Financial (Maize) 									 IsiZulu

Ukuqonda iFICA lapho uvula i-akhawunti

Umlayezo: 

Folio strap: Izindaba zezomnotho 

Byline: Imininingwane etholwe ku-internet 

 

Abaningi abakhiqizi bathole ukuthi kuvela izinkinga lapho bezama ukuvula i-akhawunti lebhange elisha. Lokhu kungenxa Umthetho we2001 obizwa ngokuthi iFinancial Intelligence Centre Act of 2001 (FICA) udinga ukuthi amabhange nama-agribhizinisi afanele athole imininingwane ethile mayelana nesimo samakhasimende ukuze akwazi ukuhlola kahle nokuhambisa ulwazi maqondana namabhizinisi nezinkontilaki okungahambelani nomthetho noma inzuzo engathokala ngenxa ubugebengu. 



Umhlaba nempilo kushintshile. Ukwanda kobugebengu nobuphoqa-ngenkani (terrorism) kucindezele amazwi amaningi ukuhlangana ukuvimba lolu hlupho. Ngenxa lowo mthetho nokusebenzisana kwamanye amazwi, abaphathimandla sebashaya izigebengu lapho kulimaza kakhulu: ekhukhwini lapho kuhlala imali. Izigebengu nabaphoqa-ngenkani badinga ikheshi ekhukhwini ukuphila. Bashintsha imali “engcolile” abayithola ngobugebengu nokuthengisa izidakamizwa (drugs), ukunyenyisela nokweba bese bayayi”khanyisa” (imali ehlambekile) ngokusebenzisa i-I.D. lakho noma igama labantu abangenacala abanjengawe. Kubizwa ngokuthi “money laundering”, kudala izindleko eziningi ezingamabhiliyoni ezizweni emhlabeni jikelele futhi kusiza ubuphoqa-ngenkani kukhule emhlabeni. Ukuzama ukuvimba le ngozi, ugavumente usungenise umthetho obizwa ngokuthi Financial Intelligence Centre Act 38 of 2001. 
 
Maqondana nalo mthetho omusha, amabhange afanele asebenzise izinyathelo eziqinile lapho kuvulwa ama-akhawunti amasha. Ukuze sihambelane nalo mthetho, kufanele sinikeze ubufakazi okunye ukuqinisa ukuthi ungumuntu oqobo. Lowo mthetho udinga futhi ukuthi ibhange lithole imininingwane emisha njalo maqondana nesimoo sakho. Lezi zinyathelo zifanele zisetshenziswe ngamabhange onke. 
 
Ibhange noma i-agribhizinisi lifanele lithole okulandelayo kuwe ohlala lapha eNingizimu Afrika:

Onke amagama akho; 

Usuku lokuzalwa; 

Inombolo yakho ye-I.D. (uma uhlala lapha eNingizimu Afrika) noma inombolo yephasiphothi nezwe lapho uvela khona (uma uvela phesheya); 

Ikheli lakho lapho uhlala khona; 

Nezindlela zokuthintana nawe. 

 

Ukuqinisa ukuthi ungumuntu oqobo, badinga okulandelayo:

Ibhuku lakho le-I.D. eliluhlaza elinebar-code, noma, lilahlekile isifakazo esithi usungenisile isicelo sokuthola i-I.D. elisha eMnyangweni waseMndeni noma isifungo noma isitetimende samaphoyisa esifakaza ukuthi i-I.D. lakho lintshontshiwe noma lilahlekile; 

Iphasiphothi elisasebenza; noma 

Ikhadi elifakazile lelayisense lokushayela imoto. 



Ukuze ibhange noma i-agribhizinisi lizoqinisa indawo lapho uhlala khona, kufanele ubanikeze incwadi evunyeliwe enemininingwane yegama nekheli lakho – lapho wakhe khona (izinombolo zePO Box azivunyelwa), noma inombolo yestendi sakho nedolobha lapho uhlala khona. 

