketa ummbila nasesifundweni sokuphatha ibhizinisi lokulima (Agribusiness management). 



ULabious Manoto

Uyise kaLabious wayevela eKoppies eFreyistata. Wazitholela indawo yokulima eLombaardslaagte lapho kwazalwa khona uLabious ngo-1948. Wayenabantwana abangu-12. Uyise washeshe wabona ukuthi umhlabathi lapho bebahlala khona uvundile wase waqala ukulima ngezinkabi. “Uthando lwami lokulima kuvela kubaba.” kusho uLabious. 



ULabious waqeda uGrade 8 ngo-1966, wase waqeda isifundo sokwakha ngo-1969. Wakha izikole endaweni yaseMafikeng ngokusuka kwa-1970 futhi wasiza ngokwakha indlu yokuqala eMafikeng enezitezi ezimbili. Emva kwalokhu wasebenzela uMnyango WeMisebenzi YomPhakathi. 



“Ngoba nginothando lokulima, ngiqale ukulima kancane ngo-1975. Benginendawane eyami engu-15 ha (endaweni yomuzi wonke) futhi ngiqashe amanye amasimu angu-30 ha,” kusho uLabious. Ngesikhathi esebenzela uMnyango weMisebenzi yoMphakathi wayenezinsuku ezing-30 zelivi. Wayezama njalo ukuthatha ilivi ngesikhathi sokutshala ukuze akwazi ukubakhona lapho kutshalwa izitshalo zakhe. Wayenomuntu oyedwa owamsebenzela, bona bobabili basebenze emini nasebusku ngesikhathi sokutshala – ngogandaganda wakhe iMassey Ferguson 65. “Ngangisebenza edolobheni ngaphakathi kweviki, ngempelasonto ngabuyela ekhaya ukubheka ukulima kwami,” kusho uLabious. 



Ibhizinisi lakhe lokulima laqala ukukhula, ngo-1991 wayengasahlali edolobheni, wayehlala epulazini waya emsebenzini njalo ngosuku. ULabious wayelima futhi wayesebenza edolobheni ngo-1996. Ngalesosikhathi wayelima amasimu angu-500 ha. Ngo-1997 uLabious wayeka umsebenzi edolobheni walima kuphela – ngokwamanje ulima amasimu acishe afike kumahektheli angu-1 000. 



USamuel Nyambose

USamuel wazalwa ngo-1944 epulazini esifundweni saseReitz lapho uyise wayesebenza khona. Umndeni wakhe wayenabafana abahlanu. USamuel waya esikoleni eReitz waqeda uGrade 8. Emva kwesikolo waya eGoli wasebenzela ibhizinisi lenjiniya wayelungisa izimpahla iminyaka eyisithupha. Emva kwalokho waya ePhuthaditjhaba wavula isitolo esincane sezinhlobo zokudla (amagrosari). USamuel uthi, “Ngoba ngazalwa emapulazini nganginesifiso sokuba umlimi sonke isikhathi. Kanjalo-ke ngesikhathi ngithole ithuba lokuqasha ipulazi esifundweni saseKaallaagte ngo-1997, ngasheshe ngaliqasha”. Wahlala kuleyo ndawo iminyaka emithathu. Ngo-2000 wathenga ipulazi iLorelei esifundweni sasePaul Roux ngegranti leR30 000 nangemali ayiboleke kuLand Bank. 



“Kwakuyizikhathi ezinzima lezo, kodwa ngalo nyaka ngasizwa yiGrain SA neOVK ukuba nekhono lokukhokhela isikwenetu sami sokuqala ukutshala kuOVK naseLand Bank futhi ngisenemali esele engizoyisebenzisa ukutshala ukolo emasimini angu-30 ha,” kusho uSamuel.

