Demand										Zulu



Ukuvala isikhala ngaphakathi kokunikeza nokubiza kokudla



Instructions:

Folio strap: ITheknoloji Entsha

Byline: Wessel Lemmer, senior economist, Grain SA



Grabber: Lapha eAfrika ukuqhubeka komsebenzi oqondene neBio-fuel emhlabeni jikelele kusilethela amathuba amahle ukwandisa imisebenzi yethu ukuthuthukisa izimo zezimali ezweni lethu. Ngakusasa labo abazisebenzelayo bangahlangabeza naleyi misebenzi bathole ikhono lokuphakamisa isimo sempilo sabantu ngezikhathi ezizayo.



Intro: Uma amazwe omhlaba asenyakatho azilungisela ukusebenzisa ibio-fuelf, kufanele abheke ukuthuthukisa lowo msebenzi emazweni aseningizimu emhlabeni. Ngaphezu kwalokhu, kuyakhanya ukuthi ukudingeka kwezimbewu zokudla okuzinhlamvu nalezo ezinowoyela kuzokhuphuka kwande kabili ngeminyaka engu-20 - 30 engaphambili kwethu. 



Ngenxa yisidingo sokukhiqiza ukudla kwabantu nokuhambisa imishini (fuel), kufanele iYorubhu ibheke amandla emvelo angatholakala emazweni angaseningizimu Sahara Afrika. Ngoba kukhona ingcebo yemvelo eningi emazweni aseAfrika kunganikeza amandla ukukhiqiza ukudla ngendlela engabizi imali eningi. Lokhu kwenzeka ngoba kukhona isimo esihle sezulu nesomhlabathi ezindaweni ezinjengeAngola, eMozambique naseZambia. Kodwa kufanele amazwe angaseNingizimu Sahara Afrika ahloniphe imigomo yokuthengisa ngenkululeko lapho befuna ukufakwa kwemali, isibonelo, ukuhlonipha izimiso eziphepha amalungelo ebunini kwezindawo nezimpahla. 



Kufanele sibe nekhono lokuthengisa izingcebo zesiswe ngenani elingaphezulu emnothweni wesizwe ukuze sizokwazi ukusebenzisa umsebenzi wezomnotho ngendlela ephakeme. Ngale ndlela kuphela sizokwazi ukudala ubuqwepheshe okudingekayo ezindaweni ezingaseNingizimu Sahara. Only then will we be able to create the necessary efficiencies in the economy of the Sub Sahara regions. INingizimu Afrika ihamba phambili ngemigomo yokuthengisa ngenkululeko uma sibheka amanye amazwe alapha eniningizimu Sahara Afrika. INingizimu Sahara Afrika idings ukuthi iNingizimu Afrika ikhombise umhlaba jikelele ukuthi thina siyakwazi ukusekela ukungenisa kwezimali endaweni ephephile ezoletha ukukhula nokuthuthuka komsebenzi wezomnotho. Lapho iNingizimu Afrika yehluleka ukukhombisa amazwe asenyakatho ukuthi inalo ikhono nengqalasizinda ukusebenzisa ingcebo yesizwe ngendlela efanelekile, sizahluleka ukusiza amanye amazwe aseNingizimu Sahara ukuthola umnotho ozovela ekuthuthukisweni kwemisebenzi ophathelene nebio-fuel ngendlela enhle. 



Ukuthuthukisa komsebenzi ophathelene nebio-fuel emhlabeni jikelele kudala amathuba amahle okuthuthukisa umsebenzi wezomnotho. Abantu abafuna ukuzisebenzela bangangena kulemisebenzi baphakamise isimo sempilo sabo. Ngaphezu kwalokhu bazokwazi ukuthengisana ukuthola ukudla, nokutshala ukudla kwabo nokuthola inzuzo engathenga izinto ezinhle. 



