Food												Zulu



Ukuphatha ukudla ngokulondekile 



Instructions:

Folio strap: Ukudla okulondekile

Byline: Kuthathwe ku www.health24.com



Ukudla ukudla okunobuthi nokuphuza amanzi anobuthi kungadala izifo eziningi ezithathelwanayo. 



Izifo eziningi zingadaleka lapho kudliwa ukudla okunobuthi. Ukuguliswa ngukudla kubonakala ngesihudo, itshati (ukuhlaba) esisweni nokuhlanza. Amabhaktheria avamekile ukudala lokhu kugula bese kulandela amavayirisi namapharasayiti. 



Uma ubheka ukudla noma amanzi, akukanyi njalo ukuthi kunezinto ezingadala ukugula. Landela umlayezo olandelayo ukukusiza ungadli ukudla noma amanzi okungcolile.

 

Inhlanzeko yomzimba

Geza izindla zakho kahle nakanjalo ngensipho nangamanzi, kakhulukazi 

Emva kokuya endlini encane;

Emva kokuphatha izilwane; 

Emva kokuthimula nokufinya; 

Ngaphambi nangemuva kokusebenza nokudla; 

Emva kokuphatha inyama noma inhlanzi engaphekwanga.

Mbosa izilonda noma amanxeba lapho usebenza ngokudla. Qaphela ukuthi umdweshu uhlanzekile. 



Amanzi okuphuza

Bilisa amanzi okuphuza kuqala uma usola ukuthi angcolile. Amanzi aphuma empompini avama ukukhanya, kodwa amanye avela emfuleni noma esiyalweni angaba nodoti. 

Amanzi okuphuza ahlanzekile afanele abekwe ngento ehlanzekile, uma unalo ifriji wabeke khona. 

Qinisa ukuthi amanzi asetshenziswa ukwenza isiphuzo noma iqhwa. 

Khumbula ukungawinyi amanzi angcolile lapho ubhukuda noma ubhava. 



Inhlanzeko ekhishini

Geza izindawo ezinjengetafula nezinki ngaphambi nangemuva kokusebenza lapho ngokudla. Hlanza nezindawo lapho kubekwa khona ukudla (njengamashelufu nefriji). 

Sula okuchithekile masinya. 

Sebenzisa izindwangu ezahlukene ekhishini nakwezinye izindawo endlini. 

Sebenzisa izihlanzisi (bleach) ukugeza izindwangu, amalula namakolobha bese ukubeka phandle ukuze komiswe yilanga – likhu kusiza ukubulala amagciwane. Uma unalo imicrowave, fudumeza izindwangu phakathi amasekendi angu-60. 

Geza phansi ekhishini ngezindwangu ezisetshenziswa lapho kuphela. 

Geza izitsha, imimese nezimfoloko namapulangu okusika kahle emanzini ashisayo anensipho – thela amasha amanzi lapho encgola kakhulu. Yakaza izitsha ngamanzi ahlanzekile. 

Thenga izimpahla ezinsha lapho ezindala zikhwebheka kakhulu. Amagciwane aphila phakathi kweziklewu ezitsheni, izinto zamapulastiki nasemapulangweni okusika. 

Sebenzisa ipulangu ukusika ukudla okuseluhlaza. Kungaba kuhle ukusebenzisa ipulangu elilodwa ukusika inyama nenhlanzi bese usebensa elinye lokusika okunye ukudla. 

Ungaphindi usebenzise izimphahla ezisike inyama ngaphandle kokuzigeza emva kokuzisebenzisa. 

Beka izibi emgqomeni onesivalo – chitha izibi njalo bese ugeza umgqomo. 

Umnyango namafasitela ekhishini kufanele kuhlale kuvuliwe kaningi ukuze umoya ohlanzekile, owomile ukwazi ukungena ukuvimba ukuthi isikhunta simile. 



