Fist-aid											Zulu



Ibhokisi losizo lokuqala lasekhaya



Instructions: 

Byline: Kuthathwe ku www.health24.com



Kuyo yonke imizi kufanele kubekhona ikhithi elinakho konke okudingekayo lapho kufuneka usizo lokuqala. Kufanele kube nekhithi ekhaya nasemotweni. Libeke endaweni eyomile epholile, lapho izingane ezincane zingakwazi ukufikela. Qinisa ukuthi uyazi ukuzisebenzisa izinto ezingaphakathi. 

 

Kufanele kubekhona ini ebhokisini losizo lokuqala? 

3 x imidweshu yokubopha (50 mm) 

3 x imidweshu yokubopha (75 mm) 

2 x imidweshu yokubopha engunxantathu 

Igozi lokubopha inxeba: elilodwa elomile, elilodwa elinophalafini

Ibhodlela leDettol noma iSavlon (50 ml) 

2 x imidweshu encane yokubopha inxeba 

2 x imidweshu enkudlana yokubopha inxeba 

2 x imidweshu enkulu yokubopha inxeba 

1 x umqulu womdweshu onamathelayo (1 m x 2,5 cm) 

1 x isikele sokusika umdweshu 

Iziqhobosho 

1 x inkomishana yokugeza amehlo 

Udlamana (tweezer) 

1 x umdweshu wesilonda sokusha 

1 x isigcobo sesinqandakuvunda 

amaglavu angalahlwayo 

1 x intwana yasemlonyeni yokwenza iCPR 

1 x ibhokisana lamaplastela ahlukene 

1 x iphakhethe lesisthwatha 

IParacetamol njengePanado 

ICalamine lotion, itea tree oil, i-arnica oil, i-aloe-vera nesigcobo sepropolis

IThemomitha 

Into eluketshezi ebuyisela amanzi emzimbeni njengeRehidrat 

Izinkezo zokulinganisa