Akufanelanga ukuthi silahle leli thuba lokuthuthuka. INingizimu Afrika inesibopho sokusekela ukuthuthukisa komnotho kwezinye izindawo lapha eAfrika. Ukusekela ukuthuthukisa komsebenzi webio-fuel lapha kithi kuzosiza ukukhiqiza ukudla okudingekayo. Abakhiqizi baseNingizimu Afrika banalo ulwazi nobuqwepheshe ukukhiqiza ukudla okuningi kodwa alikho imakethe lapho umkhiqizo ungathengiswa khona. Uma umsebenzi webio-fuel uqhubeka kungatholakala imakethe enhle. Kanjalo kuzokwakheka ulwazi oluningi esingaluhambisa kwezinye izindawo eAfrika. Izindleko zokwakha lo msebenzi emhlabeni jikele zikhuphuka njalo, ngakho-ke kufanele kwakheke ingqalasizinda enhle ezosiza ukuqhubeka kwalo msebenzi. Futhi, umgwamanda udinga isibonakalo sokuzayo esikhanyayo ukuze sithole izikhuthazi ezifanelekile. 



Into ebeqhubekisa ukuthuthuka kwebio-fuel eUSA, bekumkhiqizo omningi kakhulu nokushintsha iMTBE ngebio-ethanol. Kuyini okuqhubekisa umsebenzi ophathelene nebio-fuel lapha eNingizimu Afrika? Kungukuhambelana nokulondoloza ingcebo yemvelo noma ngukuphakamisa isimo sempilo sabantu abasemaphandleni? Uma sibheka ukukhuphuka kwentengo yokudla sihlangana nesimo esishintshayo emhlabeni jikeleleIe futhi lokhu akusikho ukwehla okukhulu kwamandla emali. Lokhu kunomswazi ngoba sidinga imvumo kuhulumeni ukuze sikwazi ukuqhubekela phambili ngesikhathi esiseduze nokuvota futhi. Ngakho-ke asikwazi ukuqonda kahle ukuthi kuzokwenzeka ini ngoba abaphathi abasikhombisi kahle indlela eya phambili mayelana nokuthuthukisa ibio-fuel eNingizimu Sahara Afrika. Kodwa kubalulekile ukubheka lezi zinto ezingadala ingozi maqondana nesikhathi eside esiphambili – singacabangi kuphela ngezingozi ezingavela ngesikhathi esiseduze namanje.



IGrain SA ibheka ukuthuthuka kwebio-fuel njengethuba likahulumeni ukudala umoya wokuzwana ekungenisweni kwemali ezweni, futhi bayeke bashiye imigomo ekuthengisa ngenkululeko yenze umsebenzi wayo ngaphandle kokuza ngezinkinga ezinjengamalayisense, imithetho nokunye okuvimba izindlela zokusebenzisa umkhiqizo ngokuthanda kwethu, siqhubeke.

 

Uma sibheka ukuthuthukisa kwezinhlobo zezitshalo, siboqaphela ukuthi umoba awusiwo isitshalo esisodwa sokudla esingasetjenziswa ukwenza ibio-fueI, futhi singazami ukulinganisa isimo somhlabathi nesezulu ngamanye amazwe aseningizimu emhlabeni. Kukhona izimakethe eziningi zebio-fuel eduze nezindawo ezikhiqiza ummbila namabele enyakatho ezweni lethu, futhi nasezindaweni lapho kuna khona ebusika kukhona ukudla okunjengokolo, itriticale noma ubhali okuzokwazi ukusekela ukuthuthukisa ukwenza kwebio-fuel.



Ukuze sikwazi ukuvala isikhala ngaphakathi kokudla okunikezwayo nalokhu okubizwayo, kufanele sithole iziqhubekezo ezizolethela omabelwashezi inzuzo enhle. Uma sivunyelwa ukuthuthuka ngenkululeko sikholwa ukuthi okunikezwayo emkhiqizweni kwebio-fuel kuzovuselela amandla ukwandisa umkhiqizo ekulimeni. Lokhu kuzovimba ukwehla kwenani lomkhiqizo wokudla okuzinhlamvu nezimbewu zikawoyela. Futhi, kuzovuselela amathuba ukuthuthukisa umsebenzi wokulima okuzosiza abantu bethu abasemaphandleni.



Umhlaba jikelele ufanele ubone ukuthi iNingizimu Afrika iyakwazi ukusekela ukuthuthukisa ukwakha amabio-fuel ezindaweni zaseNingizimu Sahara Afrika. Lokhu akungeke kusekele izimiso zeASGISA kuphela, kodwa kuzosekela lezo zeNEPAD okuzokwakha ikusasa elihle lezizukulwane ezizayo. 

 

