Education (Maize)									IsiZulu



Ukufunda nokuthola ulwazi ngokubona kuyahambisana



Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa ingcebo

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi



Kukhona abalimi abaqhubekela phambili abaphumelela kahle ekulimeni kodwa abazange bafunde – bathole ulwazi ngokubona nangokusebenza ngezandla ngoba bayawuthanda umsebenzi wokulima. Ukulima kuyimpilo yabo. 



Ukulima kungubuciko, kuyisayensi, kuyindlela yokuphila. Ekulimeni futhi kufanele kubekhona ithemba nokholo – eziningi izinto azikho ezandleni zakho ngoba ulima phandle nezulu alitshelwa. 



Isayensi lokulima seliqhubekile – kukhona ulwazi oluningi mayelana nezinto ezincane zezindlela zokulima. Wena ufanele uthole usizo nolwazi kulaba bantu abafundile ngoba wena ungumkhiqizi emasimini. Isibonelo, ukuhlolwa kwamasampula omhlabathi kuyinto okudinga ulwazi lwetheknoloji. Akudingeki ukuthi wena wenze lowo msebenzi wokuhlola – kudingeka nje ukuthi wena uwathathe njalo amasampula, thola ukuhlolwa bese lalela ukuthi lowo muntu ofundile othembekile uthini. Sebenzisa umanyolo maqondana nomlayezo ubheke izitshalo zakho. Sicela ukuthi uqinise uthole umlayezo omuhle futhi sebenzisa lowo mlayezo ngendlela afanelekile – khumbula kodwa, amehlo akho nolwazi oluthole ngokuhamba kwesikhathi kuzosiza futhi uthole umvuno omuhle. 



Thatha onke amathuba okufunda nokuqeqesha kulabo abafundile nalabo abanolwazi. Awukwazi ukufunda ukulima encwadini kuphela, thola umuntu onolwazi olugcwele. Kufanele uhlanganise imininingwane yakho maqondana nokufunda lapho usafuna ukuqhubeka ukufunda – sebenzisa amathebula alandelayo kodwa ungakhathazeki kakhulu uma ungayanga esikoleni. Isifundo sesikole sodwa asingeke sikusize ukuphumelela ekulimeni.



Ukufunda esikoleni 



I-grade eliphezulu oliphasile
 

 

 
Ukufunda emva kwesikole 
 

 

 


Ukufunda neGrain SA



Igama leqembu lokufunda
 

 

 
Izifundo ozenzile
 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 


Ukusebenza ekulimeni



Isisebenzi epulazini
 

 

 
Umkhiqizi ozisebenzelayo
 

 

 
Ukutshala
 

 

 
Izinkomo zenyama
 

 

 


