Farmer 2 (Maize) 									 IsiZulu 

Umlimi Omncane Wonyaka e-Eastern Cape

Instructions: 

Folio strap: Umlimi omncane wonyaka 

Byline: UJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Ablimi 

Photos: UBruce Nqezo, uSimphiwe Tshabu, uLeonard Nondonga, uColbert Timakhwe noCaledon Quta. 

 

Abalimi bonyaka abalima kancane e-Eastern Cape Small Scale Farmer sebakhethiwe. Ozophumelela phambili uzokhethwa edilini le250 Ton Club ngo-26 Agosti 2010. Bayalandela:



UBruce Nqezo

UBruce uneminyaka engu-56 wazalwa eKwadike A/A eLusikisiki. Waqeda uGrade 12 wase wayosebenza kuGold Fields eVaal Reefs ngo-1974 - 1976. Wabuyela ekhaya wayengumshayeli wogandaganda eMnyango Wezokulima, wasebenza futhi wyebizwa ngokuthi “Development Assistant”. Washada ngo-1984 unabafana abathathu namantombazane amabili. Omunye umfana useyunivesiti, ezinye izingane zisesekolweni. UBruce walahlekelwa umsebenzi wakhe wokushayela ngo-2000 wase waqala ukutshala ummbila emhektheleni amabili. Ngokwamanje ukhiqiza ummbila, ubhontshisi namazambane emhaektheleni amahlanu. 



USimphiwe Tshabu 

USimphiwe Elliot Tshabu wazalwa ngo-26 Meyi 1956 eNtshiqo Administrative Area eTsolo. Uye esokolwene waze wafika ku-Grade 6. Wasebenza ethekwini laseCape Town iminyaka eyisithupha waphinda wasebenzela iVandarly Esco iminyaka engu-20. Ngo-1997 wabuyela ekhaya waqala ukufuya izimvu nezinkomo. Ngaleso sikhathi watshala ummbila, ubhontshisi namazambane emzini. Washada ngo-1982, banezingane eziyisithupha, abafana abathathu namantombazane amathathu. Omunye umfana usuyasebenza kodwa abanye abantwana basesekolweni. Ngenxa ukulahlekelwa kwemisebenzi emayinini, uSimphiwe ucabange ukuthi kuzobangcono ukusebenzisa amasimu ache ukukhiqiza ukudla nokuthola inzuzo. Ngokwamanje utshala ummbila emehektheleni angu-14.

 

ULeonard Nondonga – omunye ogcinayo

ULeonard Nondonga wazalwa ngo-27 Okthoba 1950 eNjezweni Administrative Area. Waya esikolweni waze wafika kuGrade 8. Wayesebenza emayini eRustenburg futhi wasebenza futhi emayini yeplatinum kusuka ngo-1981 kwaya ku-1988. Washada ngo-1977 unabafana abahlanu – babili sebayasebenza abanye basesikolweni. Ngo-1989 walahlekelwa umsebenzi wakhe emayini. Wabuyela ekhaya waqala ukulima, watshala ummbila nobhontshisi. Emva kwesikhathi wathenga ugandaganda ukusebenza kangcono. Ngokwamanje usalima kodwa wenza umsebenzi wenkotilaki ukuthola enye inzuzo. Unamahektheli amane womhlaba wonke. 



UColbert Timakhwe – omunye ogcinayo

UColbert Timakhwe wazalwa ngo-5 Disemba 1944. Wakhulela nabazali bakhe emapulazini. Waya esikolweni waqeda Grade 7. Wase waya ukusebenza emayini eLesley eMpumlanga iminyaka eshumi. Wasuka emayini ngo-1989 waya eCape Town wasebenzela iMurray Construction. Ngo-1991 wabuyela ekhaya waqala ukulima. Ushadile ngesikhathi esebenza eMpumalanga, unabantwana abayisithupha: abafana abane namantombazane amabili. Bonke abafana bayasebenza, intombazane eyodwa isesikolweni. UColbert wayesebenzela umkhiqizi wokudla okuzinhlamvana iminyaka emithathu wathola ulwazi mayelana nokulima. Ngokwamanje uktshala ummbila emahektheleni amahlanu.



 

UCaledon Qutha – omunye ogcinayo

UCaledon Qutha wazalwa ngo-30 Juni 1959 eNjijini Administrative Area. Wakhulela khona futhi esikolweni eNjijini. Emva kwalokhu waya eMt Frere High School waphasa grade 12 futhi wathola idiploma lokuba uthishela. Emva kwalokhu waya eCape Town wafundisa khona. Washada ngo-1983, yena nomkakhe banezingane ezimbili: umfana nentombazane. Ngo-1989 wavula isitolo esithengisa izithelo namaveji. Wase waqasha esinye isitolo ngo-2004 wase wabuyela eNjijini eMt Frere lapho ungumnini wesitolo. UCaledon uqale ukubheka ukulima ngommbila ngoba ubone ukuthi abaningi abantu bakhawulile ukutshala ummbila. Kukhona futhi umhlaba omningi womuzi wonke ongasetshenziswa. Wabona inani elikhulu lomkhiqizo ezindaweni zaseKokstad. Ngokwamanje uCaledon utshala ummbila emahektheleni angu-20.

