Factors (Maize) 									 IsiZulu

Izinto ezishintsha inani lentengiso yamapulazi 

Instructions: 

Folio strap: Izindaba zezomhlaba 

Byline: Imininingwane itholwe esifundweni esibizwa ngokuthi “Resource Assessment and Farm Planning”. 

 

Ngokwejwayelekile inani lentengiso lepulazi belilingene nekhono lalelo pulazi ukukhiqiza ukudla. Nasemaphandleni abakhiqizi basathenga amapulazi ngenani elilingana nomnotho womhlaba othile ozoletha inzuzo ethile ekulimeni.



Inani lentelo ebizwa ngamabhange elehlayo elikhuphukayo nalo linomthelelo ngoba abakhiqizi abaningi basebenza ngemali ebolekiwe. Izimali ezingena ekwakheni kwezinto ezithile epulazini ezizophakamisa inani lepulazi nazo zeleka isithunzi enaneni lentengiso yezindawo ezilinywayo. 



Inzuzo evela lapho ungumnini womhlaba olinywayo ingavela kulokhu okulandelayo:

Ukukhiqiza izinto ezithile zokuthengiswa nguwe ongumnini osebenzayo kuleyo ndawo; 

Ukuqashisa izindawo zokulima noma izidlelo kubanye abafuna ukusebenzisa leyo ndawo;

Noma ungangena emhlanganweni nabanye abantu abalimayo ngesivumelwano sokusherishana.



 Ngakho-ke ukuthola inzuzo ngokuba umnini womhlaba kuhambelana nezinto ezimbili:

Ukusebenzisa umhlaba okwazi ukukhiqiza ngendlela echazwe ngaphezulu esikhathini esimfushane nasesikhathini eside; 

Inzuzo ezothalokala ngokuhamba kwesikhathi ngoba inani lentengiso yalowo mhlaba okhiqizayo lizokhuphuka njalonjalo. 

Lezi zinzuzo ezitholakala ngokuhamba kwesikhati zihambelana futhi nephesenti lenzuzo elikhuphukayo nelehlayo maqondana nesimiso sezomnotho ngesikhathi esithile. Ngokwejwayelekile inani lentengiso yomhlaba olinywayo, livame ukukhuphuka ngokuhamba kwesikhathi, kodwa emhlabeni jikelele lowo mhlaba awusaphathwa ngabantu abaningi, usezandleni zabantu abancinci. Ngakho-ke kunzima kubantu abasha abafisa ukukulima ukungena ekulimeni ngoba kunzima ukuthola ipulazi futhi nokulibhadala ngemali yemvuno ngesikhathi esimfushane. Kodwa lokhu kuyashintsha uma umhlaba utholakala ngegranti (LRAD), noma ngefa, noma ngemali ebolekiwe ngenani lentelo esabsadayizwa (njengohlelo olusha loMnyango Wezomhlaba olubizwa ngokuthi Proactive Land Acquisition Scheme (PLAS)). 

Ukuqasha umhlaba nacho sekushintshile, ngokuvamekile bekuyindlela abalimi abasha baqala ngayo ukulima, manje sekuyindlela yabalimi abakhulu bezomnotho ukwandisa umsebenzi wabo wokulima. Lokhu kufanele kuhlolwe kahle, kakhulukazi emhlabeni osetshenziswa ngumuzi wonke ngoba kukhona umhlaba omkhulu lapho akulinywa khona – lezo zindawo zingalinywa ngabalimi abanekhono lokwandisa ukulima ngendlela eletha inzuzo. Ukuqasha umhlaba kusiza abalimi ukwandisa umsebenzi wabo ngaphandle kokuthwala izikwenetu ezihambelana nokuba umnini womhlaba.

