Gears (Maize) 									 Zulu

Ukuqonda ukwelamalamana kwamagiya 

 

Instructions:

Folio strap: Okwemishini 

Byline: Imininingwane itholwe kumenyuweli leAgricultural Contracting 

Photos:  Ireyisho lamagiya 

Isphrokete

Igiya elinyathelwayo

Okuhanjiswayo

Okuhambisayo

Isondo legiya 
 

Iminingi imishini isebenzisa amagiya. Isibonelo esihle yibhayisikili elinamagiya okwenza ukuthi kubelula ukuhamba, kakhulukazi lapho ufika emqansweni. Ngokwejwayelekile ibhaysikili linegiya elikhulu lapho kukhona isinyathelo, bese kukhona amagiya ahlukene ngobukhulu esondweni langemuva. Lapho kunyathelwa igiya langaphambili, iketanga lidonsa amagiya angemuva esondweni, bese ibhaysikili liya ngaphambili.



Bheka ubukhulu begiya lapho isinyathelo siboshelwe khona bese ukulinganisa nobukhulu bamagiya asesondweni langemuva. Ubona ini?



Abaningi abantu bahambe ngebhayisikili lapho kunomqanso khona. Lapho umqanso ubanzima ukunyathela nakho kubanzima – ngokwejwayelekile umuntu ohamba ngebhasikili uzoshintsha amagiya. Lapho umhambi eshintsha amagiya, iketango lisuka kwegiya elincane liye egiyeni elikhudlwana elinamazinyo amaningana, bese kubalula ukunyathela izinyathelo. Lapho kukhona igiya elinamazinyo amaningi, kubalula ukuhamba kodwa ibhayisikili lona alisagijimi kakhulu.



Sifuna ukubuza lokhu: kuzokwenzekani lapho umhambi ekhuphuka emqansweni eshintsha igiya lisuke egiyeni elikhulu esebenzisa igiya elincane? Kuzobanzima noma kuzobalula ukuhambisa ibhayisikili?



Ireshiyo lamagiya (ireshiyo lokuhambisa phambili)

Isizathu sokwenza ukuthi kubelula ukukhuphuka emqansweni kwenzeka ngoba kushintshwa amagiya – ireshiyo lamagiya liyashintsha. Ireshiyo lamagiya lingatholakala uma kubalwa inani lamazinyo akhona esondweni legiyeni elithile – akubalwa isakhi seketango. Ngaphansi kuzochazwa ngesiNgisi ukuthi inani lelo lizotholakala kanjani. 



ISIBONELO:

Uma igiya eliletha amandla (pedal) lijika kanye, igiya lesphrokete lizojika kangakani?



INANI LAMAZINYO EGIYA ELINYATHELWAYO = 60 = 2 (IGIYA LESPHROKETE LIJIKA KABILI)

INANI LAMAZINYO ESPHROKETE		        30  



Ireshiyo li			          	    	    1	       :	        2

 					IGIYA		    IGIYA

				ELINYATHELWAYO	LESPHROKETE		

Isibonelo esingaphezulu sikhombisa ukuthi njalo igiya elinyathelwayo lijika kanye, igiya lesphrokete elisesondweni langemuva lijika kabili – lokhu kwenza ukuthi kubelula ukukhuphuka emqansweni.

Zama ukuphendula imibuzo elandelayo:

Uma igiya elinyathelwayo lijika kanye, igiya lesphrokete lizojika kangakanani? 

 
INANI LAMAZINYO EGIYA ELINYATHELWAYO = ___ =   

INANI LAMAZINYO ESPHROKETE		            



Ireshiyo li			          	    	    1	       :	        

 					IGIYA		    IGIYA

				ELINYATHELWAYO	LESPHROKETE
 

Uma igiya elinyathelwayo lijika kanye, igiya lesphrokete lizojika kangakanani? 



INANI LAMAZINYO EGIYA ELINYATHELWAYO = ___ =   

INANI LAMAZINYO ESPHROKETE		            



Ireshiyo li			          	    	    1	       :	        

 					IGIYA		    IGIYA

				ELINYATHELWAYO	LESPHROKETE 

Uma igiya elinyathelwayo lijika kanye, igiya lesphrokete lizojika kangakanani? 

 INANI LAMAZINYO EGIYA ELINYATHELWAYO = ___ =   

INANI LAMAZINYO ESPHROKETE		            



Ireshiyo li			          	    	    1	       :	        

 					IGIYA		    IGIYA

				ELINYATHELWAYO	LESPHROKETE
 
 

Ireshiyo legiya linomthelelo onjani maqondana nokugijima komshini? 
Ireshiyo legiya lisitshela ukuthi ukugijima kwegiya elilodwa lilingana kanjani nokugijima kwelinye igiya. 
 
Uma igiya lethu eliletha amandla (elinamazinyo angu-10) lijikezela nga-5 rpms, futhi lihlangene negiya elinikeza amandla (elinamazinyo angu-50), igiya elinikeza amandla lizondiyaza nga-1 rpms. 
 
Kungani? 
Ireshiyo legiya lethu lingu-50:10... noma 5:1 
 
Lapho igiya lethu elincane lindiyaza 1x, igiya lethu elikhulu lindiyaza 1/5. Kudingeka ukundiyaza oku-5 kwegiya elincane ukulingana nokundiyaza oku-1 kwegiya lethu elikhulu. Kanjalo-ke igiya lethu elikhulu ligijima ngespidi elingu-1/5 lespidi elilingana na-1rpm. 
 
Kuzokwenzekani uma ireshiyo legiya lethu lingu-1:3? 
Lapha ubukhulu begiya eliletha amandla bu-3x ngaphezu kobukhulu kwegiya elinikeza amandla. 
 
Uma igiya eliletha amandla lindiyaza nga-20 rpms, ukundiyaza kanye (1) kwalo kuzokwenza ukuthi igiya elinikeza amandla lizondiyaza kathathu (3x). Amandla anikezwayo angu- 60 rpms.



Okuhambisayo nokuhanjiswayo

Okuhambisayo ngulelo giya noma isphrokete elinamandla aqondile. Njengesibonelo sebhayisikili, umuntu ogibela ibhayisikili unyathela izinyathelo. Isphrokete elikhulu lapho kuboshelwe khona izinyathelo lingukuhambisayo (idrayiva), isphrokete elincane elisesondweni langemuva lingukuhanjiswayo (okudrayivwayo). Akwenzeki njalo ukuthi igiya elikhulu lihambisa igiya elincane – ubukhulu akunandaba. Okubalulekile yilokhu: yiliphi elithola amandla kuqala? 



Uma sibheka ukulandelana kwamagiya lapho ahanjiswa ngeketanga, kubalulekile ukuthi sibheke ubukhulu balawo magiya. Amagiya azokusho ukuthi umphini lapho aboshelwe khona undiyaza kangakanani. 



Isipidi sokundiyaza kwalowo mphini kuzokhombisa ukuthi isakhi esikhipha izimbewu sigijima kangakanani, lokhu futhi kwenza ukuthi kushintshe inani lezimbewu ezitshalwayo. Lapho umphini ugijima kakhulu, izimbewu eziningi zizotshalwa. 



Lapho ulinganisa ipulantela uthola ukuthi kutshalwa izimbewu eziningi kakhulu uzokwazi ukuthi umphini ohambisa izakhi ezitshala izimbewu ugijima kakhulu futhi kufanele ukuthi kwehliswe isipidi salowo mphini. Indlela eyodwa kulungisa lokhu ngukushintsha ubukhulu bamagiya noma amasphrokete ahambisa lowo mphini. 

