Farmer 1 (Maize) 									 IsiZulu 

Umlimi wonyaka olima kancane waseMpumalanga – hlangana nalabo abakhethiweyo 

Instructions: 

Folio strap: Umlimi wonyaka olima kancane

Byline: UJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

Photos: UAlpheos Masina, uNkomisheni Mhlongo, uNyosi Mhlanga noVincent Mdluli 

Abalimi bonyaka abalima kancane eMpumalanga sebakhethiwe. Ozophumela phambili uzokhethwa edilini le-250 Ton Club ngo-26 Agosti 2010. Abakhethiweyo bayalandela:

UAlpheos Masina 

UAlpheos Masina wazalwa ngo-1948 eBadplaas. Ushade noChristina Ncongwane futhi banezingane ezisithupha. Wakhulela khona eBadplaas wayengayi esikolweni. Ngo-1965 waqala ukusebenza epulazini lezimithi eNew Town futhi wasebenza kuKruger Construction, bebakha umgwaqo osuka eBhabthoni oya eBadplaas. Ngo-1968 waqala ukusebenza epulazini lapho bekutshalwa khona ukudla okuzinhlamvana namaveji. Ngokwamanje utshala ummbila, ubhontshisi namaveji emahektheleni amane. 



Wayengumsizakali weNdwandwa Trust othole ipulazi eBadplaas mayelana nomthetho weLand Restitution. Usenamandla amaningi futhi ufuna ukufunda njalo. 



UNkomisheni Mhlongo – omunye ogcinayo

UNkomisheni Mhlongo wazalwa ngo-1953 endaweni encane eseNkomazi ebizwa ngokuthi Langeloop. Wakhulela kuleyo ndawo waqala ukuya esikoleni ngo-1959 eDriekoppies LP School. Emva kwalokhu waya eLomati Dry School ngostd 1 (grade 3) wase waphasa std 6 (grade 8) ngo-1971. Ngo-1974 waqala ukuphatha ikhefi elincane labazali bakhe. Ushade noNomasonto Ngwenya ngo-1975, banezingane ezingu-7 – abafana ababili namantombazane angu-5. Abanye abantwane bayasebenza kodwa omncane usasesikolweni. 

Emva kokuqala ukuphatha ibhizinisi, ngo-1975 walikhulisa. Uthenge futhi amalawunshi amabili wakha futhi isilaha waqala ukuthenga izimfuyo. Ngokwamanje unezinkomo ezingu-345. 

Ngo-1997 wabuyela ekulimeni ngoba abazali bakhe bebalima. Waqala ukutshala ummbila, amantongomane, umoba nezinye izitshalo. Ngokwamanje utshala umoba (7 hectare) nommbila nokunye ukudla okuzinhlamvana njengamantongomane, amathanga i-okra namamango – konke endaweni elinga namahektheli angu-20. Ummbila uyaniselwa (6 hectare). Lo nyaka uvune amathani ommbila angu-40, amantongomane angu-15 namathanga angu-20. Ngokwamanje uvuna imbumba (cow peas). 

UNyosi Mhlanga – omunye ogcinayo

UNyosi Mhlanga wazalwa eGutshwa ngo-1941 wakhulela lapho ngaphansi komkhandlu wesigodi sikaKhumalo. Kuyidolobhana elincane eliseduze naseWhite River eMpumalanga. Waqala esikolweni kuGutshwa School ngo-1952. Waphuma esikolweni emva kokuphasa standard 5 ngo-1959. Waqala ukusebenza ngo-1960 ePlaston. Wasebenza isikhathi eside emahothele ngokupheka nokuweyitha. Wayeshade noEvah Khumalo ngo-1964 kodwa yena usushonile. Banezingane ezimbili, umfana nentombazane. Umkakhe ushone ngo-2009. Ngokwamanje uhlala yedwa. 

Wakhulela endaweni lapho kwakulinywa ngumuzi wonke. Batshale ummbila, amantongomane nobhontshisi (jugo beans). Wayelusa futhi izimfuyo zabazali bakhe. Waqala ukulima yedwa ngo-1978 kodwa ngo-1982 wayeka ngoba kwakukhona ukoma okukhulu. Wase wasebenza eNgodwana. Ngo-2003 wabuyela ekulimeni, watshala amaveji, ummbila, jugo beans namantongomane. Ehektheleni elilodwa utshala amaveji, okunye ukutshala emehektheleni amane. Ngeminyaka emibili uqale futhi insinyana yokuhlola ummbila ohlukene. 

UVincent Mdluli – omunye ogcinayo

UVincent Mdluli wazalwa ngo-1941 eMahukhube (Spelanyane), eduze naseNaspoti, ngaphansi komkhandlu wesigodi sikaMpakeni. Kungumuzi omncane 50 km ngaphandle kwaseNaspoti eMpumalanga. Ngo-1949 waqala esikoleni kuRoman Catholic Church School eDaantjie Trust. Wayeka isikolo ngo-1957 emva kokuphasa std 7. Ngo-1960 waqala ukusebenza eNelspruit Sawmill. Ngo-1964 wayenguSupervisor, kodwa wahamba ngo-1972. Ngo-1976 wayebenzela Ellerines Furniture Shop wayengumthengisi waphinda futhi wayenguSupervisor ngo-1980. Wahamba kuEllerines ngo-1999. 

Washada noJosphinah Mndawe ngo-1964 – yena washona ngo-2003. Banezingane eziyisithupha – abafana ababili namantombazane amane. Ingane endala yazalwa ngo-1966 eyokugcina ngo-1985. Ngo-2007 washada noNonhlanhla Mavuso kodwa abanazo izingane. 

UVincent wakhulela epulazini ngoba abazali bebangabalimi. Bayesebenzisa izinkabi zokulima amasimu. Wayethanda njalo ukusebenza ngezimfuyo nokutshala. Ngo-2003 wayeqala ukulima ngokwakhe. 

Waqala ukutshala ummbila, amantongomane nojugo ngo-2003 emahektheleni angu-10 - 15. Ngokwamanje uhlangane noMnz Eros Mazibuko ongummeli omsizayo ngokusebenzisa ipaluzi lakhe ngendlela eafanelekile. Sebatshala ummbila kumahektheli angu-30, 6 ha amantongomane namehektheli amabili ngojugo. Banabasebenzi angu-8 nabashayeli bogandaganda abathathu. Basebenza ngogandaganda abangu-4, i’hammer mill eyodwa, amageja amathathu, amadiski amabili, ipulantela elodwa, iripha elodwa namaskofela amabili. UVincent unazo futhi izinkomo ezingu-11 nezimbuzi ezingu-15.

