﻿

Isicelo semvume yokuhlala unomphela – kubantu abathathe umhlalaphansi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo isebenza kumuntu wangaphandle ofisa ukuzothatha umhlalaphansi eNingizimu Afrika. Akukho mkhawulo weminyaka ebekiwe. Izicelo zingenziwa ehhovisi laboMnyango wezaseKhaya  noma kwinxusa laseNingizimu Afrika noma i-mission uma kwenziwa isicelo ngaphandle.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

gcwalisa ifomu lesicelo, i-BI-947 no-BI-29E
Kumele unikeze ubufakazi kwaboMnyango wezaseKhaya uuthi unelungelo lokuba nempesheni, impesheni yonyaka engabuyiseleki emuva , noma i-akhawunti yomhlalaphansi ezokunikeza inani lomkhawulo obekiwe  okungu-R20 000 ngenyanga.
Noma mhlawumbe, kumele unikeze ubufakazi kwaboMnyango wezaseKhaya ukuthi unempahla ethi uma ihlangene ikwazi ukukukhiphela ingeniso elingu-R20 000 ngenyanga.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002 , as amended 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo .

Phezulu

Izindleko

R1 520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for permanent residence permit, BI-947
Power of attorney in respect of an application for a temporary or permanent residence permit, BI-29E 


Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


