Factors 										 IsiZulu

Izinto eziyinkinga kubalimi abasakhulayo

Instructions:

Folio strap: Iphrogramu lokuthuthukisa abalimi 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 



Ngokuhlolisisa Iphrogramu Lokuthuthukisa Abalimi lithole ukuthi kukhona izinto ezahlukene ezenza ukuthi kubenzima kubalimi abasakhulayo ukungena esikhundleni sabalimi bezomnotho abakhiqiza ummbila.

 

Kuzo zonke izinto eziyinkinga kubalimi, ezilandelayo zibalulekile kakhulu: 



Ogandaganda nemishini okusetshenziswa ngabalimi abasathuthukayo akusaphili kahle futhi abanamali ukuthenga izinto ezinsha noma ezingcono – inzuzo etholakalayo ekukhiqizweni kokudla okuzinhlamvu incane futhi abakwazi ukwenza amaphutha. 

Abaningi abalimi abakwazi ukusebenzisa imishini emisha ngokufanelekile – isibonelo: Umnyango Wezokulima waseMpumalanga banikeze ingxenye yabalimi ogandaganda nemishini emisha kodwa bayahluleka ukusebenza ngayo nokuyilinganisa. 

Abaningi abalimi badinga imishini ebalulekile njengesifafazo esin bhumu, bese abakwazi ukuphatha ukhula nezifo ngamakhemikheli. Azikho futhi izinhlangano ezithanda ukunikeza imali yokuthenga umshini omdala osasebenza, futhi umshini omusha ubiza imali enkulu, abalimi abanayo leyo mali. 

Ngokwamanje intela yemali (interest) iphakeme, uma uhlanganisa lokhu nezindleko zokukhiqiza, ukukhiqiza kwezinye izindawo akunanzuzo, akusasizi ukulima. 

Kukhona abaningi abalimi abanikezwe umhlaba mayelana nomthetho wokuphinda ukwaba umhlaba, kodwa lowo mhlaba awulunganga ukukhiqiza ukudla – labo balimi bafisa ukulima kodwa asikwazi ukubatshela ukulima emhlabathini ongaphansi kwa-700 mm ngokjula – ingozi yokushona phansi inkulu kakhulu. 

Enye inkinga edinga ukuhlolwa yilokhu: izindaba zezomthetho eziphathelene nokwaba umhlaba aziphathwa kahle. Kaningi umhlaba wanikezwa abantu abaningi (iTrust) abasisiweyo, kaningi bekukhona abantu abangaphezu kwa-30 abasizekile). Ekuqaleni bebacabanga ukuthi bonke bazosebenzana epulazini, kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwakuvela izinkinga eziningi, ekugcineni kusale abancinci abasizekile abenza wonke umsebenzi, kodwa abaneqiniso ukuthi bazokwazi ukuqhubeka nokuba nempilo nakusasa. 

Ukuthola imali yokuqala ukutshala kuyinxenye yezinkinga, kodwa kukhona abanye abazamile abaphumelele, isibonelo: iphrojekte lethu esilivusile noMnyango Wezokulima WeFreyistata neOVK ukusekela abalimi abakhethiweyo – iOVK inikeze yonke imali ukuze abalimi bakwazi ukufaka izimbewu emhlabathini ngesikhathi esifanelekile, futhi Umnyango uthe uzobuyisele igranti le-50% lalezo zindleko kuOVK ukuze labo balimi basizakale. Konke lokhu kusebenze kahle futhi bonke abalimi bebakwazi ukukhokhela izikwenetu zabo nokuthola inzuzo futhi, kodwa lapho besesifuna ukukhulisa le phrogramu njengokuvunyelwane, Umnyango waphendula wathi awunayo ibhajete laleyo mali! 

Lapho abalimi baphumelele ukuboleka imali, izinhlangano ezinikeza imali azisafuni ukupha enye imali yokulungisa nokuphatha imishini – uma abalimi bengenayo imishini ephilile bangeke bakwazi ukuba abalimi bezomnotho. 

Ezindaweni zaseBronkhorstspruit naseLichtenburg, iAFGRI lilimela abalimi abasathuthuka – basebenzisa abankontilaki abakhulu abamhlophe (abelungu), benza wonke umsebenzi wokulima (iAFGRI linikeza izindleko zokuqala bese lithatha 50% lenzuzo). Thina sinenkinga ngalokhu, ngoba: 

Abalimi abawufundi umsebenzi wokulima futhi abatholi lutho amakhono ukulima. 

Ayikho inzuzo etholakala ngabalimi ngamunye ngamunye – onke amasimu alinywa ngokuhlangana bese bonke abakhiqizi bathola inzuzo elingene maqondana nobukhulu bamasimu onke, hhayi umvuno othalakale emasimini omlimi oyedwa. 

Uma kwenzeka ukuthi ayisatholakali inzuzo kulo msebenzi, iAFGRI lizokhawula ukulima bese abakhiqizi bazoba enkingeni ngoba abakwazi ukuzilimela. 

Ukukhuphuka kwentengo kamanyolo kwenza ukuthi abakhiqizi abasasebenzisi inani likamanyolo elifanelekile – bese bathola umvuno omncane namasimu ayadleka ayalimala. 

IMaize Trust ivuse uhlelo oluhle lokusekela ukukhokhela izinto njengokuthela umcako, ukulima, ukufundisa nokukhipha inshuwalense. Kodwa lowo msebenzi uhanjiswa amabhizinisi ezokulima. Kaningi umlimi akasilo ilunga lebhizinisi lezokulima, noma uyahluleka ukuboleka imali kumabhizinisi ezokulima. Ngesinye isikhathi awekho amabhizinisi ezokulima (njengasezindaweni zaseEastern Cape) – bese umkhiqizi akakwazi ukusebenzisa ukusekela okunikzwa yiMaize Trust. 

Ukuqobelelana nolwazi komnyango wezokulima akusebenzi kahle – kaningi iziphathimandla zokuqobelelana nolwazi azinalo ulwazi, kaningi futhi abanesifiso sokusekela abakhiqizi. 

Ukuthola umhlaba ukulima kuyinkinga kwamanye amaphrovinsi – kakhulukazi lapho kungekho khona umhlaba womuzi wonke, njengaseFreyistata. Umnyango Wezindaba Zezomhlaba awusebenzi kahle – bayala ukukhokha imali ebizwayo lapho kuthengisw umhlaba omuhle wokulima, futhi lapho bathenga umhlaba, abaqinisi ukuthi abalimi banayo imishini yokulima – umlimi akadingi umhlaba othe zwi kuphela, udinga okuningi okunye ukuba umkhiqizi ozophumelela ekulimeni. 

