Ukulima (ummbila) 								Zulu

Ukulima kuyini? 



Instructions:

Folio strap: Ukukhiqiza

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Farmer Development Programme 

Photos: 

 

Singasho ngeliqiniso ukuthi ekusukeni kwesikhathi lapho bekuqala ukulinywa nokulima kwamanje, umhlabathi ongasetshenziswa ukulima lapha emhlabeni jikelele unobukhulu obumisiwe- akudaleki umhlabathi omusha lapho kungalinywa khona. 



Kukhona izindlela zokukhiqiza ukudla ngaphandle kokusebenzisa umhlabathi (hydroponic production) lapho izitshalo zimila khona, kodwa ngokwejwayelike kusetshenziswa umhlabathi, futhi kufanele siqonde kahle ukuthi ubukhulu bomhlabathi bukhawulile, kukhona umhlabathi othile kuphela, awusandi. Ngokuvamekile ukulima kuhambelana nokukhiqiza ukudla nenxoza. Indlela yokulima endaweni ethile noma ezweni elithile ihambelana nezinto ezinjengesimo sezulu, uhlobo lomhlabathi nomthethoojwayelekile. Abantu abaphila ngomhlabathi bafisa ukudlisa umndeni wabo kuqala. Lapho umndeni usenokudla okwanele, umlimi angaqhubeka ukukhiqiza ukudla okuningi okuzothengiswa ukuze athole inzuzo. 



Ngokuhamba kwesikhathi, kwakukhanya kahle ukuthi amazwe aphumelela ezingozini ezimbi ngulawo akhiqiza ukudla okwanele. Izindlela ezinsha zokukhiqiza ukudla ngokwamanje zenze ukuthi amazwe amaningi akhiqize ukudla okuningi kakhulu okungakwazi ukudliwa nokusetshenziswa abantu balelo lizwe. Amazwe amaningi akhulile ngokwezomnotho akhiqiza ukudla okuningi okungadingekwa ngabantu balelo lizwe. Uma sikhuluma ngezimo zezomnotho, lokhu kusho ukuthi okunikezwayo kungaphezu kwalokhu okubizwayo. Lokhu kusho futhi kufanele ukuthi inani lentengiso yalezo zinto lehle, futhi abalimi abaningi bazokhawula ukutshala isitshalo esithile esingalethi imali. Kodwa emazweni amaningi, abalimi bathola imali yokwelekela (subsidy) ukuqhubeka ukutshala leso sitshalo ngoba igavumente lalelo lizwe lifuna ukuqinisa ukuthi izwe labo lingeke lidinge ukuthola ukudla kwezinye izindawo noma amanye amazwe. 

Amazwe akhiqiza ukudla okungaphezu kokudingekayo ahambisa lokhu kudla kumazwe amanye. Kaningi lokhu kudla kubiza inani elingaphansi kwenani lokudla okukhiqizwayo lulelo lizwe. Lokhu kungenzeka ngenxa ukwelekela (subsidies) kwagavumente, kodwa kungenzeka ukuthi isimo sezulu ezweni elithile sizwana nokukhiqiza uhlobo lokudla oluthile (isibonelo: ezindaweni enzinjengaseNew Zealand abalimi bakhiqiza ubisi olushibhile ngoba izidlelo zabo zinamandla amaningi, kanjalo-ke bathengisa ubisi emazweni amanye lapho ukukhiqiza ubisi kunezindleko eziningi) 

Njengoba sishilo, ubukhulu bomhlabathi ukukhiqiza ukudla abuningi. Ukuze izwe elithile liqonde ukuqinisa ukuthi abantu bazoba nokudla nakusasa, kubalulekile ukuthi umhlabathi okhona usetshenziswe njalonjalo ukukhiqiza ukudla. Kodwa umhlabathi ungasetshenziswa ukukhiqiza ukudla uma abanini balowo mhlabathi bathola inzuzo. Ngokwamanje sisenkingeni ngoba izindleko zokukhiqiza ukudla okunjengommbila, ubhekilanga, amabele nosoya zikhuphuke kangaka akusekho inzuzo etholakalayo. 

Sizothini kubalimi abakhiqiza lokhu kudla?

Siluleka abalimi ukungatshali noma siphi isitshalo ngaphandle kokuqinisa ukuthi kukhona 

      imakethe laleso sitshalo futhi ukuthi intengiso yaso ingaphezu kwezindleko ezidingekayo 

      ukukhiqiza leso sitshalo. 

Sithi: uma utshalela umndeni wakho kuphela kulungile ngoba nizoba nokudla nakusasa. 

Emva kokuqinisa ukuthi umndeni wakho uzoba nokudla okwanele, zama ukuthola imakethe 

      bese utshalela lelo makethe kuphela. 

 

Njengokwamanje isikhathi sokutshala sesisondele, sinifisela umphumelo omuhle. Ukuthula, Imvula neNhlanhla.

