Farmers’ days (Maize) 									 IsiZulu



Kungani kubekhona izinsuku zabalimi nezifundo zezibonakaliso? 



Instructions:

Folio strap: Iphrogramu lokuthuthukisa abalimi

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthikisa Abalimi 

Photos: 

 

Iphrogramu Lokuthythukisa Abalimi liqonda ukuvusa nokuphatha amasinyana azoba amalinganiso abe futhi izibonakaliso lapho abalimi bazokwazi ukubona usizo okungatholakala lapho umhlabathi ulungiswa ngendlela efanelekile, lapho kufakwa umanyolo ofanelekile, lapho kukhethwa uhlobo lwesitshalo esizwana nomhalabathi nesimo sezulu kuleyo ndawo, lapho ukhula nezifo kuphathwa ngokufanelekile nokuvuna ngendlela efanelekile.



Abasebenzi kuleli phrogramu bahlanganisa ukumisa kwalawa malinganiso nabanye abakhona kulo msebenzi wokukhiqiza - kukhona abankontilaki, izinkampani ezithengisa izimbewu, ezinye zikamanyolo nezamakhemikheli ukuze abalimi bathole ulwazi oluphezulu mayelana nokukhiqiza

nangezindlela zokulima. 



Lapho izindawo zamalinganiso ayisibonisiso zimisiwe, kubalulekile kakhulu ukuthi abakhiqizi abathuthukayo abaseduze naleyo ndawo bakwazi ukubona konke okuphathelene nokutshala nokubheka izitshalo ezizotshalwa kulezo zindawo. Izinsuku zabalimi zinikeza abalimi ithuba lokuhlangana nabanye abalimi, nezinkampani ezinikeza izinto zokuqala ukutshala nabanye abakulo msebenzi abamenyiwe - abalimi bathola ulwazi oluningi kulezo zinsuku zabalimi. 



Bekukhona lezi izinsuku zabalimi ezilandelayo ngo-2008: 



UTonie Loots eNorth West – 9; 

UAmos Njoro eNorth West naseGauteng – 10; 

Jerry Mthombothi eMpumalanga – 10; 

UJohan Kriel eFreyistata – 11; 

ULawrence Luthango (oqale ukusebenza ngoMeyi 2008) Eastern Cape ubenezinsuku ezincane ezine. 



Ngalezi zinsuku zabalimi bekuxoxwa ngezinto eziningi ezahlukene. Ezinye ziyalandela: 



IPhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi; 

Ukusekela nomsebenzi weminyango ezahlukene yezokulima; 

Umanyolo nokuwasebenzisa ngokufanelekile - bekukhuluma abaningi kuzo zonke izinsuku; 

Ukuphatha ukhula nezifo; 

Ukukhetha izinhlobo zezitshalo; 

Ukulima okuyibhizinisi ne-ethanol engaba into ukungenisa khona ukudla okuzinhlamvu; 

Izidingo zokuthola imali yokukhiqiza; 

Ukumaketha ummbila; 

Okunikezwa iLand Bank; 

Umnyango Wezomhlaba nokuphinda ukwaba umhlaba; 

Inshuwalense yokuqala ukulima. 



 Kule phrogramu lethu sizama ukungenisa abantu abaningi abahlukene abasebenza ebhizinisini lezokulima ukuthuthikas abakhiqizi – kukhona indawo yabo ethile futhi banolwazi abalunikezayo. Kufanele kubekhona ukuhlanganisa kwayo yonke le misebenzi ukuze kubekhona ukuqhubekela phambili ngendlela ezokuba nakusasa. 



Ukuhlanganyela okumisiwe ngaphakathi kwethu nezinye izinhlangano:



MADC, Land Bank, ABSA, Standard Bank; 

Sasol Nitro, Omnia, Tsunami, Opticrop, Kynoch; 

Senwes, OVK, NWK, MGK, Suidwes Landbou, AFGRI; 

Iminyango Yezokulima neyeZomhlaba, Umnyango Wezamanzi, SEDA; 

NAFU, NERPO, MPO; 

Pannar, Monsanto, Agricol; 

Bayer, Wenkem, Novon/Protecta; 

ARC GCI; 

Taung College; ne- 

Santam Agri. 



